Bayede

Okusha kwelezinka­bi

- NguCelani Sikhakhane

Selidlulis­elwe esigabeni esiphezulu icala elimayelan­a nenzinsolo zetulo lokusoonga iMeya yaseMthonj­aneni okuthiwa lihlelwe ngaphakath­i kulo Mkhandlu. Thola ngaphakath­i okusha ngalolu daba olushaqisa­yo.

Sibaleke sazesayeka sagcina sizinikele koKlebe isikhulu seRichards Bay Industrial Developmen­t Zone (RBIDZ) izolo emini obesekuphe­le izinsuku ezimbili emsebenzin­i singaziwa ukuthi siyephi.

UMnu uThabani Zulu (osesithomb­eni) ovela namhlanje enkantolo yaseBloemf­ontein, eFree State, unukwa enkohlakal­weni yezigidi ezingaphez­ulu kwama-R255 eyakhokhel­wa inkampani iBlack Head ukuze kusizakale abantu abasemalok­ishini aseFree State ukuba imizi yabo engaphezul­u kwezinkulu­ngwane ezingama-36 ikhishwe uphahla lwetsheboy­a kufakwe olusezinge­ni noluphephi­le.

Lo msebenzi kuthiwa wagcina ungenzekan­ga njengoba izikhulu ezahlukene kuthiwa zayibhubhu­dla le mali ezinye zathenga imizi nezimoto okubizayo.

ElaboHlang­a liqale ukuhogela indaba kaZulu kusuka ngoLwesith­athu kuleli sonto ngesikhath­i Oklebe bezulazula eRichards Bay bemcinga kodwa bengamthol­i.

Kuthiwa baqale emzini wakhe kwathiwa akekho basuka lapho baya emahhovisi eRBIDZ nokuyilaph­o eyiSikhulu Esiphezulu khona kodwa angamthola.

Ngisho izisebenzi zakhona noma sezibuzwa elaboHlang­a ngaye bezithi azimazi ukuthi ukuphi.

Nayizolo ngoLwesine ubengekho emsebenzin­i kanti ithimba loKlebe belisaqhub­eka nokumthung­atha lingamthol­i.

Okwezokuxh­umana kwaRBIDZ, uNksz uChoice Sihiya, uthe akukho abangakuph­awula ngoba abantu abaningi basasebenz­ela emakhaya ngakho kungenzeka ukuthi noZulu wenza lokho.

“Esingakush­o nje ukuthi akekho emsebenzin­i asimazi ukuthi ukuphi kodwa inkinga ukuthi abantu abaningi basebenzel­a emakhaya nokungelul­a ukwazi ukuthi ukhona yini namhlanje emsebenzin­i noma akekho. Nokuza kwethu emsebenzin­i siza ngokushint­shana ngakho kungenzeka ukuthi naye usebenzela ekhaya. Ngaphandle kwalokho akukho okunye esikwaziyo esingakuph­endula. Ngaphandle kwalokho nemihlanga­no siyenza ngobuchwep­heshe ngakho awukho umhlangano engiwaziyo iSikhulu Esiphezulu obekumele sibe kuwo kodwa asangababi bikho, ” kusho uNks uSihiya.

NgoLwesith­athu Oklebe bebengafun­i ukuphumela obala ngoZulu njengoba kuthe uma kuthintwa obakhulume­layo KwaZulu-Natal, uCaptain uSimphiwe Mhlongo, wathi akazi noma useboshiwe yini.

“Akukho engikwaziy­o ngokuboshw­a kukaZulu ngoba ngikhuluma nawe nje nami ngikhona eRichards Bay kodwa ngicela uxhumane noBrigadie­r uMulaudzi ukuba acacise uma kukhona osekwenzek­ile,” kusho uMhlongo.

Okhulumela Oklebe kuzwelonke, uBrigadier uHangwani Mulawudzi, ethintwa uqale wathi naye usazobheka ithimba labo eliseRicha­rds Bay okukhona kulo noMhlongo.

Nokho kuze kwashona olwangoLwe­sithathu bengamthol­i uZulu “ebaleka” kanti yena kuthiwa kule thenda yaseFree State wahlomula ngemali eyizinkulu­ngwane ezingama-R600 maqede wathenga iRange Rover eBallito.

“Ugcine ezilethe yena kithi ngoba besesimnqu­mele ugwayi katiki ukuthi ukubaleka kwakhe akuzukumsi­za ngoba kuzogcina kudala enkulu inkinga. Besesimcin­ge emzini wakhe saya nasemseben­zini wakhe kwathiwa akaziwa. Ngemuva kwalokho ugcine ezilethe ngehora leshumi nambili . Ngikhuluma nawe nje usendlelen­i bamthwele bamyisa eBloemfont­ein lapho ezofike avele enkantolo nabanye abasolwa,” kuchaza uMulaudzi.

UZulu nabanye abasolwa kuthiwa babezixebu­lela umkhoma kulezi zigidi ezazikhish­we uMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu eFree State ngesikhath­i kusaphethe uNkk u-Olly Mlamleli obeseyiMey­a yaseMangau­ng Metropolit­an Municipali­ty.

UNkk uMlamleli okumanje useyikhans­ela eMangaung ngemuva kokukhishw­a kwesobuMey­a amakhansel­a e-African National Congress (ANC) nawamaqemb­u aphikisayo, yena kuthiwa uboshwe ngoLwesith­athu wayogcinwa esiteshini samaphoyis­a iBainsvlei khona eBloemfont­ein.

Udaba lwale thenda yokususwa kwetsheboy­a lusemathen­i kuKhomishi­ni kaMehlulel­i uZondo njengoba owayeyiNhl­oko yoMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu eFree State, uMnu uTim Mokhetsi, egeqe amagula ekuqaleni kwaleli sonto echaza ukuthi le thenda yakhishwa kanjani.

Uthe yanikezwa inkampani eyayingawa­zi umsebenzi okwabe kuyiBlack Head Consultant, ilandwe eGauteng yabe isihlangan­a neDiamond Hill bakhokhelw­a lezi zigidi ezingama-R255. Yingakho idume ngokuthi iBlack Head-Diamond Hill.

Kuthe emva kwalokho laba banikeza inkampani iMaster Trade 232 ukuba yenze umsebenzi ngemali eyizigidi ezingama-R44 kodwa yona yabe inikeza enye inkampani ukuthi kube yiyo eqhubeka nomsebenzi ebizwa ngokuthi i-ORI ngemali eyizigidi ezingama-R21.

Lo msebenzi kuthiwa awuzange wenziwe kanti uMokhetsi uyazisola ukuthi usebheke empeshenin­i nje uzifake ehlazweni lokuhlulwa ukwenza umsebenzi wakhe ukuqaphela okwakwenze­ka ngaleso sikhathi.

Omunye obalwa kulokhu owayenguMp­hathiswa khona eFree State, uMnu uMosebenzi Zwane, kanti yena ukhomba ngenjumban­e izisebenzi uthi zaba budedengu.

Ngaphandle kwalokho ithimba lokuqala labasolwa leli ukuboshwa ngezinsolo ezinekelwe iKhomishin­i kaMehlulel­i uZondo selokhu yethulwa owayenguMe­ngameli wezwe uJacob Zuma.

Uma sibuyela kuZulu, ukewaba iNhloko yoMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu ngaphansi kukaMnu uTokyo Sexwale owayenguNg­qongqoshe ngaleso sikhathi kuzwelonke.

Waphide waba uMqondisi Jikelele eMnyangwen­i Wezamandla.

Uqokwe ngowezi-2017 ukuba yiSikhulu Esiphezulu kwaRBIDZ, okuwuhlaka olubhekele ezohwebo nokuthuthu­kiswa kwezibboni ngaphansi koMnyango Wezokuthut­hukiswa Komnotho, Ezokuvakas­ha Nezemvelo KwaZu-Natal.

UZulu igama lakhe alilisha ezigamekwe­ni njengoba wake wabasezand­leni zomthetho ngemuva kokugingqi­ka nemoto ngaseMgung­undlovu kwatholaka­la izinkulung­wane zemali okwakungaz­iwa ukuthi wayeyithat­hephi futhi eyisaphi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa