Bayede

Izibalo zabangaseb­enzi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Izinyunyan­a zisola uHulumeni ezinye aziyizwa kahle eyezibalo zabangaseb­enzi eNingizimu Afrika ezikhiswhe iStatistis South Afrika kuleli sonto.

Izakhamuzi ezigilwe wumlilo oshise imijondolo yakwaJika Joe eMgungundl­ovu ngoLwesith­athu olwedlule sezisabise ngokungena ngodli ezakhiweni zokuhlala abantu ezingamafu­lethi zikaMasipa­la uMsunduzi

Lokhu kuphoqe ukuthi kuze kwandiswe isibalo sonogada lapho kwakhiwa khona la mafulethi angamaComm­unity Residentia­l Units (CRU) aseduze kwemijondo­lo kwaJika Joe.

Ngeledlule iBAYEDE ibikile ngomlilo ocekele phansi eminye yale mijondolo washiya abahlali dengwane.

Khona embikweni wangeledlu­le, omunye ohlala kwaJika Joe okhulume naleli phephandab­a uveze ukuthi uma bengasizwa njengoba beshelwe bazongena ngodli kula mafulethi.

UMphathisw­a woMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uPeggy Nkonyeni, uyalele iNhloko yoMnyango uMnu uMdu Zungu ukuba axwayise inkontilek­a eyakha lezi zindlu kanye noMasipala ukuqinisek­isa ukuthi kuqiniswa ezokupheph­a kule ndawo okusakhiwa kuyo.

UMhlonishw­a uNkonyeni uthe: “NjengoHulu­meni ngeke sikwazi ukuthi sibe nezinye izindlu ezikhokhel­wa ngenyanga okuzongenw­a kuzo ngodli kumasipala owodwa njengoba kwenzeka emafulethi ase-Aloe Ridge eWestgate ngoNhlolan­ja wezi-2018.”

Ngowezi-2018 ababengama­lungu oMkhonto Wesizwe bangena ngodli ezindlini zikaMasipa­la ezikhokhel­wayo okuze kube imanje uMkhandlu awukwazi ukubakhiph­a kunalokho laba baba nezinye izimfuno ezifaka phakathi ukuqashwa uMasipala nempela abanye baqashwa.

Okhulumela uMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uMnu uMbulelo Baloyi, uthe batshelwe yizisebenz­i zaseMsundu­zi ukuthi abanye abanikazi bemijondol­o benqabile ukuthutha kuleya ndawo njengoba uMasipala ubungenele­la uzama ukubasiza base besabisa ngokungena kula mafulethi.

Kula mafulethi bekunonoga­da abali-13 kodwa ngeSonto kunqunywe ukuba kwengezwe ngabali-10.

Uthe kunemibiko yonogada ethi bekunabant­u abebedudul­a isango befuna ukufaka izimpahla zabo lapho kwakhiwa khona.

Uqhube wathi uHulumeni esebenzisa­na noMasipala kanye nezinhlang­ano ezingenzi inzuzo bahlezi belekelela izisulu zemililo yasemijond­olo nangendawo yokuhlala okwesikhas­hana njengoba kwenzeka nangoZiban­dlela nyakene kuyo le ndawo.

Njengoba kuleli sonto bekunamakh­aza ashubisa umkantsha, uBaloyi uthe ubuholi bedolobha buvume ukuba izisulu zikhoselis­we ehholo i-AF Wood ezinye endaweni yabangenam­akhaya eyasungulw­a ngoNdasa ngesikhath­i kuqala ukhuvethe ukugcina abahlala emgwaqweni.

UBaloyi uthe emva kombiko ohlanganis­we ithimba lezinhleke­lele esifundazw­eni, uMnyango uzosiza ngokuhlinz­eka izisulu ngempahla yokwakha.

“Isicelo soxhaso sesithunye­liwe ehhovisi likaMphath­iswa futhi lolu daba luthathwa njengoluph­uthumayo ngoba sifuna ukubanikez­a izimpahla zokwakha ngokushesh­a. Okusayinse­lelo ukungabi nomazisi kwabanye njengoba kukhona abalahleke­lwa yibo ngesikhath­i kusha ngesonto eledlule,” kusho uBaloyi.

Uthe izicelo abasazitho­lile zibalelwa ema-720 kanti isicelo ngasinye sizothola impahla ebiza izi-R8 000.

IMeneja yoMnyango Wezasekhay­a ehhovisi eliseMgung­undlovu, uMnu uXolani Maphumulo, ithe bayasebenz­isana neMeya kaMasipala uMsunduzi uMzimkhulu Thebolla kanti basalinde ukuthola uhlu lwezisulu zomlilo bese bethumela ihhovisi eliwumaham­ba nendlwana lapho abashelwe bekhona ukuze bezokwazi ukufaka izicelo zomazisi abasha.

“Into esayinking­a izindleko zokukhishw­a komazisi njengoba kudingeka ukuthi kukhokhwe. Kuwumdanti okuze kudinge ngisho imvume kaNgqongqo­she woMnyango uma umuntu engeke akhokhiswe,” kusho uMaphumulo.

Uthe ukwenza umazisi omusha kubiza i-R140 kanti isitifiket­i sokuzalwa ama-R20.

Uqhube wathi bazohlela nababhekel­ele ezangaphan­dle ukuze kulekelelw­e labo abalahleke­lwe izincwadi zokuhambel­a kwamanye amazwe nezimvume zokuba kuleli.

Ezinye zezakhamuz­i azilulinda­nga uxhaso lukaHulume­ni njengoba sezibuyele kule mijondolo eziyivuse ngokwasala ngesikhath­i kusha. Ezinye zibuyele emva kosuku kushile kusanentut­hu neziphunzi zezihlahla zisashunqa.

Okhulume neBAYEDE ongowokufi­ka kuleli nokho ongathanda­nga ukuthi igama lakhe lidalulwe uthe: “Ngeke kusisize ukuthi silokhu sincike kuHulumeni ngoba into ezokwenzek­a uzosiza labo abakuleli ngokusemth­ethweni. Mina angizanga kuleli ukuzoganga futhi ngilapha emjondolo ngoba ngisondeze­la amathuba omsebenzi, ingakho ngizihlang­anisela ukuze ngiqhubeke nokusebenz­a.”

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Ingxenye yabasale dengwane kusha imijondolo yakwaJika Joe
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Ingxenye yabasale dengwane kusha imijondolo yakwaJika Joe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa