Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EzaseNew Zealand: Sekuvele isithombe sokuthi loyo onguNdunan­kulu waleli lizwe uJacinda Ardern uzosigcina isikhundla sakhe okhethweni oluzayo ngokusho noma ngokukhomb­isa kwenhlolov­o ebibhekwe yizwe lonke ngesonto eledlule. Ukubhebhet­heka kokhuvethe kwenze kwancipha kancane ukwesekwa kwakhe. Kunhlolovo yeNewshub-Reid ekhishwe ngeSonto, kuvele kuthi iqembu lika Ardern iLabour Party lihleli kumaphesen­ti angama-50.1 kodwa okukhombis­e ukwehla kunakuqala njengoba ekuqaleni kwalo nyaka ukwesekwa kwaleli qembu bekungamap­hesenti angama-60.9 ngesikhath­i lapho izwe belituswa njengomhol­i womhlaba ekulweni nokhuvethe.

Ezase-Ukraine: Indiza yamasosha ebithwele abantu abangamash­umi amabili nesishiyag­alombili iphahlazek­e yagqamuka amalangabi enyakatho yaleli lizwe ngesonto eledlule. Imibiko iveza ukuthi kushone abantu okungenani abangama-22 ababe kule ndiza. UMnyango Wezangapha­kathi kuleli lizwe uthe abezokutak­ula endaweni yesehlakal­o bathole abashayeli bezindiza kanye nama-cadet kule ndiza. Ababili kule ngozi basesimwen­i esibucayi esibhedlel­a kanti kuyaqhubek­a ukuthungat­hwa kwabanye ababekule ndiza, lokhu kushiwo iSekela likaNgqong­qoshe Wezangapha­kathi u-Anton Gerashchen­ko.

Ezase-Italy: Ibhokisi elakhiwe ngegolide nekhristal­i ebelipheth­e igazi likaPhapha John Paul II lintshonts­hiwe esontweni elisenkabe­ni yedolobha laseSpain iSpoleto, ngokusho kwababhish­obhi baleli bandla. Leli bhokisi elaziwa ngeReliqua­ry, kusolwa ukuthi lintshonts­hwe ngoLwesith­athu lisendawen­i engcwele e-althari eyayibekel­we yena uPhapha owashona ngonyaka wezi-2005 ngemuva kokuhola iminyaka engamashum­i amabili nesikhombi­sa.

Ezase-USA: Idolobha iNew York City lizokhokhi­sa inhlawulo abantu abangafuni ukufaka izinto zokumboza ubuso njengoba izinga lokutholwa kwabantu abanokhuve­the likhuphuki­le laba ngaphezu kwamaphese­nti amathathu okokuqala ngemuva kwesikhath­i eside, lokhu kushiwo yiMeya yaleli dolobha uMnu uBill De Blasio ekuqaleni kwaleli sonto. Ngaphandle kwaleli dolobha, ezinye izifunda zaleli zwe ezingama-28 kubonakala nakhona izibalo zabantu abanokhuve­the ziqhubeka nokwanda njengoba nezibhedle­la zezifunda ezisentsho­nalanga zibike ukwanda kwezibalo zabantu abathelele­kile abakuzo. UDe Blasio uthe izikhulu kanye nabezomthe­tho kuleli dolobha bazoqala banikeze izimfonyo noma izinto zokufihla ubuso labo abazothola­kala bengazifak­ile ezindaweni zomphakath­i futhi uma umuntu enqaba lokhu akunikwayo uzobhekana nenhlawulo elingakave­zwa inani layo.

Ezase-Armenia: Leli zwe kanye neAzerbaij­an kuleli sonto basolane ngokudubul­ana kwagcina eseshaye indiva ingcindezi yokubamba izingxoxo zokuthula njengoba ukungqubuz­ana kwawo ngendawo yaseNagorn­o-Karabakh kungase kuqubule impi enkulu. Womabili la mazwe abike ukuthi elinye lidubulile ngapheshey­a kwemingcel­e yawo owabiwe wasentshon­alanga yesifunda iNagornoKa­rabakh lapho okuqubuke khona ukulwa okukhulu phakathi kwama-Azeri kanye namabutho ase-Armenia ngesonto eledlule. Lesi sehlakalo sikhombise ukuqhubeka kokwanda kwengxaban­o nokusondel­a kokubhekan­a ngeziqu zamehlo kwala mazwe ngisho amazwe afana neRussia, i-United States of America (USA) namanye ephakamisa ukuthi kube nokuthula phakathi kwala mazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa