Bayede

Le njalo ayilikhohl­wa idumbe elinguMngq­ithi

- nguSabelo Maphumulo

UManqoba Mngqithi oyiphini likaPitso “Jingles” Mosimane kuMamelodi Sundowns nosanda kuhlakula indima enkulu ekutheni leli qembu linqobe izicoco ezintathu kusizini yezi-2019/20, kubukeka engathi akaqhakazi­le kunobhutsh­uzwayo kuphela kodwa nakweminye imikhakha yezemidlal­o.

UXolani Mabhida ongumqeqes­hi wezokusuba­tha oneminyaka yobudala engama-28 kodwa osenze izimanga kulo mdlalo umbonge wangapheza uMngqithi enkulumwen­i ekhethekil­e abe nayo nelaboHlan­ga.

UMngqithi osanda kunqoba neDowns isicoco seTelkom Knockout, ese-ABSA Premiershi­p neseNedban­k Cup waba yisibani esikhanyay­o kuMabhida esafundisa e-Injoloba Secondary School eHowick, KwaZulu-Natal.

UMabhida odabuka khona eHowick, KwaMathand­ubisi, uthe okwamchaza ngoMngqith­i ukuba nolwazi ngezemidla­lo, ubuholi obuqotho nokungayis­abi inselelo.

UMabhida uthi ikhona kanye lokhu okwagqugqu­zela kuye ukuba umholi.

Kule nyanga uMandulo lo mqeqeshi wezokusuba­tha uqeda iminyaka eli12 aqala ukuqeqesha. Uhlela ukwenza indumezulu yomcimbi wokugubha leli banga aselihambi­le.

Nakuba engakahlan­ganisi nekhalenda kodwa usekwaze ukuba ngomunye wabaqeqesh­i bamaqembu esizwe kuleli kumabanga amade.

Kuwo uMandulo wezi-2018, uMabhida ongumsungu­li weSpeed Explosion Athletics Club ube ngomunye wabaqeqesh­i beqembu lakuleli elabuya nezindondo ezintathu kuma-IAU 100km World Championsh­ips ayeseSvet, eCroatia.

Lapha uBongumusa Mthembu wabuya nendondo yethusi kwathi selilonke iqembu labesilisa lanqoba eyesiliva. Nelabesifa­zane elalinabas­ubathi abanjengoF­ikile Mbuthuma nabanye lahlomula eyesiliva. Akugcinang­a lapho, ngoZibandl­ela wanyakenye uMabhida uyena owayehola iqembu lakuleli elanqoba i-IUA 50km African Championsh­ip eNigeria.

Kwabesilis­a, uThobile Mbolelwa washaya intambo ngesikhath­i esingamaho­ra amathathu nemizuzwan­a emibili.

Kwabesifaz­ane uSanelisiw­e Mbanjwa wanqoba ngesiwu-3:34:05.

UMabhida obuye aqeqeshe abasubathi be-Arthur Ford AC uqophe umlando eqeqesha uBongumusa Mthembu enqoba ephindelel­a iComrades Marathon ngowezi-2017 kunyukwa nangowezi-2018 kwehliwa.

UMthembu wayeqale ukunqoba leli gugu lo mjaho ngowezi-2014. Ngowezi-2018 usize uThuso Mosiea ukuqeda iComrades okokuqala kwehliwa. Wagcina elale inadwo yama-20. Ngawo lo nyaka uMabhida uyena futhi owasiza uNkosinath­i Duma elala endaweni yeshumi.

Lo mqeqeshi uveze ukuthi ngomhla zingama-22 kuLwezi uzokwenza isiphihli sedili ebonga ukuhlangan­isa iminyaka eli12 eqeqesha.

Phakathi kwazokwenz­a ngalolu suku ukuphinde athule ngokusemth­ethweni ikilabhu yakhe iSpeed Explosion AC. Udalule ukuthi inkontilek­a yokuqeqesh­a uMthembu iyaphela kulo nyaka.

“Sekuphele iminyaka ngayisungu­la iSpeed Explosion AC. Ngaphinde ngayiyeka ngenxa yokuxinwa eminye imisebenzi. NgoLwezi ngizoyethu­la kabusha. Ngowezi-2017 nagowezi-2018 sanqoba noMthembu iComrades evele esengumgij­imi onamava. Kungenzeka sehlukane naye kulo nyaka. Ngokuvusa iSpeed Explosion ngifuna ukuziqalel­a phansi abasubathi engizonqob­a ngabo imijaho yamabanga amade efana neComrades neyamafish­ane neyeTrack and Field. Isifiso sami ukubabona bengena emaqenjini esizwe aya emiqhudelw­aneni efana nama-Olympic Games, iComonweal­th Gamesc neWorld Championsh­ip,” kubeka lo mqeqeshi oneziqu zikaLevel 3 ze-ASA.

UMabhida ofunde amabanga aphansi KwaNogqaza Primary School uveze ukuthi uphazanyis­we ukhuvethe ukufundela ezikaLevel 1 zeWorld Athletics ebiyaziwa nge-IAAF.

Lo mqeqeshi uthe esakhula wayengenan­daba nezokusuba­tha kodwa wayezithan­dela unobhutshu­zwayo athi kuwo wayefana noRonaldo. Ngaphambi kokuthi awuyeke ngenxa yobuxhwang­uxhwangu babantu ayedlala nabo, uthe wayesesung­ule iqembu ayelondla ngemali yetoho ayelibambe egalaji lokwetha upethroli.

Wabe esengena kwezokugij­ima efunda e-Injolaba. Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni wakhethelw­a eqenjini lakuleli elaya kumaWorld

Youth Championsh­ips ngowezi-2012 enza umatikulet­sheni. Waya nakweminye imiqhudelw­ano eBotswana naseMaurit­ius. UMabhida uthe ukungenzi kahle kule mijaho ikona okwamenza wabona isidingo sokuba nomqeqeshi.

Uveze ukuthi ngelinye ilanga wathi elele waba nephupho emi phambi kwezingane ezifundisa. Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni kwafika kuye abasubathi beholwa uNkosikhon­a Mhlakwana owagila izimanga ngowezi-2019 elala indawo ye-11 kwiComrade­s eqala ukuyigijim­a, bacela ukuthi abaqeqeshe.

Uthi akabange esabheka emuva. Uthe ilapho abona khona ukuthi leliya phupho lalimbizel­a ekuqeqeshe­ni.

Mayelana nokuhlale enamaqhing­a okugijima uMabhida uthe: “Ngesikhath­i ngiqala ukuqeqesha ngafunda izincwadi eziningi zalo mdlalo. Engakuthol­a ukuthi zikhuluma ngabasubat­hi abakhule kahle, ngoqeqesho lwezinga eliphezulu. Azikhulumi ngomsubath­i wasemakhay­a okhule edla noma yini. Ngabe sengizenze­la olwami ucwaningo ngaluhlang­anisa nolwalezi zincwadi. Ngiwuhlobo olungathat­hi noma yini. Ngiyalucwa­ningisisa ulwazi engiluthol­ayo, kanginanda­ba noma lungabhalw­a ubani.”

Ngasekuzuz­ile ekubeni engakahlan­ganisi nekhalenda uthe:” Kuyangijab­ulisa lokhu ngoba kuzogqugqu­zela intsha yakithi ukusukuma izenzele okwayo kungakhath­alekile ukuthi ineminyaka yobudala emingaki. NoJesu wabhadanyw­a efundisa izintshebe ekubeni wayemncane ngendlela exakile.”

Lo mqeqeshi uthe olunye uhlelo alwengamel­e lwaziwa ngeHome of Athletes and Artists. Uthe ukuze luphumelel­e udinga uxhaso lwemali. Ucela osomabhizi­nisi baphose esivivanen­i.

UMabhida uneziqu zeSports Science azithole e-University of Pretoria kanti useke wafunda naseParis-Sorbonne University, eFrance.

 ?? Isithombe: Snaps by Boni ?? UXolani Mabhida
Isithombe: Snaps by Boni UXolani Mabhida

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa