Bayede

Izinsongo zabasemjon­dolo

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Kuqiniswe ezokupheph­a abashelwe yimijondol­o yabo besabisa ngokungena ngodli ezindlini zomxhaso kaHulumeni ezingaphan­si kukaMasipa­la.

Njengoba kuleli sonto iStatistic­s South Africa (Stats SA) ikhiphe umbiko ngezibalo zabantu abangasebe­nzi eNingizimu Afrika, umfelandaw­onye wezinyunya­na iCongress of South African Trade Unions (Cosatu), isisole uHulumeni ngokushaya indiva iziphakami­so zabo ebezingagw­ema ukulahleka kwemiseben­zi.

Embikweni wayo ewukhiphe ngoLwesibi­li iStats SA ithe ekoteni lesibili kowezi-2020 isibalo sabantu abangasebe­nzi sikhuphuke ngamaphese­nti ama-2.3 uma kuqhathani­swa nekota lokuqala. Isibalo sabantu abangasebe­nzi noma abangakwaz­anga ukuthungat­ha imisebenzi okanye ababengena­yo imali engena emaphaketh­eni ngesikhath­i sokuvalwa kwezwe sehlile saba ngama-23% sisikuka kuma-30.1%.

Umbiko uqhuba uthi izakhamuzi eziyizigid­i ezimbili zilahlekel­we imisebenzi kuleli kota lesibili, okukhomba ukuthi bangamaphe­senti angama-42.0 abantu abangaqash­iwe.

UMnu uSizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke uthe into ekhuphula isibalo sabantu abangasebe­nzi ukuthi njalo ngekota iStatsSA iyazikhiph­a izibalo kepha uHulumeni waseNingiz­imu Afrika awuyilande­li imigomo emisha ehambisana nesimo.

“Isabelomal­i esenzeka ngoNhlolan­ja kwakumele sibheke imibiko eyakhishwa ngekota yesine kodwa akubanga njalo,” kusho yena.

Ebuzwa ukuthi ibaluleke ngani imihlangan­o ebanjwa njalo kuthiwe kuzanywa ukuhlenga isimo njengoba nayo iCosatu iba ingxenye yayo, uthe sekufike isikhathi lapho bengaboni ukuthi kusizaphi ngoba uma benezingqu­ngquthela bayaqhamuk­a nezixazulu­lo kodwa uHulumeni ungazisebe­nzisi.

Uthe ezinye zezixazulu­lo abaqhamuka nazo zazizokweh­lisa ingcindezi kubaqashi ukuthi badilize izisebenzi.

“Uma sinezicelo zifike zibukelwe phansi kuKhabhine­thi kepha asikalilah­li ithemba,” usho kanje.

Umbuzo okhona kwabaningi owokuthi njengoba iCosatu ikunxathat­hu ne-African National Congress (ANC) ayikwazi yini ukusebenzi­sa lawo mandla ukufaka ingcindezi eqenjini elibusayo?

UPamla uthe inkinga ekhona ukuthi njalo uma iCosatu iba neziphakam­iso kudingeka ukuthi kube nomdonsisw­ano ikakhuluka­zi ngasohlang­othini loMnyango Wezezimali kuzwelonke.

Mayelana nokubhekel­ela izisebenzi uthe: “Siyinhlang­ano ethola izimfuno ezisebenzi­ni, asikwazi ukwenza ngendlela yethu noma kuthathwe izinqumo ngaphandle kokuthi kubikwe kubo. Sinohlelo lokuthi njalo emva kweminyaka emihlanu sibikele izisebenzi ukuthi sisebenze kanjani bese ziphinda zisinika umsebenzi omusha nokuthi yini okumele siyenze. Umsebenzi wethu akukhona ukuthi senze ngendlela esicabanga ngayo kepha ngaleyo efunwa izisebenzi lezi esizimele.”

Ongoti kwezokuqas­hwa kweziseben­zi bathi njengoba isimo sinjena eNingizimu Afrika namabhizin­isi esazama ukuzithint­itha amanye esavaliwe ngenxa yokhuethe, ukufuna amaholo aphezulu kwezinyuny­ana kuzokwandi­sa amathupha okulahleka kwemiseben­zi ngoba abaqashi bazodiliza bezama ukonga imali ukuze bakwazi ukuholela izisebenzi ezizosinda ezembeni.

Kodwa uPamla ephawula ngalokhu uthe: “Asivumelan­i nalokho ngoba asibazi ukuthi uma bekhuluma ngemiholo ephezulu eNingizimu Afrika bakhuluma ngani. Siyizwe elinomkhaw­ulo wemiholo ophansi kakhulu, kukhona izisebenzi ezihola imali engaphansi kwezi-R6 500 ngenyanga ngakho-ke akukwazi ukuthi umuntu ngonyaka wezi-2021 kuzo zonke izinkinga esibhekene nazo uzobe esahola imali engaka. Abantu baseNingiz­imu Afrika bacwile ezikweleti­ni ngoba imiholo yabo ayanele, kunabantu abangamaph­esenti angama-48 abasebenza­yo kepha bayizichak­a.

Kumele abantu bangasho izinto nje abazikhulu­mayo kepha babheke amaqiniso. Izinyunyan­a zimele abantu abahola kancane kakhulu, iningi labahola kangcono abekho ngaphansi kwazo. Labo ngoti abeze nazo izinombolo sizibone, thina esisebenza ngeziseben­zi siyazi ukuthi izisebenzi zaseNingiz­imu Afrika zihola kancane kakhulu.”

Kolwezibal­o zabangaseb­enzi, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ithi izibalo zakamuva zichaza ukuthi inani labantu abangasebe­nzi likhulu kakhulu kunalokhu okubikwayo. UNobhala weSaftu, uMnu uZwelinzim­a Vavi, uthe izinombolo zabangaseb­enzi azishayi khona.

Uthe abakwaStat­sSA banenselel­o yokuqoqa ulwazi esigabeni sesibili sokuvalwa kwezwe.

“IStatsSA kubize ukuba ithembele ezingcingw­eni ukwenza ucwaningo lokhu okuthikame­za ukusebenza kwayo, lezi zibalo azishayi khona. iSaftu iyakholwa ukuthi ukugeja kwalezi zibalo kuyefana nokushaya eceleni kwezabantu abashone ngenxa yokhuvethe,” usho kanje.

 ?? Isithombe: nguDuane Daws ?? UMnu uSizwe Pamla
Isithombe: nguDuane Daws UMnu uSizwe Pamla
 ?? Isithombe: nguDaniel Born ?? UMnu uZwelinzim­a Vavi
Isithombe: nguDaniel Born UMnu uZwelinzim­a Vavi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa