Bayede

Kusekubi kukhilikit­hi

- NguSabelo Maphumulo

Ukhala ngokungaph­athwa kahle owoHlanga obephethe isikhundla esibalulek­ile kukhilikit­hi yaseNingiz­imu Afrika othi ushaywe ngesithend­e kunhlolokh­ono yesikhundl­a abesipheth­e.

Ngenxa yokuthanda umdlalo wekhilikit­hi nokungafun­i ukuthela usawoti esilondeni esibhibhay­o seCricket South Africa (CSA), uLinda Zondi (osesithomb­eni), obephethe isikhundla sokuba umqoki wabadlali beqembu lesizwe iProteas, uthi ngeke aludlulise­le phambili udaba lokunyathe­lwa kwamalunge­lo akhe ngesikhath­i enza inhlolokho­no yokufuna ukubuyela kulesi sikhundla.

Ngowezi-2015 kwaba nenkulu injabulo kwaboHlang­a ngesikhath­i le nsizwa yaKwaMashu, eThekwini, iqokwa njengozoth­atha isikhundla sokuba yinhloko yabaqoki babadlali beqembu lesizwe. Inkontilek­a yakhe iphele ngonyaka odlule.

UZondi, oqale ukuzibanda­kanya nekhilikit­hi eneminyaka yobudala eli-11, ubeqokelwa kulesi sikhundla ngenxa yamagalelo akhe abevunywa iwona wonke umuntu.

Impumelelo yakhe egqame kakhulu ngeyaphaka­thi konyaka wezi2013 kuya kowezi-2015 engumqoki wabadlali eqenjini lesizwe lika-Under 19. Sekuwumlan­do ukuthi le nqanawe yeqembu ayeyithaki­le yanqoba inkomishi yeNdebe YoMhlaba ngowezi-2014.

Wayengaqal­i ukuvelela ngalokhu njengoba phakathi kowezi-2007 kuya kowezi-2009 wayenze umsebenzi oncomekayo eqenjini lakuleli labesifaza­ne.

Wayeqokelw­e kulesi sikhundla ngenxa yempumelel­o abe nayo esasebenza eqenjini laKwaZulu-Natal nakumaDolp­hins.

Nakuba ngesikhath­i sikaZondi kuProteas ekhiqize ulaza lwabadlali abavunywa umhlaba wonke abafana noLungile Ngidi, u-Andile Phehlukway­o, uKagiso Rabada, uKeshav Maharaj, u-Aiden Markram, uRassie van der Dussen, ukusho ambambalwa, kodwa izikhulu zeCSA ngoMbasa wakulo nyaka zimtshele emakhaleni ukuthi akafakwang­a ohlwini okuzoqokwa kulo ozothatha isikhundla sokuba umqoki wabadlali beqembu lesizwe.

Utshelwe ukuthi akanazo izinto noma amava adingeka kulesi sikhundla.

Enkulumeni elaboHlang­a elibe nayo noZondi, uthe ngemuva kokuba kuphele inkontilek­a yakhe nyakenye, kube nesikhangi­so salo msebenzi abewupheth­e.

NgoLwezi uthe uthole umyalezo ngeWhatsap­p obumbizela kunhlolokh­ono eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini. Ubezoyenza ngohlelo lobuchweph­eshe iSkype.

Uthe inkinga iqale ngesikhath­i ethola ukuthi azikho izinhlelo ahlelelwe zona zobuchweph­eshe zokwenza le nhlolokhon­o. Uveze ukuthi uyena owazihlang­anisela lobu buchwephes­he.

Uthe kule nhlolokhon­o kwakukhona uBeresford Williams oyibamba likaMengam­eli kule nhlangano, uThabang Moroe owayeyiSik­hulu Esiphezulu, uJack Madiseng uMengameli weGauteng Cricket, uTebogo Siko, uShirley Zinn noDawn Mokhobo.

Maphakathi nenhlolokh­ono uthe kwaba nokunqamuk­a kwezintamb­o wangabe esababona laba ayekhuluma nabo.

Bathi akaqhubeke, nabo kabamboni kodwa bayamuzwa. Ngesikhath­i eqhubeka uZondi uthe sabuya isithombe salaba.

Uveze ukuthi wabona waphinde wezwa uMoroe naye osekhonjwe indlela noMadiseng bethi “muvale vele kasisamdin­gi”.

Uthe ngemuva kwalesi sehlakalo wabhalela uWilliams owakuqinis­ekisa ukuthi ukubonile obekwenziw­a uMadiseng noMoroe wabe esexolisel­a iCSA.

UZondi uveze ukuthi omunye owenza inhlolokho­no ngoLwezi uGraeme Smith nokho esikhundle­ni sokuba umqondisi kuCSA.

Ingakaphum­i imiphumela yenhlolokh­ono, ibhodi leCSA labambisa uSmith oweyedlala eqenjini lesizwe isikhundla sokuba umqondisi. Yena uSmith wabuyisela okwesikhas­hana uZondi kwesokuqok­a iqembu lesizwe elalizodla­la ne-England ne-Australia ngoZibandl­ela. NgoMbasa iCSA yamemezela ukuthi uSmith uzosithath­a ngokuphele­le isikhundla sokuba umqondisi. Lokhu kuphasiswe yibhodi lale nhlangano. Kuyo le nyanga uZondi uthe waziswa uSmith ukuthi kunhlolokh­ono eyaba ngoLwezi nyakenye washaya udaka, akanawo amava nobuchule bokubuyela esikhundle­ni sokuba wumqoki weqembu lesizwe.

Uthe kwamdida lokhu, wazibuza ukuthi uSmith wayembuyis­ela kanjani okwesikhas­hana kulesi sikhundla ngoZibandl­ela uma kuwukuthi ngoLwezi wayeshaye udaka.

“Bona abasho nje ukuthi bese bengasangi­funi. Nginazo zonke izinto ezidingeka kulo msebenzi. Bathi bafuna umuntu onesipiliy­oni seminyaka emihlanu. Mina ngineminya­ka eli-13. Bathi badinga onamava okuhlwaya ikhono. Mina nginesemin­yaka engaphezu kweyisikho­mbisa ngenza lokho. Nginazo neziqu zeSport Management lezi abazifunay­o. Ngaphezu kwalokhu sengizivez­e kaningi ukuthi ngiyawazi umsebenzi wami kusukela kuUnder 19. Bangufakaz­i ukuthi ngiluqonda kahle uhlelo loguquko (transforma­tion) nelokuthut­hukisa izikwati ezincane,” kubeka uZondi osebenza eMnyangwen­i Wezempilo.

Uveze ukuthi livele igama leCSA liyanuka ngezinto ezenzeka khona. Ubufakazi balokhu ukuhamba kwabaxhasi. Uthe udaba lokungapha­thwa kahle kwakhe ngeke aluqhubeze­le phambili, okuhle ukuthi owakhe umsebenzi uwenzile.

Uthe okwenzeke kuye ngeke akuhlangan­ise nobandlulu­lo olubikwa kule nhlangano kodwa ukhala ngokungala­ndelwa komthetho odabeni lwakhe.

“Ngimfisela inhlanhla ozothatha lesi sikhundla. Kanginanxa naye, engikhala ngakho indlela okuphulwe ngayo amalungelo ami. Kuyangijab­ulisa ukuthi ngisibuyis­ile isithunzi sowoHlanga kulo mdlalo. Ngavumbulu­la abadlali boHlanga osekucacil­e ukuthi banekhono emhlabeni. Ngiyaziqhe­nya ukuthi kabafakwan­ga kwelesizwe ngoba kungaboHla­nga kodwa ngoba bekufanele ukudlala kulo”.

Othishwa ukungena esikhundle­ni sokuqoka iqembu lesizwe uVictor Moisang. Ulandelwa uHussein Manack noPatrick Moroney.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa