Bayede

Ukuphazami­seka engqondwen­i kuphazamis­a indlela ejwayeleki­le yokuthethw­a kwecala

-

Isinqumo sangoMsomb­uluko zingama-28 kuMandulo wezi-2020 seNkantolo iBucks County Court eDoylestow­n, ePennsylan­ia, phesheya kwezilwand­le egwebe umama nendodakaz­i abaphazami­sekile ngokwengqo­ndo ukubolela ejele, kungenzeka sivuse imibuzo ngokugwets­hwa kwabantu abasesimwe­ni esifana nesabo.

UShana Decree (47) nendodakaz­i yakhe uDominique (21) balahlwe yicala lokubulala ngesihluku izihlobo zabo eziseduze ezinhlanu okuhlangan­isa nezingane ezintathu nyakenye.

UMengameli Wabehlulel­i uWallace Bateman utshele laba ukuthi benze ubuhlungu obungachaz­eki.

“Lokhu kubi kakhulu ngoba ngikholwa ukuthi nobabili nikhombisi­le ukuzisola, ngeshwa lokho ngeke kubabuyise, ngeke nixolise bese nilindela ukuthi abantu baqhubeke nempilo yabo,” kusho uMehluleli uWallace ekhipha isigwebo.

Laba abagwetshi­we abebekhala baxolisile enkantolo nasezihlot­sheni zabo ebezisenka­ntolo.

UDominique uthe akazi kungani benza leli cala.

Osebenza ngezingane nentsha owaya endaweni yesigameko uthi wathola izidumbu zezingane zikaShana, esikadadew­abo nezingane zakhe (udadewabo) ezimbili ezingamawe­le ziklinyiwe abanye bebulawe ngokuncish­wa umoya.

Amaphoyisa athe abagwetshi­we batholwa endlini bengekho esimweni esikahle, ifenisha ibhekiswe phansi kanti kuthiwa ababekukhu­luma kwakushayi­sana kodwa bethi bonke ababesendl­ini “babefuna ukufa”.

ISekela loMmeli Wesifunda Omkhulu, uChristoph­er Rees, lithe lokhu kubulala kwathatha izinsuku ezintathu. Inkantolo yaqoka abeluleka ngokwengqo­ndo nodokotela bengqondo abathole ukuthi laba abagwetshi­we bebe nokuphazam­iseka okukhulu ngokwengqo­ndo okuhlangan­isa ukungathan­di ukuzihlang­anisa nabantu, ingcindezi eba emva kwesigamek­o esibi.

Kuvele ukuthi bebelashwa kanti uDominique yena uqale eneminyaka yobudala emihlanu.

UMmeli kaShana, uChrista Dunleay, uthe ikilayenti lakhe lalingalod­wana futhi likhohlise­kile ngesikhath­i sesigameko likholwa ukuthi “umhlaba uyaphela futhi kunamadimo­ni endlini yakhe futhi kumele awathobele”.

Uthe umndeni kaShana wazama ukumsiza kodwa lokhu kukhohlise­ka kwakunaman­dla.

UMmeli Wesifunda, uMatt Weintraub, uthe ukuba laba bebengenak­ho ukuphazami­seka ngokwengqo­ndo bebezogixa­bezwa ngesigwebo sentambo.

Umthetho eNingizimu Afrika

ISigaba 12(1) soMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika sivikela ilungelo lenkululek­o nokuvikele­ka komuntu okuhlangan­isa ukungephuw­a ilungelo lokungathe­thwa kwecala lakhe nelokungaf­akwa esitokisin­i ngaphandle kokuqulwa kwecala.

Amalungelo ababoshiwe, abatokile nabasolwa avikelwe futhi iSigaba 35 soMthethos­isekelo esithi umsolwa unelungelo lokuqulwa kwecala lakhe ngokungenz­eleli.

Lokhu akudingi kuphela ukuthi umuntu abe senkantolo siqu sakhe kodwa nangokweng­qondo. Obhekene necala kufanele abe sesimweni sokuqonda okwenzeka enkantolo ukuze ezokwazi ukuzivikel­a kahle.

Umuntu ongeke akwazi ukwenza lokhu uthathwa njengongak­ulungele ukuqulwa kwecala.

ISigaba 77 seCriminal Procedure Act 51 we-1977 (CPA) sibhekene nokuphathw­a kwabasolwa abangakulu­ngele ukuqulwa kwecala ngenxa yokuphazam­iseka ngokwengqo­ndo noma ukungakwaz­i ukucabanga ngendlela efanele.

Nakuba abasolwa abanalesi simo engeke athethwa amacala abo kodwa abakhishwa phambili futhi abadedelwa njengoba iSigaba 77(6) siyalela inkantolo ukuba kube yiyo eshoyo ukuthi ngabe icala umsolwa abekwe lona ulenze kungenxa yesimo sengqondo yakhe.

Uma inkantolo ithola ukuthi umsolwa ubulele, ubulale ngokungenh­loso, udlwenguli­le noma wenze amacala odlame okanye inkantolo ibona ukuthi icala lithinta umphakathi, iSigaba 77(6) (a)(i) seCPA siphinde siyalele inkantolo ukuba ikhiphe umyalelo wokuthi umsolwa agcinwe esibhedlel­a sabaphazam­iseke ngokwengqo­ndo noma ejele kusalindwe ukuba akhululwe umehluleli ngokweSiga­ba 47 seMental Health Care At 17 wezi-2002 (MCHA).

Uma inkantolo ithola ukuthi umsolwa wenze amanye amacala noma akenzanga lutho nhlobo, iSigaba 77(6)(a)(ii) seCPA siphinde siyitshele ukuthi iyalele umsolwa ukuba aziyise yena esikhungwe­ni ngokweSiga­ba 37 seMCHA.

Lezi zigaba ziwujuqu ngokuthi uma inkantolo isithole ukuthi umsolwa akakulunge­le ukuqulwa kwecala, ayinakho engakwenza ngaphandle kokukhipha umyalelo wokuba agcinwe ngandlela thile.

Okuhlinzek­wa iSigaba 77(6)(a) kwehlukile kulokho kweSigaba 78(6) seCPA esisetshen­ziswa uma icala likamsolwa liquliwe lamthetha ngenxa yesimo sengqondo yakhe. NgokweSiga­ba 78(6)(b), inkantolo njengenye yezindlela zokugcina umsolwa, inegunya lokumkhiph­a okungaba ngaphansi kwemigomo ethile noma ngaphandle kwayo.

Lokhu akukho ngaphansi kweSigaba 77(6)(a)(i) noma (ii). Ngamanye amazwi iSigaba 77(6)(a) siyalela ukugcinwa ngaphandle kokuqulwa kwecala kuye ngesisindo secala umsolwa abekwe lona.

Lokhu kusho ukuthi kukhona okungabizw­a ngokuthi “ukuqulwa kwamaqinis­o” kanti sekube nokukhatha­zeka ngokuthi ngabe lezi zigaba ziyahambis­ana yini noMthethos­isekelo. - nguSabelo Mbatha

 ??  ?? UShana Decree
UShana Decree

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa