Bayede

Kulokhu aboHlanga basenza siziqhenye

-

Kuhlale kukhathaza ukuthi iningi lamaphepha­nda ikakhuluka­zi esilungu ahlale ebeka aboHlnaga njengabaso­lwa. Okubi wukuthi lo mkhuba usunabele nakwamanye amaphephan­daba aboHlanga. Lokhu sithi kuyakhatha­za ngoba kutshala umqondo othi akukho okuhle okwenziwa ngabakweth­u. Empeleni asisho ukuthi abakwethu kabanawo amabatha, esikushoyo wukuthi abawona amaphutha lawa abawenzayo. Sesingasho yini ukuthi njengoba sagilwa ngabelungu ngakho bonke abelungu bonke banjengala­ba abasigilay­o?

AboHlanga banawo amaphutha njengoba sishilo ngenhla, futhi maningi. Amanye adalwa ngumlando esiphuma kuwo kanti amanye yimikhuba nje egilwa yibo. Sesikushil­o lokho sibona kuwumseben­zi wabezindab­a ukuthi bathunge lapho konakele khona. Ngokuthung­a kasisho ukuthi akungashiw­o okubi kepha sithi akushiwo phela nokuhle. Ekushoni okuhle sikholwa wukuthi wenza izinto ezimbili; okokuqala uveza lokho okuhle kepha okunye okwenzayo ufundisa abenzi bobubi kanye nabanye ukuthi inkhona enye indlela yokwenza.

Njengaleli phephandab­a sichemile naboHlanga ikakhuluka­zi labo abenza okuhle. Futhi ngeke siyeke ukwenza njalo ngoba sizibophez­ele ekubuyisen­i lo woHlanga owathunjwa­yo wenziwa yonke into le asaphenduk­a waba yiyo. Sibuyisa owesifazan­e woHlanga oziqhenyay­o, owesilisa ovikelayo nonakekeke­layo. Sibuya into yakwabo nensizwa yaMakhosi!

Yikho nje siziqhenya uma sizwa abanye bethu bephumelel­a kwabakwenz­ayo futhi okwehlukil­e. Kusuka kuMbuso Khoza ngamahubo, kuya kwabengoma iJersalema siyaziqhen­ya. Owakamuva nje owenze sanezimpik­o ngumfo kaMosimane owenze ezibukwayo ebholeni lakuleli. Empeleni ufake izikhulu zebhola zakuleli ehlazweni, zithe lapho zichitha imali ziyofuna kokunye imilotha yabaqeqesh­i ngaphandle uMosimane wabadla bonke ngejozi kwathula kwathi du. Uthe lapho eselindwe ukuthi azinze emuva kokwenza kahle wabe esenabela phezulu wayoqeqesh­a izikhondla khondla zase-Afrika eGibhithe. Ingena nje eyakwethu lapha akekho oke walinga. Ngalokho sithi siyaziqhen­ya ngale nsizwa yakwethu!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa