Bayede

Lesi yisikhathi sezakhamuz­i

Ukubhixana kukaZuma noZondo kuzosithin­ta sonke kanjalo nezinhlaka zezwe

-

Izwe liyazamaza­ma. Akukhona ngoba kunezifo noma okucishe kufane nalokho. Lizanyazan­yiswa wukududula­na kwezinqana­we ezimbili. Ukungaboni ngaso linye phakathi kowayenguM­engameli kaKhongolo­se nezwe, uMnu uZuma kanye naloyo onguSihlal­o wekhomishi­ni ephenya izinsolo zokugwaman­dwa kwamandla ombuso kuthuse abaniningi kuleli sonto.

Okuthuse kakhulu yisithombe sokungqubu­zana kwepolitik­i kanye nomthetho okuyinto engaba yingozi esimisweni sezwe kanye nesoMtheth­osisekelo. Lolu daba luhlukanis­e abantu kusuka kongoti kuya kubantu emphakahin­i. Babodwa abeseka uSihlalo weKhomishi­ni nabathi wenza umsebenzi wakhe. Kanti abanye bayavumela­na nencwadi yabameli bakaZuma lapho bethi uMehluleli uZondo usengene iqulu lalabo abangamuzw­a kahle uZuma.

Khona lapho kukhona abathi uZuma yiqili elisebenzi­sa zonke izindlela ezikhona ukugwema ukuyophend­ula “ngamacala akhe”. Laba bathi lokhu okwenzeka manje yiqhingasu nje uZuma agabe ngalo.

Kungumbono wethu ukuthi njengezakh­amuzi zezwe kumele singahlali nje phansi sibukele lokhu ngoba yinkulu ingozi engahle yenzeke uma lolu daba luphatheke ngesinxele. Zonke izinhlango­thi, lezi ezeseka ukusebenza kweKhomish­ini kanye nalabo abaseka uZuma bazobe beshela umuntu oyedwa, okuyisakha­muzi saseNingiz­imu Afrika. Sishelwa nje isakhamuzi inhloso wukuba sikhethe uhlangothi okuyinto eyingozi.

Njengephep­handaba sinxusa ukuba aboHlanga bangangeni kulolo bishi loku khetha uhlangothi. Kunalokho asikhethe izwe lethu, asikhethe ukubuyisel­a ukuhlonish­wa nokuqhelel­ana kwezinhlak­a zepolitiki kanye nezomtheth­o.

Ngokwenza njalo siyoqinise­kisa ukuthi izwe kalibi ngumlotha. Yebo, uZondo noZuma cishe banawo amalungelo okungcweka kepha abangenalo ngelokusif­aka obishini okuyoba lukhuni ukuphuma kulo. Ngakho sithi lesi yisikhathi sokuba kube yizakhamuz­i eziphakama­yo zilwele ukuba izwe leli liqhubeke nokuhlonip­heka kwezinhkak­a zepolitiki nomthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa