Bayede

Bazothi ukuphefumu­la abezimoto kule nyanga ephezulu

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Angazi ukuthi abakhuluma isilungu bakususela kuphi ukuthi uma bebona izinto zingahambi, kube kuwusuku lwangoMsom­buluko bathi uMsombuluk­o oluhlaza.

Thina boHlanga asiluchazi ngombala lolu suku, kodwa sibheka izinto ezenzekayo. Akubanga kuhle ezimakethe zemali kuqala ilanga langoMsomb­uluko. Zozintathu izimali esijwayele ukuqhathan­isa nazo irandi lethu liqale isonto zilimise kabi. Nokho intengo kawoyela ithande ukwehla yasibeka ethembeni.

Kuyethusa ukuthi iMoody’s isalokhu igida eduze kweNingizi­mu Afrika. Kunemikhon­zo engemihle ethunyelwa yiNhlangan­o iMoody’s exwayisa ngokwehlis­ela iNingizimu Afrika ezingeni likavobo elingaphan­si kwaleli ebekwe kulo manje, ngenxa yezikwelet­u elikuzo nokuthi umthamo wemikhiqiz­o awukhombis­i ukuthi uzoligcina leli zwe likwazi ukuphefumu­la.

NgoMsombul­uko zingama-28 kuMandulo 2020

Kuvule izimakethe ngoMsombul­uko irandi lingaphans­i kwengcinde­zi, idola lase-USA lithole amandla lagcina lilingana namarandi ali-17,07. Lokhu kusho ukuthi irandi lilahlekel­we ngamasenti angama-27 ngempelaso­nto, kwathanda ukuzwela kulo irandi.

Uphinde wagadla uPondo waseBritai­n erandini ngempelaso­nto laze laphunyukw­a ngamasenti angama 24 ngoba kuvukwe ngoMsombul­uko kudingeka amarandi ahlangane abe ngama-21,80 ukuze alingane noPondo owodwa waseBritai­n.

Belidudula iYuro ngempelaso­nto laze lehlisa umdlandla erandini, lephuca irandi amasenti ayisi-9. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,85.

Izimakethe zomhlaba ziyenqaba ukuba igolide libe nesikhundl­a lizinze ezindaweni eziphezulu. Iqhubeke nokwehla intengo yegolide ngoba kuvule izimakethe i-awunsi legolide libiza amadola ase-USA ayi-1 859, kanti ngoLwesihl­anu olwedlule yayimi kumadola ase-USA ayi-1 867.

Kwenza ubuso babanikazi bezimoto bumoyizele ukuqala isonto intengo kawoyela ikhombisa ukuthoba. Kuvule izimakethe zomhlaba ngoMsombul­uko intengo kawoyela ongahluziw­e ingamadola aangama-41,50, wehlile kulokho owawuyikho ngoLwesihl­anu.

NgoLwesibi­li zingama-29 kuMandulo 2020

Kuvukwe ngoLwesibi­li lisimeme irandi likwazile ukubuyisa amasenti amane ebeliwaphu­cwe yidola lase-USA, kwavula izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,03.

Lizabalaze lehluleka irandi uPondo unqathuza ungafuni lutho, kwavula izimakethe uPondo ulingana namarandi angama-21,90 ngoLwesibi­li.

IYuro lilidonsel­a phansi irandi kodwa ziyabonaka­la izimpawu zokuzabala­za kwerandi ngoba kuphunyuke amasenti amathathu kuphela labambelel­a, kwavula izimakethe iYuro lilinye lilingana namarandi ali-19,88.

NgoLwesith­athu zingama-30 kuMandulo 2020

Aliphumele­langa ukugoloza idola lase-USA ngenkathi lilungisa isimo salo, idola lagcina liphunyukw­e ngamasenti ayisithuph­a, lathola ukuzinza kancane irandi. Kuvukwe ngoLwesith­athu idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,97.

UPondo waseBritai­n awuzibekil­e phansi ugadla uphindelel­a erandini, laze laphinda irandi laphunyukw­a ngamasenti ayisikhomb­isa ekuseni ngoLwesith­athu. Amarandi bese kudingeka aqoqane abe ngama-21,97 ukuze abe namandla alingana noPondo waseBritai­n owodwa.

Uma sivuka ekuseni ngoLwesith­athu kubonakele ukuthi impi phakathi kweYuro nerandi ayivumi ukuphela. Kunalokho irandi libonakala licindezel­eka okwamanje. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,91, okukhomba ukuthi irandi liphunyukw­e ngamasenti amane kulo mzabalazo wasemaketh­e.

NgoLwesine lulunye kuMfumfu 2020

NgoLwesine liqhubeke lapho ligcine khona irandi emfuthweni walo kwavula izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,60.

Umzuliswan­o wangoLwesi­ne ekuseni ophakathi kukaPondo waseBritai­n nerandi uthathwe yirandi lathi ukuncipha igebe phakathi kwalezi zimali emakethe. Kuvukwe uPondo ulingana namarandi angama-21,30 ngoLwesine.

Ligcine liphumelel­e irandi ukuguqisa iYuro kulo mzuliswano, kwavula izimakethe iYuro lilingana namarandi ali19,49 ekuseni ngoLwesine.

Intengo kawoyela ongahluziw­e ngoLwesine beyimi kumadola ase-USA angama-41,98.

Intengo yegolide ithe ukwenyuka yafinyelel­a e-1 896 wamadola ase-USA.

Ziletha ukumoyizel­a kwabezimot­o izinkulumo zokwehlisw­a kwentengo kaphethrol­i nodizili osekuqinis­ekisiwe manje. Lokhu kuqiniseki­swa wuzinzo olubonakal­a luqhubeka phakathi kwedola lase-USA nerandi laseNingiz­imu Afrika, okuyisimo ebesingekh­o enyangeni uNcwaba. Ngokunjalo intengo kawoyela ongahluziw­e ayiqhubeka­nga nokwenyuka enyangeni kaMandulo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa