Uyalwa uMashaba
Ingxoxo yeBAYEDE nomholi we-Action SA, uMnu uHerman Mashaba, lapho edalula ukuthi uzoyilwa kuze kunqamuke izandla indaba yokuchithwa kwabo yiKhomishini Yokhetho. Funda ngapahakathi uthole konke okushiwo uMashaba ngalolu daba.
Umholi we-Action SA, uMnu uHerman Mashaba, uthi akazukuyiyeka ilale indaba yokuchithwa kwabo yiKhomishini ebhekele ukhetho ngoba usebenzise izingqwele zabameli eziwaziyo amalungelo athinta imibala namagama ngesikhathi bebhalisa iqembu labo.
UMashaba utshele elaboHlanga ukuthi isenzo seKhomishini Yokhetho Ezimele kuleli sibaphoxile kakhulu futhi sidale ukwethuka kubantu ngenxa yobudedengu obukhonjiswe yile Khomishini okuyi-Independent Electoral Commission (IEC).
Lo mholi ukholwa ukuthi kukhona unyawo lwedada kulolu daba ngokubuka kwakhe nokuthi kukhona abashaywa uvalo ngezinhlelo zeqembu lakhe, yikho kunezingqinamba.
“Okokuqala bavele bathumela incwadi ngoMsombuluko bengazange basichazele lutho. Le ncwadi iqhamuke isisitshela ukuthi i-Action SA ayikwazanga ukuhlangabezana nemigomo yokubhalisela ukuba yiqembu lezepolitiki ku-IEC. Babeka isizathu sokuthi kwesinye sazo sekukhona elinye iqembu elinegama elicishe lifane nelethu opkuyiParty of Action. Cabanga nalelo qembu asilazi nokulazi futhi akekho umuntu obelazi. Okunye akukho nje okufanayo ngala maqembu ngoba leli elinye liyiParty of Action kodwa thina siyi-Action SA. Okunye sisebenze kanzima sasizwa izingqwele zabameli ezikuqonda kahle lokhu okuthiwa i-Intellectual Property Rights njengoba zenze isiqiniseko sokuthi akukho okuzoba nogcobho ngeqembu lethu kusuka emibaleni kuya egameni. Ngakho ngifuna ukukucacisa ukuthi ngeke igama leqembu lethu liguqulwe kunalokho silungisa amaphepha nethimba lethu labameli ukuphikisana nalesi sinqumo njengoba sinezinsuku ezingama-30 ukuba senze kanjalo,” kusho uMashaba.
Uthe uma le Khomishini iphinda ibachitha nokuyinto ayingabazayo ukuthi ingenzeka, sebezobhukula babheke enkantolo ngoba abazukuhlala basonge izandla bebona kudlalwa ngabo.
Okwehlele iqembu likaMashaba akukusha njengoba kwenzeka nangesikhathi kusungulwa iCongress of the Poeple (Cope) nayo eyacishe ayangalungenela ukhetho ichithwa ngoba kuthiwa kukhona okucishe kufane kuyo neqembu iNadeco.
Akugcinanga lapho nenhlangano kaMnu u-Andile Mgxitama nayo yake yachithwa kodwa kuyo kwaba izikhalo zobuhlanga ezazifakwe i-Afri Forum.
UMashaba uthe akahlehli kulokhu iqembu lakhe elikholelwa kukho okuwukulwa nenkohlakalo, ukulwela abantu bakuleli ukuba bathole amathuba okuba namabhizinisi emalokishini, kungabi abantu bangaphandle abagcina sebedla umnotho wabo.
Lo mholi okewaba yiMeya yaseGoli kusuka ngowezi-2016 ngaphansi kweqembu iDemocratic Alliance (DA), ukholwa ukuthi maningi amaphutha abasazowavundulula ngalolu daba kuKhomishini Yokhetho Ezimele.
“Uzwile isikhulu se-IEC sesisho okunye ngokuchithwa kwethu ukuba sibhaliswe ngokusemthethweni njengeqembu lezepolitiki? Sesithi kube yiphutha ukuthi bathi sichithwe ngoba kukhona iqembu esinegama elicishe lifane nelethu. Sebethi sichithwe ngoba sisebenzise ifulegi laseNingizimu Afrika emibaleni yeqembu lezepolitiki nokuphikisanayo neHeraldry Act of 1962. Uyabona nje ukuthi sebebamba bayayeka yikho sithi asizukuyiyeka ilale sizolwa kuze kubesekugcineni futhi nginesiqiniseko sokuthi sizolunqoba lolu daba,” kuchaza uMashaba.
OyiPhini leSikhulu Esiphezulu leKhomishini, uNks uMasego Sheburi, uthe ukusebenzisa kwabo umthetho iHeraldry Act bekuwukusiza iqembu hhayi ngoba kukhona okuthiwa liqondiwe ukuba livinjwe ukuba libhalisele ukungenela ukhetho.
UMashaba yena uthe iyaxaka le nkulumo ngoba sekusetshenziswa lo mthetho weHeraldry kodwa bona batshelwe ngezizathu ezintathu ezivimbe ukuba kuvunywe isicelo sabo.
Iqembu elifake uMashaba enkingeni okuyiParty of Action lisungulwe uMnu uBilly Nyaku owake wasebenza noMashaba besekuDA ngowezi-2016.
Kula masonto amabili edlule elaboHlanga lihlale phansi noMashaba nokuyilapho ecacise khona ngombono weqembu lakhe encike kulokho akuthole ngesikhathi exoxa nabantu baseNingizimu Afrika ngaphansi komkhankaso wakhe obizwa ngeThe Peoples Dialogue (TPD).
Ngokuhlela kwakhe uMashaba ufuna iqembu lakhe lingenele ukhetho komasipala abakhulu baseGauteng kodwa lokho okwamanje akuwona ujuqu.
Wathi umatasa nabacwaningi bakhe ukuze bakwazi ukubona ukuthi izindawo ezifana neTheku nePort Elizabeth bangakwazi yini ukuzwa amanzi ngobhoko kuzo.
UMashaba unethemba lokuthi uma iqembu lakhe linganikwa ithuba uzokwenza lokhu abekwenza eseyiMeya yaseGoli lapho exoshe zonke izikhulu nezisebenzi ezinukwa ngenkohlakalo.
Okunye uphinde wenza isiqiniseko sokuthi izisebenzi eziyitoho uyaziqeda uziqasha ngokugcwele ukuze zibenemihlomulo njengabo bonke abantu.
“Uyazi isisizile yona lento eyenziwe yi-IEC ngoba buka manje cishe abantu abaningi abebengazilutho nge-Action SA sebeyazi ukuthi sikhona nathi kwezombusazwe,” kusho uMashaba ehleka.
UMashaba ubonakala engazimisele ukuphuma kwezombusazwe njengoba namanje ethi iqembu lakhe aliyi ndawo kanti nangesikhathi enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga emasontweni edlule wakugcizelela lokhu wabeka kanje:
“Besengiyishiyile ipolitiki kodwa kwaba khona abangicelayo ukuba ngibuye. Ngixoxisane nomndeni wami savumelana ukuthi ngisilalele isicelo salabo abangicelayo ukuba ngibuye. Empeleni bayizigidi ezimbili abantu abasayine izicelo zokuba ngibuye kwezombusazwe. Nembala ngenzenjalo kodwa ngaqinisekisa ukuthi ngabe bonke abantu sinombono ofanayo yini njengoba kuthiwa angibuye nje. Izindawo esizihambele zikhombe ngokusobala ukuthi abantu bakithi bakhathele izethembiso ezingekho nokuzithola bengenawo amathuba emisebenzi,” kuchaza uMashaba.
Akagcinanga lapho waphinde wathi: “Siyiqembu elakhelwe emigomeni emihlanu okuwukuhlonipha umthetho, kuphele le nto yokuthi izinhlaka zomthetho seziyaziwa ukuthi zichemile ngakho kubanaholi abangeke baboshwe uma begangile. Kube nomgomo wokuthi izakhamuzi zakuleli azibe negunya lokuzikhethela uMengameli, uNdunankulu, abaholi abasePhalamende kungabi nje iqembu lezepolitiki elizenzela konke,” kusho uMashaba.
Iqembu likaMashaba selivele lijoyinwe abantu abaningi abehlukene okubalwa nowayenguSotswebhu we-ANC eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uDkt uMakhosi Khoza, kube owayeyiLungu lePhalamende le-ANC kodwa osehlubuka ku-ADec ayisungula ehlubuka ku-ANC, uNks uVitjie Mentor kodwa osesuka eqenjini i-ACDP nabanye.