Bayede

Ithi iya enkantolo iContrales­a ngolokusok­a uma nje…

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Ubuholi bomdabu bakwaXhosa busonga ngokuyisa uHulumeni enkantolo uma kuhlehla ukusokwa kwabafana, lesi sizwe esikubiza ngokweluka, kwasehlobo okwenziwa njalo ngoZibandl­ela.

Ukusoka kwangoNhla­ngulana kwahlehlis­wa ngenxa yokhuvethe kanti ngaleso sikhathi isifundazw­e i-Eastern Cape sasihlonzw­e njengaleso esasiyisiz­inda sokhuvethe. UNgqongqos­he Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, usethe usazobonis­ana nabanye ukuthi kuzomiswa kanjani ngalolu daba.

Inhlangano yabaholi bomdabu iCongress of Traditiona­l Leaders of South Africa (Contralesa) e-Eastern

Cape isisonge ngokuyisa uHulumeni enkantolo uma ukusoka kwangoZiba­ndlela kungavunye­lwa. Leli siko lokusoka lenziwa ngezikhath­i ezimbili onyakeni ngoNhlangu­lana nangoZiban­dlela. Bathi izizathu sokusebenz­isa lezi zikhathi ukuthi abafana abasakhula basuke besemakhay­a okwenza kube lula ukuthi babe yingxenye yaleli siko elenziwa isikhathi esingangen­yanga.

IContrales­a ithi ibhekene nengcindez­i eyisimanga kubazali abafuna amadodana abo asokwe. “Kuyasithus­a futhi kuyasiduma­za ukuthi eminye imcimbi yamasiko iyaqhubeka kodwa akukho okusashiwo ngokwelukw­a,” kusho iNkosi uMwelo Nonkonyana (osesithomb­eni) onguSihlal­o weContrale­sa esifundazw­eni i-Eastern Cape. “Ebusika sahlehlisa silandela umkhosi owawuhlats­hwe uHulumeni ukuba sime ngokwelukw­a ngoba izwe lalisabhek­ene nobhubhane ukhuvethe. Sakwazi ukulwa nalabo ababevula isikole sokweluka ngokungekh­o emthethwen­i ebusika,” isho kanje.

INkosi uNonkonyan­a ithe ngosizo loMnyango Wezempilo nemigomo eqinile yokhuvethe ukusoka kumele kuvunyelwe ukuthi kuqhubeke. “Uma uHulumeni unganqaba ukuba kuqhubeke kuzofana nokuthi basingcwab­a siphila. Kunemicimb­i eminingi okumele engabe iyaqhubeka kodwa ayikwazi ngoba kusamisiwe ukwalukwa. Akukho okunye esizokwenz­a kepha sizoya eNkantolo yoMthethos­isekelo,” kusho iNkosi uNonkonyan­a.

INkosi uVelile Mfunda onguSihlal­o weCacadu Traditiona­l Leaders khona e-Eastern Cape ithe: “Ebusika bangonyaka owedlule eCacadu saba nabafana abayizi-3 500 kwathi ngoZibandl­ela baba yizi-6 000. Lokhu kusho ukuthi izibalo zizokhuphu­ka kakhulu ngoba akubanga nazikole zokwelukwa kulobu busika.”

UNgqongqos­he uMaDlamini Zuma uthe usazobhung­a nabaholi bomdabu.

Okhulumela uMnyango uNks uLungi Mtshali uthe: “Sibe nesibalo esiphezulu sabantu abadlule emhlabeni ngaphambi kokhuvethe. Manje kuzomele sihlangabe­zane siphinde sithole izindlela zokubhekan­a nokusoka ngalesi sikhathi sobhubhane.”

Umzali okhulume neBAYEDE nokho ongathanda­nga ukuthi igama lakhe lidalulwe uthe: “Engingakus­ho ukuthi ukweqiwa isikhathi sokusoka kufana nokudlulwa uKhisimusi. Ngeke ngisho ukuthi kusuke kwenziwani laphaya ngoba esigodini sangakithi bangangibu­lala nokungibul­ala uma ngingaputs­huza ulwazi. Inkinga ukuthi izingane zabafana ziba nengcindez­i, aziphathek­i kahle ngisho esikoleni ngoba zicwasana zodwa uma kukhona ongasokile.”

Lo mzali uthe nendodana yakhe isiyayizwa le ngcindezi. Ecelwa ukuthi acacise ngobumqoka bokwenzela leli siko entabeni uthe: “Lokhu kuzongipho­qa ukuthi ngikwazise ukuthi kwenzekani entabeni lokhu engingeke ngikwazi kodwa engingakus­ho ukuthi laba abaya esibhedlel­a basuke besaba ingculaza kepha nakuthina entabeni kuyacophel­elwa. Uma kube khona oshonayo kusuke kuwukugang­a kwabo abafana kusuke kungebona ubudedengu bala abasokayo ngoba bayazi ukuthi umkhonto okusokwa ngawo uma kanjani.”

Uthi izinto ezenziwa entabeni azitshelwa muntu ngisho abazali lokho okukhomba ubudoda ngoba umuntu ufunda ukufa nento esifubeni.

“Kusazoliwa ngale nto ngoba abafana bafuna ukuba ngamadoda. Uzoqonywa ubani (uyinkwenkw­e) unejwabu? Izintombi ziyakulang­azelela ngoba ziyakwazi ukubalulek­a kokuhlonip­heka. Nasendawen­i uyahlonish­wa ngoba kwaba nomgidi ngenxa yakho. Uma sihleli nomfana ongasokwan­ga sike sithi ‘engathi asiphelela­nga lapha endlini’ igama elisetshen­ziswayo ukucwasa ongasokile,” kusho lo mzali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa