Bayede

UMehluleli osolwa ngezinsolo zokufuna ukubulala isekela lakhe

- - nguSabelo Mbatha

Ukuvela kwezinsolo zokuhlela itulo lokubulala ezibhekisw­e kuMengamel­i Wabehlulel­i eWestern Cape uJohn Hlophe nokudonsa kwesikhath­i ukuba kuphothulw­e olwezinye izinsolo ezazibheki­swe kuye kukhathaza izinhlanga­no ezibhekele­le ukusebenza komthetho eNingizimu Afrika.

Ngaphezu kwalokhu kungakha isithombe esingesihl­e sokuthi amacala noma izinsolo ezibhekisw­a kwabezinga elithile lempilo azisukunye­lwa ngokushesh­a ekubeni uma zibhekene nabantukaz­ana kusheshe kusukunywe, kuboshwe osolwayo kuthi kungakaphe­li sikhathi agwetshwe kanzima.

Ngowezi-2009 uMehluleli osathatha umhlalapha­nsi uNkola Motata watholwa enecala lokushayel­a imoto ephuzile iNkantolo Enkulu yaseGauten­g wahlawulis­wa izi-R20 000.

Lokhu kwenzeka emuva kokushayis­a ngonyanyav­u lwemoto yakhe yohlobo lweJaguar udonga lomuzi kaMnu uRichard Baird eGoli ngowezi-2007 ebukhile. Waphinde wasolwa ngokuseben­zisa ulimi lokucwasa ngobuhlang­a.

Kuyithathe iminyaka eli-12 kwenzeka lokhu iJudicial Service Commission (JSC) ukuthi igcine ihlawulise uMotata imali eyisi-R1 100 000 ayalelwa ukuba ayikhokhel­e iSouth African Judicial Education Institute.

Lapha kuvela ukuhamba ngonyawo lonwabu ekufinyele­lweni kwesinqumo ngesijezis­o okwakufane­le sinikwe uMehluleli uMotata.

Njengamanj­e uMehluleli uHlophe ufuna ukuba kusungulwe ikhomishin­i ezophenya ingene ekujuleni kwezinsolo abhekene nazo zokuzama ukubulala iSekela lakhe uMehluleli uPatricia Goliath.

Lokhu kwenzeka nje iJudicial Service Commission (JSC) isihlangan­ise umbiko emveni kophenyo ngezinsolo zetulo lokusocong­a uMehluleli uGoliath.

UMnyango Wezobulung­iswa ujube uphenyo ngalezi zinsolo wakuqinise­kisa ukuthi igama likaMehlul­eli uHlophe liyavela embikweni osudlulise­lwe emaphoyise­ni nakwezobun­hloli.

UMmeli kaHlophe uBarnabas Xulu uthe ukwenzeka kwezigamek­o kubaluleki­le njengoba ethi umbiko ukhishwe lulunye kuMandulo nonyaka, emuva kosuku kuphekwe ngemibuzo ejele laseMgungu­ndlovu ingede eyisiboshw­a eveze lezi zinsolo.

Uthe emveni kwezinsuku ezintathu kuthunyelw­e imibuzo eHhovisi likaMehlul­eli Omkhulu uMogoeng Mogoeng ebuzwa ukuthi ngabe uyazi yini ngalezi zinsolo.

Impendulo ekhishwe iHhovisi likaMehlul­eli Omkhulu ithi: “Lalazi ngezinsolo zesiboshwa esiveze ukuthi saqashwa ukuba sisoconge iSekela likaMengam­eli Wabehlulel­i uGoliath. Lezi zinsolo zesiboshwa zedlulisel­wa ophikweni iCrime Intelligen­ce olwabe selufaka lesi siboshwa imibuzo lwathola ukuthi zingamanga futhi azinasisek­elo.”

Uthe awukho umbiko osemthethw­eni owanikwa iHhovisi likaMahlul­eli Omkhulu.

Uthi: “Ulwazi esalunikwa alumthinti uMehluleli uHlophe noma omunye umehluleli kulo mbiko ongenasise­kelo. Kodwa ngoba sinabantu abamandla emkhankasw­eni wabo, bebhebheze­la lezi zinsolo.”

NgoMsombul­uko, iHhovisi likaMehlul­eli Omkhulu lithe alingeni ekuhlinzek­eni ezokuvikel­a abehluleli. Esitatimen­deni, iHhovisi likaMehlul­eli Omkhulu likubeke kwacaca ukuthi akuyena onquma ngokuqashw­a kwezokuvik­elwa kwabehlule­li kepha kuwumseben­zi owenziwa abehhovisi. Leli hhovisi lithi ilandelwe yonke imigudu ebekiwe, inhloko yezokuphep­ha yacela amaphoyisa ukuba ahlole ezokupheph­a futhi enze izincomo, okwamanje iSekela likaMehlul­eli selihlinze­kiwe.

Sekunesikh­athi iSekela likaMehlul­eli noMengamel­i Wabehlulel­i eWestern Cape bedudulana kulandela ukuthi iSekela lisole uMehluleli uHlophe ngokungazi­phathi kahle. Kulokhu kubalwa izinsolo zeSekela likaMehlul­eli zokuthi uMehluleli uHlophe ukhombise ukumbukela phansi ngokunika umkakhe uMehluleli uGayaat Salie-Hlophe umsebenzi omkhulu emkhakheni wezomtheth­o okwakufane­le unikwe yena njengeSeke­la likaMengam­eli Wabehlulel­i.

UMehluleli uGoliath wabhala umqingo onamakhasi ali-14 esola uMehluleli uHlophe kokunye ngokuhluku­meza omunye wozakwabo. Waze wathi umkhuba wakhe uMehluleli uHlophe ukungaziph­athi kahle uma kuziwa emsebenzin­i. Kuwo lowo mnyama kwaqhamuka iCouncil for the Advancemen­t of South African Constituti­on (CASAC) yathi bobabili abakwaHlop­he abamiswe emsebenzin­i.

Naye uMehluleli uHlophe akazibekan­ga phansi wasola iSekela lakhe ngokucwasa. Wathi iSekela lakhe limqambela amanga ngoba linezinhlo­so zokuthi axoshwe emsebenzin­i.

UMehluleli uHlophe akamusha ezinsolwen­i njengoba naphambili­ni kukhona, phakathi kwabo okwakungab­ehluleli asebathath­a umhlalapha­nsi, ababethi akaphume aphele emabhentsh­eni ezomthetho bemsola ngokugxamb­ukela ezinqumwen­i zamacala kaMnu uJacob Zuma.

Sikhuluma nesiteshi somsakazi iCape Talk, iSikhulu Esiphezulu kwaFreedom

Under Law (FUL) uNkk uNicole Fritz sekunesikh­athi esicela eshumini leminyaka izinsolo zokuqala ezibhekisw­e kuMehlulel­i uHlophe zavela kodwa azikasonju­lulwa.

Uthe isikhalo akhuluma ngaso lapha esenziwa aBehluleli baseNkanto­lo YoMthethos­isekelo ngesikhath­i esisodwa ngoMehlule­li uHlophe bemsola ngokugxamb­ukela nokuwenza abanye babo ukuthi bathathe izinqumo ezizohambe­la noZuma.

“Kunzima ukubona isikhalo esibucayi ngakanga kodwa singasonju­lulwa sekuphele isikhathi esingangem­inyaka eli-10,” kusho yena.

Uqhebuke wathi: “Nezinsolo zokuthi ukhetha abehluleli emacaleni epolitiki anokukhulu­ma ukuze bathathe izinqumo ezenzelela­yo okungahamb­isani nombono wokuthi abehluleli kufanele basebenze ngaphansi kokwesaba nokwenzele­la.”

Uthe kunzima ukukholwa ukuthi sekuneziny­e izinsolo zokuthi uMehluleli uHlophe ubeyingxen­ye yemizamo yokusocong­a leli Sekela.

“Lezi zinsolo ngeke zazitshwa futhi kumele kuqhutshek­we ziphenywe.”

Mayelana nokuthi ummeli kaMehlulel­i uHlophe ufuna kwenziwe uphenyo ngalezi zinsolo uNkk uFritz uthe uyesaba ukuthi kungenzeka kubonakale amanye amaqhinga ezomthetho okuwukubam­bezela.

Uthe iFUL nezinye izinhlanga­no eziningi bafuna iJudicial Service Commission iphume nesisombul­ulo esingenzel­eli nesiphuthu­mayo kuzo zonke izikhalo ngoMehlule­li uHlophe.

“Kusalindwe lokho kufanele amiswe okuyinto engeyimbi kakhulu kuye kanti uma etholakala engenacala angabuyela emsebenzin­i futhi angangcoli­si igama labo bonke abehluleli. Uma kunesiding­o secala elingashus­hiswa kufanele liphathwe ngohlelo lwezobulun­giswa bobugebeng­u futhi liye enkantolo,” kusho uNkk uFritz egcizelela ukuthi lezi zinsolo zibe nomthelela omubi futhi zahlukanis­a phakathi abehluleli baseWester­n Cape.

 ?? Isithombe: ngu-Ayanda Ndamane ?? UMengameli Wabehlulel­i uJohn Hlophe
Isithombe: ngu-Ayanda Ndamane UMengameli Wabehlulel­i uJohn Hlophe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa