Kulokhu aboHlanga basenza siziqhenye
Kuhlale kukhathaza ukuthi iningi lamaphephanda ikakhulukazi esilungu ahlale ebeka aboHlnaga njengabasolwa. Okubi wukuthi lo mkhuba usunabele nakwamanye amaphephandaba aboHlanga. Lokhu sithi kuyakhathaza ngoba kutshala umqondo othi akukho okuhle okwenziwa ngabakwethu. Empeleni asisho ukuthi abakwethu kabanawo amabatha, esikushoyo wukuthi abawona amaphutha lawa abawenzayo. Sesingasho yini ukuthi njengoba sagilwa ngabelungu ngakho bonke abelungu bonke banjengalaba abasigilayo?
AboHlanga banawo amaphutha njengoba sishilo ngenhla, futhi maningi. Amanye adalwa ngumlando esiphuma kuwo kanti amanye yimikhuba nje egilwa yibo. Sesikushilo lokho sibona kuwumsebenzi wabezindaba ukuthi bathunge lapho konakele khona. Ngokuthunga kasisho ukuthi akungashiwo okubi kepha sithi akushiwo phela nokuhle. Ekushoni okuhle sikholwa wukuthi wenza izinto ezimbili; okokuqala uveza lokho okuhle kepha okunye okwenzayo ufundisa abenzi bobubi kanye nabanye ukuthi inkhona enye indlela yokwenza.
Njengaleli phephandaba sichemile naboHlanga ikakhulukazi labo abenza okuhle. Futhi ngeke siyeke ukwenza njalo ngoba sizibophezele ekubuyiseni lo woHlanga owathunjwayo wenziwa yonke into le asaphenduka waba yiyo. Sibuyisa owesifazane woHlanga oziqhenyayo, owesilisa ovikelayo nonakekekelayo. Sibuya into yakwabo nensizwa yaMakhosi!
Yikho nje siziqhenya uma sizwa abanye bethu bephumelela kwabakwenzayo futhi okwehlukile. Kusuka kuMbuso Khoza ngamahubo, kuya kwabengoma iJersalema siyaziqhenya. Owakamuva nje owenze sanezimpiko ngumfo kaMosimane owenze ezibukwayo ebholeni lakuleli. Empeleni ufake izikhulu zebhola zakuleli ehlazweni, zithe lapho zichitha imali ziyofuna kokunye imilotha yabaqeqeshi ngaphandle uMosimane wabadla bonke ngejozi kwathula kwathi du. Uthe lapho eselindwe ukuthi azinze emuva kokwenza kahle wabe esenabela phezulu wayoqeqesha izikhondla khondla zase-Afrika eGibhithe. Ingena nje eyakwethu lapha akekho oke walinga. Ngalokho sithi siyaziqhenya ngale nsizwa yakwethu!