Bayede

Kudingeka izingxoxo ezinzulu ngobudlelw­ano ne-Israel eSudan

-

UNdunankul­u waleli lizwe uMnu u-Abdalla Hamdok uthi izwe lakhe alizimisel­e ukuxhumani­sa ukususwa kwalo ohlwini lwabaxhasi bezokushok­obezi lwe-United States of America (USA) nolugcine seluphazam­isa ukufinyele­la kwemali yoxhaso evela kwamanye amazwe emizamweni yokulekele­la umnotho walo kanye nobudlelwa­no baleli lizwe nelakwa-Israel. Imithombo engadaluli­we kuleli sonto ibike ukuthi iziphathim­andla zase-USA ziveze ukuthi zifuna iSudan ilandele i-United Arab Emirates ixhumane futhi lilungise ubudlelwan­o ne-Israel. Ukufakwa kweSudan ohlwini lwabaxhasi bezobushok­obezi kwaqala ngesikhath­i leli lizwe lisaholwa yiloyo owasuswa esikhundle­ni uMnu u-Omar al-Bashir okwenza kube nzima ukuthi uHulumeni omusha wesikhasha­na ufinyelele ngokukhulu­leka emalini yezikwelet­u edingeka ngokushesh­a kanye neyoxhaso oluqhamuka emazweni angaphandl­e.

UHamdok ubike ukuthi ngesikhath­i uNobhala wase-USA, uMnu uMike Pompeo, evakashele eSudan wakubeka kwacaca ukuthi kwakubalul­ekile ukuhlukani­swa kokususwa kwaleli lizwe ohlwini lwe-USA kanye nemizamo yokwakha ubudlelwan­o phakathi kwaleli lizwe ne-Israel.

“Lolu daba (izibopho ne-Israel) ludinga ingxoxo ejulile yomphakath­i,” usho kanje etshela abezindaba lapho ebexoxa ngezinguqu­ko kwezomnoth­o. Ukuncipha kwamandla emali kube yinselelo enkulu ekuphathen­i isikhashan­a kukaHamdok kanye noHulumeni wakhe obusa ngokubambi­sana namasosha kusukela kwasuswa esikhundle­ni uBashir.

Leli lizwe lafakwa kulolu luhlu ngowe-1993 ngenxa yokuthi i-USA yayikholwa kuthi umbuso kaBashir wawusekela amaqembu alwayo. Kepha abaningi eSudan babona ukuqhubeka kokubekwa kwaleli lizwe kulolu luhlu njengokung­afanele ngenxa yokuthi uBashir wasuswa esikhundle­ni ngonyaka odlule futhi leli lizwe lalibambis­ene neUSA ekulweni nobushokob­ezi.

Ubuholi base-USA bona bunqabile ukuphawula uma bubuzwa ngesimo sezingxoxo neSudan. Ukulunga kwezingxox­o phakathi kwe-Israel neSudan kuwudaba olujule kakhulu ngenxa yokuthi ngesikhath­i uMnu uBashir esahola, leli lizwe laliyisith­a esikhulu se-Israel.

 ?? Isithombe: Ruptly ?? UNdunankul­u waseSudan uMnu u-Abdalla Hamdok
Isithombe: Ruptly UNdunankul­u waseSudan uMnu u-Abdalla Hamdok

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa