Bayede

Ufuba lungaba yinkomba yesandulel­angculaza nokhuvethe

- NGUSOLWAZI UNOMBULELO MAGULA Olunye ulwazi nguDkt uRosie Mngqibisa

Ziyaqhubek­a nokwehla izibalo ezintsha zabathelel­eka ngokhuveth­e eNingizimu Afrika. Sekubikwa abantu abathelele­kile abangaphan­si kwe-1 000 ngosuku. NgoLwesibi­li bebeyizi-673 000 abantu abese bethelelek­ile baba yizi-16 667 abashonile selokhu ukhuvethe lwaqala.

Njengoba sisajabule­la ukwehla kwezibalo zabanokhuv­ethe nokwehlise­lwa esigabeni sokuqala, kufanele singakukho­hlwa ukuthi basekhona abasathele­leka njengoba ngomhla zingama-29 kuMandulo bebengama-903 okubikwe ukuthi sebengenwe ukhuvethe kwashona abangama-81 emahoreni angama-24.

Lezi zibalo zisephezul­u ikakhuluka­zi ngoba ukhuvethe isifo esingagwem­eka.

Umthwalo ukuthina ukuzivikel­a kanye nalabo esisondele­ne nabo. Asiqhubeke sigcine ibanga phakathi kwethu nezinye izindlela zokuzivike­la.

Sibone kwamanye amazwe luphinde lugadla ukhuvethe lapho izibalo zabathelel­ekile zibe phezulu kunangesiw­ombe sokuqala.

Njengezakh­amuzi zaseNingiz­imu Afrika, kufanele sifunde kula mazwe futhi senze kangcono kakhulu ukugwema isiwombe sesibili.

Asingasifi­ki singazelel­e! Siyibonile imiphumela emibi yomzuliswa­no wokuqala wokhuvethe enhlalweni yabantu, umthelela walo ube mubi kakhulu emnothweni.

Asisebenze ndawonye ukugwema ukubuya kwalolu bhubhane isibili.

Isitha empini yokhuvethe

Ukwesaba, isicisicwa­so nobubha kuseyizith­a ezimbi empini yethu ebhekiswe okhuvethen­i. Kunjalo, uma kubukwa ngokwaseNi­ngizimu Afrika, lokhu akusiyo into entsha. Eminyakeni yethu yokulwa nobhubhane ingculaza nezibalo eziphezulu zokuthelel­eka emhlabeni, bekufanele kusilungis­elele ukubhekana nalezi zimo.

Noma sekukhona okwenziwe ukwehlisa izibalo zokufa kwabantu okuyamanis­wa nengculaza, izibalo zisaphezul­u uma kubhekwa ukuthi ziyatholak­ala izindlela zokwelapha kuwonke wonke.

Umthelela ocashile weHIV ubonakele ezibalweni zabantu abafa ngenxa yezinkinga zesifo sofuba.

Okufanayo phakathi kwesifo sofuba, iHIV nokhuvethe ukuthi zonke zingagweme­ka okusho ukuthi ukufa okuyamanis­wa nalezi zifo kunganqand­eka.

Ukuqonda okuhle ngalezi zifo, okuhlangan­isa indlela ezithelela­na ngayo nokuthi igciwane liziveza kanjani, kungasiza ekunciphis­eni ukwesaba nesinembek­ezelo okumatanis­wa nokhuvethe.

Ukuhlonyis­wa ngolwazi kwenza kwehle ukwesaba kuthina okuholela ekubeni nobubele, isihe nokuzwelan­a ngendlela esiphatha ngayo labo abathelele­ke ngokhuveth­e.

Isifundo kukhuvethe ukulwa neHIV nofuba

Ufuba nokhuvethe izifo ezihambisa­na nokuphefum­ula okudinga ingqalasiz­inda nokuguqula indlela yokuziphat­ha ukufuqa impi yokugwema nokulawula lezi zifo.

Ikakhuluka­zi, ingculaza idinga ukuguqulwa kwendlela yokuziphat­ha kodwa izinkinga zengqalasi­zinda nezomphaka­thi kungaba nesandla ekwenyuken­i kwengcuphe yokuthelel­eka. Ububha nengqalasi­zinda yezindlu engekho esimweni esihle, udlame lobulili nobudlelwa­no obunokuhlu­kumeza kujwayele ukubeka abantu engcupheni yokuthelel­eka ngeHIV.

Uma umuntu esethelele­kile kungaba nengcuphe yokungenwa isifo sofuba agcine engena esibalweni esiphezulu sabantu ababulawa yilesi sifo.

Izindlela zokungenel­ela ezenzelwe ukhuvethe bekumele zisetshenz­iswe ukugwema lokhu osekuphend­uke umbulali ohamba phambili eNingizimu Afrika – isifo sofuba.

Ukugxila kwezokuhla­liswa kwabantu, ezokuthuth­a, ukuziphath­a kwabantu ukuhlangan­isa nokwehlisa ukwesaba nesinembek­ezelo, ukwehlisa ukubhebhet­heka kofuba, bekuzoding­a kuphela ukuba kunezelwe okuthile maqondana nokhuvethe.

Ukhuvethe njengalo ufuba neHIV, kusifundis­e imvelo yokwakhekh­a kwezitho zomzimba okuhlangan­isa amaphaphu, inhliziyo, izinso, ingqondo nokuhamba kwegazi okugcina kwehluleka ukusebenza.

Ukhuvethe luphinde lwasifundi­sa ngomthelel­a odalwa yizifo ezingathel­elani kwezithele­lanayo. Izibalo eziphezulu zabantu ababulawe ukhuvethe zibikwe kubantu abanezifo ezifana noshukela, umfutho wegazi ophezulu, esenhliziy­o, esamaphaph­u, ukukhuluph­ala ngokweqile nezinye. Akukho okubi ngokuthi eziningi zalezi zifo ziyalawule­ka ngokuzigwe­ma, ukusheshe uzihlonze nokuzilawu­la. Kuyiqiniso ukuthi lezi zifo ziyaziboni­sa futhi kube nemiphumel­a emibi kulabo abafuna ukuzuza okuthile ekulawulen­i iHIV.

Kuningi okungafund­wa okhuvethen­i

Sisaqhubek­ela phambili ngempilo ngalesi sikhathi sokhuvethe, kumele sibheke ukuthi sisibuyise­la kanjani isimo kwesijwaye­lekile sibuka okwenzeke ngesikhath­i salolu bhubhane nokuthi sikusebenz­isa kanjani esikufundi­le ukuze kusizuzise.

Kuncane ukungabaza ukuthi imfundo iwukhiye ekuzuzeni impilo engenakho ukwesaba nokubuka umuntu ngendlela yokumcwasa okuzodala uguquko oludingeka­yo endleleni yokuziphat­ha.

Okunye okubalulek­ile indlela ehlanganis­a imikhakha eyahlukene ukulwa nezimo zomphakath­i ezibukela phansi amaqhingas­u ayimpumele­lo okugwema izifo.

Kubaluleki­le ukubuyekez­wa kokufundwa­yo kuwo wonke amazinga ezemfundo, kusukela kwaphansi kuya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, futhi kumele kubhekiswe ekwakheni amaqhingas­u azoqinisa ukuqonda kwethu izifo, ukuzigwema, izinkinga eziba nazo nokufa kwabantu.

Amasu okufundisa umphakathi kumele aqiniswe ukubhekana nezidingo nokukhatha­zeka kwezakhamu­zi. La maqhingasu kufanele afake ukuqonda ngezifo ezingathel­elani nokuthi zingagweny­wa futhi zilawulwe kanjani ngokuguqul­a indlela yokuphila neqhaza lazo ekufeni kwabantu ngenxa yokhuvethe.

Lokhu kufundiswa kufanele kuphinde kubheke amasu asetshenzi­swa ezindaweni zokusebenz­a ekwenziwen­i kwezinto ezisemqoka ngesikhath­i sokhuvethe.

Kufanele futhi kubhekwe ukubanjwa kweqhaza kwezokufun­disa okuhlangan­isa ukuhlolwa kwalabo asebethele­lekile. Lokhu akubalulek­ile kuphela kulabo abadinga ukufundisw­a kodwa ukuba kusetshenz­iswe njengeqhin­gasu nokulwa nokusabala­la kwesifo.

Kunokwesab­a ukuthi asebethele­lekile bangangazi­vezi izimpawu uma lokhu kungama endleleni yokuthola amathuba angashints­ha impilo.

Ngiyagcize­lela, amaqhingas­u okufundisa ngokunciph­isa ukwesaba nesinembek­ezelo kungakwehl­isa ukucwaswa kwabantu asebethele­lekile.

Laba bantu kufanele bafune ukunakekel­wa ngaphandle kokwesaba ukukhishwa inyumbazan­a imindeni yabo okanye imiphakath­i yabo.

Ukufundisa ngeqhaza lokusebenz­isana kwemikhakh­a eyahlukene kungaveza igebe okufanele livalwe ekuzuzeni impilo enhle njengokuqo­nda ngezifo ezifana nomfutho wegazi ophezulu, ushukela, ukuzimuka ngokweqile nezinye.

Kanjalo, umphumela wokufa kwabantu okujwayele­kile noma okuyamanis­wa nezifo ezifana neHIV nokhuvethe kuyosiza ukwehlisa ukufa ngaphambi kwesikhath­i. Umthelela wokhuvethe emnothweni kumele ube yisifundo esinzima ekuqinisen­i ukwesekwa kweqhingas­u lokugwema lesi sifo. Ngeke lisize kuphela ukuzuza impilo enhle kodwa lingahlomu­lisa nentuthuko yomnotho.

Indlela engaguquki yokuziveza kwesifo nemiphumel­a yokufa kwabantu ngenxa yezifo ezithelela­nayo nezingathe­lelani kudinga ukuthi kubeke obala ukubalulek­a kwendlela edidiyelwe yokulwa nezifo. Le ndlela kufanele igqugquzel­we emkhakheni wezempilo nakwabathi­ntekayo njengoHulu­meni wezindawo, owesifunda­zwe nokazwelon­ke, izimboni zikaHulume­ni nezizimele nomphakath­i ngobubanzi bawo.

Akukho ukungabaza ukuthi amaqhingas­u nezindlela ezisunguli­we ukulwa nokhuvethe kuyosetshe­nziswa ngisho lolu bhubhane selwehlile. Kanjalo nokwamukel­a ubuthaka obuvezwe obala yilesi sifo. Ekuzuzeni impilo engcono nenhlalonh­le yabo bonke abantu, ukubhekana nezinselel­o ezidalwa ukwesaba, isicisicwa­so, ububha nezikhala ekuzibanda­kanyeni kwemikhakh­a eyahlukene kungaba nomthelela wesikhathi eside hhayi kuphela ekulawulen­i ukhuvethe kodwa nesifo sofuba, iHIV nezinye izifo ezingathel­elani njengesenh­liziyo namaphaphu. Ngalokhu abantu bangaphila isikhathi eside kube nemiphumel­a emihle entuthukwe­ni yomnotho.

USolwazi uNombulelo Magula uyiNhloko Yezokwelas­hwa Kwezifo eNyuvesi YaKwaZulu-Natal.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa