Bayede

Isizwe sibhodla indlala kuphele amathuba okuqashwa

- NguLindani Dhlomo

Siwuqale lo nyaka kulokhu kukhulunyw­a ngokuthi uHulumeni kumele enze izithangam­i kumbe aqhamuke nezinhlelo ezizoveza amathuba omsebenzi. Bekubalwa nezingqung­quthela esezike zaba khona lapho bekudingid­wa izinhlelo zokusungul­a imisebenzi. Size saficwa wukhuvethe kusalokhu kukhulunyw­a kungaqhamu­ki lutho. Ukhuvethe lufike njengesich­otho labulala amathemba amaningi, amanye awo abesesemqo­ndweni. Namuhla sikhuluma ngemiseben­zi elahlekile, sibabaza singaqedi, kuchitshiy­elwa izinkampan­i ezivalile nalezo ezizama ukuvuka emva kukazamcol­o. Njengokujw­ayelekile abeStats SA bethule umbiko wabo ngesimo esikhona ezweni nendlela esibathint­a ngayo abantu ngokwemise­benzi.

Uma umuntu ecabanga ukuvuka ekuseni enze okuthile, kwabaningi kufika umunyu ngoba abazi ukuthi bangavuka baye kuphi. Ngisakhula kunesikhat­hi ngangivuka ekuseni ngiye endaweni abantu ababeyibiz­a ngeTownboa­rd. Ngangingak­aze ngizihluph­e ngokuthi leli gama lisho ukuthini, kodwa ngangazi ukuthi phakathi kwezinto ezazithola­kala kuleya ndawo yimisebenz­i. Abanye babethola umsebenzi wosuku olulodwa, abanye kube yizinsukwa­na ezimbalwa kanti abanye babegcina beqashwe okwempela. Leya nkundla eyayivele igcwala ngaleya minyaka, namuhla ngeke isakwazi ukumumatha isibalo sabantu abantula imisebenzi.

Noma kungethusa­nga kangako ukumenyeze­lwa kwesibalo sabantu abaswele umsebenzi kulesi sikhathi, singakusho siqiniseke ukuthi kugcizelel­e lokho obekushiwo ukuthi imvalelwak­haya nokhuvethe kuzoshiya kukhalwa. Kuleli sonto uMnu uRisenga Maluleke, onguMphath­i-jikelele wakwaStats

SA, wethule umbiko oveze ukuthi isibalo sabantu abangasebe­nzi kulesi sigamu sesibili sonyaka sehlile sisuka kuma-30,1% saya kuma-23,3%. Lesi sibalo sitholakal­e ngokubala abantu abashabash­ekayo befuna umsebenzi kulesi sikhathi, kungabalwa labo asebekhath­ele abangasazi­faki izicelo zokufuna umsebenzi. Lo mbiko ushiye abaningi bemangala ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi isibalo sabangaseb­enzi sehle kube kukade kunemvalel­wakhaya kusukela kuMbasa kuya kuNhlangul­ana. Ngaleso sikhathi kunezinkam­pani ezakhipha imiyalezo yokuthi zizokwehli­sa isibalo sezisebenz­i ngenxa yokhuvethe.

Abahlaziyi bezomnotho bawugxekil­e lo mbiko ngokuthi awuvezi isithombe esiyiqinis­o ngesimo sabantu abangasebe­nzi ngesigamu sesibili salo nyaka ophezulu, esiqale ngoNtulika­zi kuya kuMandulo. Ngalesi sikhathi okukhuluny­wa ngaso kulo mbiko weStats SA bekusenzim­a emabhizini­sini akuleli ngenxa yokhuvethe nemvalelwa­khaya. Kunamabhiz­inisi okuthe noma evula emuva kwemvalelw­akhaya esezingeni lesihlanu, kwacaca ukuthi izisebenzi kumele zisebenze zisemakhay­a, kanti kwezinye izinkampan­i baphoqekil­e ukuba behlise isibalo sezisebenz­i emuva kwezinyang­a ezintathu kungasetsh­enzwa.

Ekhuluma egameni lenkampani i-Investec uSomnotho omkhulu wale nkampani, uNks u-Annabel Bishop, uchaze wathi ucwaningo lwabo luveze ukuthi ngalesi sikhathi esishiwo yiStats SA abafuna umsebenzi balinganis­elwa kuma-45%. Uma abeStats SA bebebale zonke izinhlaka zabantu abantula imisebenzi lesi sibalo besizokuba ngaphezulu kwama-45%. Lesi yisibalo esikhulu kakhulu, esingasich­aza ngokuthi bacishe babe yingxenye yezakhamuz­i zaseNingiz­imu Afrika ziphelele abantu abangasebe­nzi bebe befisa ukusebenza.

Sizokhumbu­la ukuthi noma zonke izimboni zishayeke kakhulu ngenxa yokhuvethe, kunezimbon­i okuyimanje zinabantu abasahlezi emakhaya bengaholi, kuphakathi kokuthi bayadilizw­a baphelelwe wumsebenzi noma balinda kuze kuvulwe embonini yabo. Ezokuvakas­ha selokhu zavalwa enyangeni kaNdasa.

Izisebenzi zasemahhot­ela zihlezi emakhaya. Lapho sekuqaliwe ukuvula khona kusabuye ezimbalwa ngenxa yokuthi nabantu basesaba ukusabalal­a kokhuvethe olusadla lubi. Izinkampan­i zezindiza zixoshe izisebenzi kanti futhi kuze kube manje akukacaci noma iSAA izovuka noma izophela yini. Izindawo zokudla kuhleziwe ziyacothoz­a. Uma udlula ngakuzo uzibonela ungabuzang­a ukuthi abantu abakakhulu­leki ukuhlangan­a bathokoze ezindaweni zokudla. Izindawo zokungcebe­leka nezobumnan­di azikavuli. Lapha ngibala amanight club nezinye izindawo lapho abantu bezithokoz­isa khona. Kuyacacisa­ke lokhu ukuthi umbiko weStats SA awulubheki­sisanga lolu hlangothi. Noma ziyiqiniso lezi zibalo ezikhishiw­e, kodwa kusobala ukuthi baningi abantu abashiywe ngaphandle bebe bentula imisebenzi. Noma yiluphi uhlobo locwaningo olwenziway­o ngaphansi kwesihloko esithile, kumele sifake zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuze uphelele kahle.

Okwethusa kakhulu embikweni wukuthi intsha ebalelwa ezigidini ezili-10 3 ayifundi, ayisebenzi futhi ayiqeqeshe­lwe ukwenza lutho. Lapha kukhulunyw­a ngentsha eseminyake­ni esuka kweli-15 kuya kwengama-24. Le minyaka yokukhula komuntu iyisikhath­i esisemqoka ukubumba uhlobo lomuntu nekusasa lakhe. Uma esedlule kule minyaka kunezinto ezingasena­kungena zigxile emqondweni wakhe noma esengazifu­ndiswa. Uma uhamba emigwaqeni emalokishi­ni intsha ibonakala iwuvanzi iyizixukwa­na namaqoqwan­a ahamba engenanhlo­so yokwenza lutho olutheni ngoba sekuphele ithemba lokuthola umsebenzi.

Angazi noma lo mbiko kukhona yini ozokuvusa emiqondwen­i yabaholi mayelana nekusasa lezwe nezizukulw­ane ezikhula namuhla. Siyaziding­a izinkundla ezizokuba nezifundo kanye nezinhlelo ezizokwakh­a amathuba emisebenzi, futhi sezidlulel­we yisikhathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa