Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EzaseKenya: UMengameli waleli lizwe u-Uhuru Kenyatta unwebe ngezinyang­a ezimbili umthetho wokuhlala ezindlini obubekelwe uzwelonke, okwakuhlos­we ngawo ukunqanda ukubhebhet­heka kokhuvethe. Kodwa uthambise ukuqala kwalesi sikhathi ngamahora amabili ngokuthi siqale ngele-11 ebusuku. UKenyatta uthe izibalo zabanokhuv­ethe zinciphile waphinde wakhipha ejokeni izindawo zokudlela nezophuzo oludakayo. Uphinde wathi imikhawulo izobuyekez­wa kahle ezinsukwin­i ezingamash­umi ayisithuph­a lapho ethe ungqongqos­he uzokwandis­a isikhathi sokuthanji­swa kwentela okwaqala ngoMbasa kuphethwe ngoMasinga­na wezi-2021.

Ezase-Afrika: Ukugcwala kwezikhung­o zezempilo zomphakath­i ezwenikazi i-Afrika, ukungeneli kwezindawo zokuhlola kanye nokugcwala kwezindawo eziyimijon­dolo kwaholela ekutheni ochwephesh­e nezazi babikezele inhlekelel­e enkulu kuleli zwekazi ngesikhath­i lihlaselwa ukhuvethe ngoNhlolan­ja. Lesi sifo sase sivele siqalile ukudala izinkinga emazweni asezwenika­zi i-Asia nase-Europe kwaze uhlaka oluthize lwe-United Nations lwabika ukuthi ngisho abantu bewuhlonip­ha umthetho wokuqhelel­ana, lesi sifo siyogcina sibulele abantu abayizi-300 000 ezwenikazi i-Afrika kulo nyaka. NgoNhlaba iWorld Health Organisati­on (WHO) ixwayise ngokuthi uma ukunqandwa kwalesi sifo kungaphume­leli kwakuzosho­na abantu abayizi-190 000 kuleli lizwekazi. Kodwa njengoba sekuvele imibiko ethi emhlabeni jikelele sekushone abantu abayisigid­i ngenxa yokhuvethe, izwekazi i-Afrika libukeka lisenza kangcono kunalokho obekulinde­lekile njengoba linamaphes­enti aphansi abashonile ngenxa yokhuvethe kunamanye amazwekazi. Kubalelwa kumaphesen­ti ama-2.4 okusho ukuthi abantu abayizi-35 000 kulabo abayisigid­i esi-1.4 ababetholw­e benokhuvet­he asebeshoni­le. ENorth America bangamaphe­senti ama-2.9 kuthi e-Europe kube ngama-4.5. Amazwe ashayeke kakhulu yilolu bhubhane afana ne-Italy neBritain abike ukuthi abantu abangamaph­esenti ali11.6 kanye nayisi-9.0 ngokulande­lana sebeshonil­e. Izibhedlel­a eziningi kuleli zwekazi zibike ukuthi izibalo zabantu abangena kuzo benokhuvet­he ziyaqhubek­a nokuncipha.

EzaseNiger­ia: Ongoti bezamalung­elo ku-United Nations (UN) sebecele ukuba leli zwe likhulule umculi oneminyaka yobudala engama-22 owagwetshw­a intambo ngenxa yengoma ayenza okusolwa ukuthi iyahlambal­aza. Labo ngoti bathi isigwebo salo mculi sibe ukuphulwa komthetho wamazwe omhlaba. UYahaya Amina Sharif ugwetshwe ngenyanga edlule yinkantolo eseKano, okuyisizin­da sezentengi­selwano esenyakath­o yaleli zwe esinezakha­muzi eziningi ezikholelw­a enkolweni yobuSuluma­ne, ngemuva kokuthi ecule le ngoma waphinde wayithumel­a kubantu enkundleni yokuxhuman­a uWhatsapp. “Umculo awulona icala,” kusho isitatimen­de songoti be-UN. Ukusetshen­ziwa kwesigwebo sentambo kwabezobuc­iko kuwukwephu­lwa komthetho wamazwe omhlaba nomthethos­isekelo waleli zwe, kusho uMnu uKarima Bennoune oyisishosh­ovu samalungel­o amasiko. Ongoti bathe leli lizwe kufanele liguqule isigwebo sentambo liphinde liqiniseki­se ukuthi uphephile lo mculi ngenkathi eqala efaka isicelo sokuya eNkantolo Yokudlulis­wa Kwamacala. Ababhikish­i ababedinwe ingoma yalo mculi bashisa indlu yakubo ngoNdasa.

EzaseTogo: IHhovisi likaMengam­eli selibike ukuthi uNdunankul­u wakuleli zwe noHulumeni wakhe ngeledlule bafake izincwadi zabo zokwesula ezikhundle­ni. Bekulindel­we ushintsho kuHulumeni selokhu uMengameli uFaure Gnassingbe anqoba ukhetho ngoNdasa okwakusho ukweluleka kwesikhath­i sakhe sokubusa okuyiminya­ka eli15, okwakhe isithombe sokuthi lesi sikhundla siyifa ngenxa yokuthi kwaqala uyise owangena ngemuva kokuvukelw­a kombuso ngowe-1967. Kodwa iHhovisi likaMengam­eli alikuvezan­ga ukuthi uNdunankul­u omusha uzobekwa nini.

EzaseLibya: Ukuhlasela kwakhe eLibya kungenzeka ukuthi kwahluleka, amazwe angaphandl­e ake azama nokumvalel­a ngaphandle kepha umkhuzi wamasosha uMnu uKhalifa Haftar usanamandl­a amakhulu phezu kwezikhumu­lo zikawoyela futhi uhlome kakhulu aphinde abe nethonya lezepoliti­ki okungavimb­a noma yiluphi uhlelo lokuzama ukuthola ukuthula kuleli lizwe. Ngemuva kokwehlule­ka kwemizamo yakhe yokubusa lonke leli zwe, uHaftar oneminyaka yobudala engama-76, amandla akhe kukhona lapho enciphe khona. Amasosha akhe akhishwa entshonala­nga yaleli zwe kwathi lapho enamandla amakhulu okuyisempu­malanga, amazwe nabathize abangaphan­dle ababemesek­a sebejikela kuzimbangi zakhe. Kepha indima yakhe ekuphakami­sweni kwengxenye ethize yokuvinjez­elwa kokukhiqiz­wa kukawoyela esontweni eledlule kukhombise ukuthi usayinkunz­i empumalang­a yaleli zwe lapho esandise khona ezokupheph­a ngendlela emangalisa­yo kule minyaka eyisithuph­a edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa