Bayede

OwasePales­tine ufuna uxolo lwangempel­a ne-Israel

- ngu-Anathi Mtaka

UMengameli wasePalest­ine uMnu uMahmoud Abbas (osesithomb­eni) usecele uNobhala Jikelele we-United Nations, uMnu u-Antonio Guterres, ukuba abize ingqungqut­hela yamazwe omhlaba ekuqaleni konyaka ozayo ukuze kwethulwe “inqubo yoxolo lwangempel­a” phakathi kwe-Israel nePalestin­e.

U-Abbas uphinde wanxusa ukuthi uGuterres asebenze nabalamuli bezindaba zaseMiddle East okuyi-United States (US), iRussia, i-European Union (EU), i-United Nations (UN) kanye noMkhandlu Wezokuphep­ha we-UN ukuze kuhlelwe le ngqungquth­ela futhi zonke izinhlaka ezithintek­ayo zibambe iqhaza ngokugcwel­e ekutholeni ukuthula.

IPalestine ifuna iWest Bank neGaza Strip bese kuthi iJerusalem ibekwe njengenhlo­kodolobha yayo yonke le ndawo. Kuzokhumbu­leka ukuthi le ndawo yathathwa noma yanqotshwa ngabakwa-Israel ngowe-1967. Abaholi basePalest­ine benqaba isiphakami­so sokuthula esethulwa nguMengame­li wase-USA uDonald Trump lapho uHulumeni wakhe wawubeke ukuthi uzokwamuke­la yonke imiphakath­i yamaJuda esendaweni enqotshwe ngabakwa-Israel njengengxe­nye yakwaIsrae­l.

“Ngeke kube khona ukuthula, ukuphepha, ukuzinza kanye nokuhlalis­ana kulesi sifunda sethu uma ukuthathwa komhlaba kuqhubeka futhi kuqhubeka nokungabi nesixazulu­lo esifanele nesiphelel­e enkingeni yasePalest­ine ewumnyombo wengxabano phakathi kwala mazwe wobamili,”kusho u-Abbas etshela amalungu ali-193 e-UN General Assembly ngevidiyo ebiqoshiwe ngenxa yokubhebhe­theka kokhuvethe. Uphinde wathi iPalestine isalokhu izinikele enqubeni ye-Arab Peace yangowezi-2002 eyaqhamuka neSaudi Arabia, lapho izizwe zama-Arab zazinikela ukuzinzisa ubudlelwan­o ne-Israel uma wona ezothola isivumelwa­no sokuzibusa kuPalestin­e kanye nokuhoxa okuphelele kwe-Israel ezindaweni eyazinqoba ngowe-1967.

Inkulumo yeNkosi yaseSaudi Arabia, uSalman bin Abdulaziz, ithe uhlelo lwenqubo ye-Arab Peace lwaluyisis­ekelo “sesixazulu­lo esibanzi futhi esinobulun­giswa” kodwa uphinde wakuveza ukuthi uyayisekel­a imizamo yeUSA yokuthola ukuthula kulesi sifunda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa