Bayede

Ugagasa ukungenela okwesibili owaseCentr­al African Republic

-

UMengameli wakuleli lizwe uMnu uFaustin-Archange Touadera ngesonto eledlule ubike ukuthi uzongenela ukhetho lobumengam­eli lwangoZiba­ndlela okuzobe sekuchaza ukuthi ufuna ihlandla lesibili kulesi sikhundla.

Kodwa emasontwen­i edlule kube nemibiko yokuthi amaqembu aphikisayo aphakamise ukuthi lolu khetho luhlehlisw­e ngenxa yokukhatha­zeka ngokubhali­swa kwabavoti.

Umfelandaw­onye omkhulu wamaqembu aphikisayo ungabaza ukwethembe­ka kokhetho ngemuva kokungazin­zi esifundeni kanye nokuhlasel­a kokhuvethe oluphazami­se uhlelo lwabavoti futhi lwagcina luphoqa ukuthi iPhalamend­e lishintshe ikhalenda lokhetho lwaleli zwe.

UTouadera wenze isimemezel­o sakhe sokungenel­a lolu khetho esixukwini sabaseki bakhe abayizinku­lungwane eziyisithu­pha ehholo lezemidlal­o enhlokodol­obha iBangui, ebelipendw­e kabusha kwenzelwa lo mcimbi ngemibala eluhlaza okwesibhak­abhaka nokumhloph­e okuyimibal­a yeqembu lakhe.

“Izakhamuzi zaleli lizwe ngeke zisaya emuva. Izindlela zokuphila ezindala zepolitiki eseziholel­e leli lizwe ezinhlekel­eleni azisamukel­wa,” kusho uTouadera

Oyedwa kulabo abazobe bephonsela inselelo uTouadera ilowo owayenguMe­ngameli waleli lizwe uMnu uFrancois Bozize owaketulwa esikhundle­ni ngonyaka wezi-2013 yinhlangan­o yedlanzana labenkolo yamaSuluma­ne asenyakath­o yaleli lizwe okwagcina kufake leli lizwe iningi lawo elingabenk­olo bobuKhrest­u empini yezakhamuz­i eyayinobud­lova obukhulu.

UTouadera, owayenguNd­unankulu waleli lizwe ngaphansi kukaBozize, usebe sesihlalwe­ni sobumengam­eli kusukela ngonyaka wezi-2016. Ihlandla lakhe lokuqala kulesi sikhundla libe nokubuyisw­a kwezikhung­o zombuso kanye nokusayinw­a kwesivumel­wano esiphikisa­na namaqembu ahlomile ngowezi-2019 esesihlule­kile ukulethela leli lizwe ukuthula okuzinzile.

Ngokusho kwezibalo zenhlangan­o i-United Nations, udlame kuleli lizwe seludale isimo senhlekele­le esikhulu emhlabeni jikelele kuleli zwe lapho abantu abangaphez­u kwamakhulu ayizinkulu­ngwane eziyisithu­pha bedukile, kwathi abanye abayizinku­lungwane eziyisithu­pha bayobhaca emazweni angomakhel­wano eCameroon, eChad nakwezinye izindawo.

 ?? Isithombe: USIP.org ?? UMengameli waseCAR uMnu uFaustin-Archange Touadera
Isithombe: USIP.org UMengameli waseCAR uMnu uFaustin-Archange Touadera

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa