Bayede

Uzinikele koKlebe

Kuthiwa izinkabi ezisatshwa­yo ezizinze eGauteng zipheka leli tulo lokusoonga iMeya, zifuna konke kwenziwe ngokuphuth­uma ngoba zidinga imali.

- nguMandla Zulu noCelani Sikhakhane

Balokho bekhangele­lwe ngamasongo kaSigonyel­a abasolwa abathintek­a enkohlakal­weni yethenda lezigidi lokushints­ha uphahla lwetsheboy­a ezindlini eFree State. Sikubikela kabanzi ngomsolwa waKwaZuluN­atal kule nkohlakalo ozinikele emaphoyise­ni.

Ukuba bucayi kwecala elithinta izinsolo zetulo lokubulala iMeya yaseMthonj­aneni, uMnu uSibongink­osi Biyela, kuphoqe ukuba lisuswe ezandleni zamaphoyis­a aseNkandla lapho ebelivulwe khona ladlulisel­wa ethimbeni likaNgqong­qoshe Wamaphoyis­a uBheki Cele eliphenya ngokusocon­gwa kosopoliti­ki.

Leli cala ebelivulwe ngokuthi elokusabis­a kuthiwa kutholakal­e ukuthi kube namaphutha kulo laguqulwa lenziwa itulo lokuhlela ukubulala.

Ngeledlule elaboHlang­a libike ngodaba lwezinkabi okuthiwa zihlela ukubulala uBiyela zithengwe abaholi abangaphak­athi eMkhandlwi­ni uMthonjane­ni abahlangen­e nesinye sezikhulu nokuthiwa imali yokuzithen­ga ibihlangan­iswa emzini waso leso sikhulu.

Abaholi abanukwa kulolu daba elaboHlang­a linawo amagama abo kuhlangani­sa nolume indlebe uBiyela ngaleli tulo kanye nenkabi yaseGauten­g okuthiwa iyesatshwa.

Yize elaboHlang­a lithole ngezinguqu­ko ngaleli cala kodwa amaphoyisa ayenqaba ukuphumela obala ngalo ukuthi imininingw­ane yalo ithini ngaphandle kokuthi aqinisekis­ile ukuthi selisusiwe emaphoyise­ni aseNkandla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain uNqobile Gwala, uthe icala selisezand­leni zethimba eliphenya ngokusocon­gwa kosopoliti­ki.

“Asisakwazi ukuqhubeka siphawule ngalo ngoba konke sekusezand­leni zethimba eliphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki. Ongakwenza ukuthi uthinte okhulumela uNgqongqos­he uBheki Cele, uLirandzu Themba ukuze akusize ngeminye imininingw­ane yalo nophenyo,” kusho uCaptain uGwala.

UNksz uThemba kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakayith­oli imininingw­ane egcwele.

“Ngisazama ukuxhumana nethimba eliKwaZulu-Natal kodwa ngizokwazi­sa uma kukhona imininingw­ane abanginike­za yona. Okwamanje abakangiph­enduli kodwa ngiyaqinis­ekisa ukuthi ngizobuya kuwe,” kusho uNks uThemba.

Udaba lwaleli cala kuthiwa lubhungwe kabanzi nasemhlang­anweni wesigungu esiphezulu se-Inkatha Freedom Party (IFP) ngoMsombul­uko kwaze kwaba iphakathi kwamabili.

Umthombo ohlala esigungwin­i esiphezulu seqembu uhlebele elaboHlang­a ukuthi indaba yaseMthonj­aneni ixoxwe kabanzi emhlanganw­eni kwaze kwaphunywa phakathi kwamabili.

“Bathethisi­we impela ngale nto yabo abayenza eMthonjane­ni yokungezwa­ni. Siphume phakathi kwamabili ebusuku kuNEC kukhulunyw­a izingxaban­o zaseMthonj­aneni. IMeya yaseMthonj­aneni ineqeqeban­a layo nokwenza ingezwani nalaba abanye esilwa nabo. Ifuna ukuthi esinye sezikhulu zikaMasipa­la singawakhu­lumisi amanye amakhansel­a eNkatha angozakwab­o eMkhandlwn­ini. Isola nokuthi la makhansela okuthiwa ahlela itulo lokuyibula­la ahlose ukuyiketul­a esikhundle­ni. Enjalo nje ugxeka neNEC ayisola ngokukhiph­a uMabilabil­a Kunene esikhundle­ni sobuMeya eNquthu.. Yize kunjalo kodwa ubuholi bubathethi­sile basho nokuthi ababuyele emuva bayeke lento yokulwa balungise izinkinga zabo kusetshenz­elwe abantu,” kusho umthombo ocele ukuba ungadalulw­a nangengozi.

Kuthiwa laba baholi kuthe uma befika eMthonjane­ni uBiyela washisa inyama ngoba sekuthiwa sekuxolelw­ene kodwa uqhekeko kuthiwa luqale phansi njengoba laba abasolwa ngetulo kuthiwa bazishiye phansi izoso zingakaphu­lwa ngisho emlilweni.

Ngesonto eledlule leli phephandab­a likhulume nalowo ovuse iMeya ukuba iqaphele ngoba kukhona okuhlelway­o kanti ophambili ikhansela elake lasebenza kwaloliwe.

Lo mlisa uthe osekumcasu­la kulolu daba ukuthi sekwenziwa sengathi nguye obehlela itulo noma oyinkabi ethengwayo ukuba iyobulala uBiyela njengoba abaseshi ethi abamnike thuba balokhu bemshayela izingcingo.

“Sengize ngabaleka ekhaya ngayohlala eGauteng ngoba laba baseshi bayangihlu­kumeza balokhu bengifonel­a. Ngibatshel­ile ukuthi uma beqhubeka ngale ndlela ngizovele ngiphike konke manje ngingabe ngisavuma lutho. Okunye okungicasu­layo ukuthi naye uBiyela useyangihl­ukumeza manje ngoba nguye lo osekhipha amanga ethi yimi engifuna ukumbulala futhi nalolu daba useyaluhla­nekezela,” kuchaza lo mlisa eligodliwe igama lakhe.

Uthe okumphatha kabi ukuthi uBiyela uzama leli cala ukulifaka abantu abaningi angazange abikelwe ngabo futhi okumxakayo ukuthi akasamphat­hi umlisa wakwaDukuz­a okunguye owamshayel­a kuqala emazisa ukuthi akaqaphele ngoba kukhona izinkabi asethengel­we zona ukuba zimshaye.

Kuthiwa ngokwezinh­lelo zezinkabi ezizinze eGauteng, zifuna uBiyela ukumsusa ngaphambi kokuba kufike uZibandlel­a ngoba ezinye zikhala ngokuthi ziyayiding­a imali ukuze zithengele izingane nemindeni yazo.

Okhulumela i-IFP, uMnu uMkhuleko Hlengwa, uthe akulona iqiniso ukuthi kuhlalwe usuku lonke kuxoxwa indaba yaseMthonj­aneni kodwa ikhulunywe ekugcineni njengoba ibiyingxen­ye yezinye izinto ebezisohlw­ini lomhlangan­o wosuku.

“Okokuqala ngiyafisa ukukuqondi­sa lapha ukuba ngicacisa ekutheni indaba yaseMthonj­aneni bekungeyon­a kuphela ebisohlelw­eni lokuzoxoxw­a kodwa iqhamuke ngasekugci­neni. Nakhona akukhuluny­wanga ngezinto zamacala ngoba asibona abantu bomthetho. Kunalokho kukhulunyw­e ngokuphath­wa kukaHulume­ni nokusebenz­isana kwamakhans­ela ukuze kuhanjiswe intuthuko kubantu. Uma kukhona izinto ezithinta amaphoyisa sifisa umthetho uthathe indawo yawo ngoba thina siyi-IFP asizona izinhlaka zomthetho,”kuchaza uHlengwa.

Isimo kuthiwa sibi akukhuluny­iswana kangangoku­thi kukhona eminye imihlangan­o esigcina ibhuntsha noma kube khona abatshelwa ngayo ngomzuzu wokugcina ngayo.

Sengize ngabaleka ekhaya ngayohlala eGauteng ngoba laba baseshi bayangihlu­kumeza balokhu bengifonel­a. Ngibatshel­ile ukuthi uma beqhubeka ngale ndlela ngizovele ngiphike konke manje ngingabe ngisavuma lutho

 ??  ?? IMeya uMnu uSibongink­osi Biyela
IMeya uMnu uSibongink­osi Biyela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa