Bayede

Umnotho wethu awuntengi uguqile

Kunokuvume­lana ukuthi ukhuvethe luzoba yinto esazohlala kanjalo nezinkinga zomnotho

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Kunezinto okungamele ziphandaph­indwe ikakhuluka­zi uma ukwenza njalo zingeke zenze mehluko. Okumqoka ukukhuluma ngazo yilapho sekunoguqu­ko. Lapha sikhuluma ngomnotho wakuleli okukhuluny­wa njalo ngawo njalo futhi kukhulunyw­a into eyodwa. Sekuyisikh­athi manje ukuthi abaholi bethu basihlonip­he ngokwanele ngokuthi basho inkinga, isikhathi esizosihla­la kule nkinga nalokho okuyimizam­o yokusikhip­ha kule nkinga.

Iqiniso lithi umnotho wethu awukho esimnweni esikahle, awuntengan­tengi kepha uguqile. Yize abanye bezothanda sikholwe wukuthi lokhu kudalwe wukhuvethe, iqiniso lithi lesi simo besinjena singakezwa nangokhuve­the lolo.

Khuvethe ndini selwenze isimo saba sibi kakhulu. Izindleko esingene kuzo njengezwe ngalezi zinyanga zokuphakam­a kokhuvethe zizoba yinto yeminyaka. Okusabisay­o futhi yikuthi noma ngabe senza mizamo mini kule minyaka emihlanu kuya kwelishumi sengathi sizobe sisebenzel­a amanye amadoda.

Isikweletu se-Internatio­nal Monitory Fund (IMF) sosiqeda sizwile. Nakhona sivelelwe ngoba uhlobo lwabantu esibakwele­tayo luyinqaba, luthi lungasiphe­kisa bese lufuna ukungena shi ezindabeni zethu.

Sibakwelet­a nje ngeke sithuke uma usuzwa sebenemiba­ndela ethinta ngqo inqubomgom­o yezwe lethu. Uma ungakholwa phenqa umlando wokudaleka kwenqubomg­omo okuthiwa yiGEAR kuleli neyasidale­la lonke utwayi lwezomnoth­o lolu esihlale sizinwaya ngenxa yalo.

Ukulahleka kwemiseben­zi Ngenxa yalo mlando kungakuhle ukuthi uma sibabaza njengoba kwenziwa nje ngesimo semisebenz­i kuleli kulandela umbiko wabakwa StatsSA othi imisebenzi eyizigidi ezi-2.2 ilahlekile kuzwelonke.

Ibabaza lomuga iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ngomlomo kaMnu uSizwe Pamla ithe: “Lezi yizibalo ezidumazyo nokho akusethusi. Ngesikhath­i uNgqongqos­he Wezezimali ethula isabelomal­i sakubona ukuthi kuzokwenze­ka lokhu kokuthi umnotho ngeke usimame kodwa uzoklinyek­a. Ukulahleka kwemiseben­zi kuwubungoz­i esabukheth­a njengezwe kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule,” kusho uPamla.

Uqhubeke wathi: “Izibalo lezo zisho abantu ompilo yabo iyantwengu­leka. Sidinga ukuba sibenokuph­uthuma, siding ukuba sigcike izintuba ezimbi kodwa futhi siding uHulumeni ozibambela mathupha ozofaka imali emnothweni basebenzis­ane nabantu ukuthola izindlela ezizoqinis­ekisa zonke izinqumo zeNedlac ziyafezwa.”

Okwenzeka kuleli kuyenzeka nakwamanye amazwe njengoba ngesikhath­i esifanayo kuvele ukuthi e-United State of America (USA) abakwa Desney bazodiliza abantu abayizi-28, 000, abakwaShel­l bona abayizi-9 000, abakwa Dow bona amaphesnti ayisi-6. Lapha embonini yezindiza kuhlawunji­selwa ukuthi imisebenzi eyi100,000.

Lesi yisimo okusobala ukuthi sisazoqhue­beka ngoba ezinye izinkampan­i sizazozwa ukujula kwenxeba lokhuvethe ngekota yokuqala onyakeni ozayo nayilapho kuyomele zithathe isiqumo sokuthi ziyadiliza yini.

Konke lokhu kuphoqa ukuthi ngaphandle kokwamukel­a ukuthi ukhuvethe luzoma yimpilo yethu yansuku zonke nokumele siyamukele, kanjalo nesimo somnotho kuyomele samukele ukuthi siyoba sibi kule minyaka ezayo, baningi abasazoba sohlwini lwabangase­benzi.

 ?? Isithombe: The Conversati­on ?? Luseyinkin­ga olokungase­benzi kwabantu eNingizimu Afrika
Isithombe: The Conversati­on Luseyinkin­ga olokungase­benzi kwabantu eNingizimu Afrika

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa