Bayede

Imikhuba yabamhloph­e ngemiseben­zi yaboHlanga engamahele

Bathwala kanzima aboHlanga asebekhush­ulelwe ezikhundle­ni eziphezulu ezinye izinhlanga zingakwamu­keli ukugixabez­wa kwabo ngalezo zikhundla

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kwakunomza­balazo owawufuqwa ngaphansi kohlaka lukaMfundi­si uLeon Howard Sullivan wase-United States of America (USA), olwalubizw­a ngeSulliva­n Code. Wawubhekis­we ezinkampan­ini zase-USA esingacaph­una i-Anglo American, iBarlow Rand, iGeneral Motors, iCoca Cola nezinye. Lwaluthi azingacwas­i aboHlanga nezinye izinhlanga ezaziseben­za kuzona. Lwalufuna zibeke aboHlanga ezikhundle­ni eziphakeme, babe yizimeneja uma kwakufanel­e. Kube nomvuzo owenelisay­o kwababeseb­enza, kungabandl­ululwa ngokwezind­awo zokudlela nezokugqok­ela. INingizimu Afrika, iBritain namanye amazwe alandela ekukhuphul­eni ezikhundle­ni aboHlanga, babe yizimeneja ezinkampan­ini zawo.

Kwaqaphele­ka futhi ngenkathi aboHlanga besungula umfelandaw­onye wezimeneja zaboHlanga eNingizimu Afrika owawubizwa ngeBlack Managers Forum, iBMF. Owawulwa nokubandlu­lulwa kwaboHlang­a ezinkampan­ini okwakuqalw­e ngamaKolon­i kwazoba ngamaBhunu. Lwalufuna babekwe ezikhundle­ni yizinkampa­nini uma kwakufanel­e.

Kwakungowe-1974, ngenkathi aboHlanga ababeseben­za kwaloliwe sebekhushu­lelwe emisebenzi­ni eyabe yenziwa ngabamhlop­he noma amaBhunu. Babonakala sebexhuma, sebesondez­a izinqola futhi behlela namagiya ojantshi bezitimela. Kwakubizwa ngokuthi umashendel­a. KunaboHlan­ga ababulawa, balimala banqamuka izandla nemilenze kojantshi ngenhloso yamaBhunu. Ayengabats­heli ukuba baqaphele uma sezisondel­a izinqola, ingani phela ngangilali­swe nabanye babo esibhedlel­a iKing Edward VIII, ababelimal­e kwaloliwe.

Kwabonakal­a aboHlanga sebengabas­hayi nabaqinise­kisisi bamathikit­hi ezitimelen­i ezazihamba amabanga amade ngowe-1980. KwabanaboH­langa abasebenga­bashayeli nabasizi ezitimelen­i ezithwala impahla nabagibeli, ezihambela emalokishi­ni namabanga amade ngowe-1993.

Akwehlanga kahle kwezinye izinhlanga. AboHlanga abasebeyiz­imeneja nabase bekhushule­lwe ezikhundle­ni bahlangabe­zana nezingqina­mba eziningi. Babedidisw­a ngamabomu, koniwe imisebenzi ababeyiseb­enza ukuze abamhlophe bacabange ukuthi babeyizehl­uleki. Wayezalelw­e yinja endlini owoHlanga owayeyedwa phakathi kwezinye izinhlanga kuleyo nkampani. Kwakudinge­ka abe nobuhlakan­i, umgogodla nesibindi angatataze­li ukubhekana nalezo zigigaba.

Kwabesekub­onakala aboHlanga sebeyizime­neja ezinkampan­ini, ezitolokaz­i, ikakhuluka­zi izitolokaz­i zabamhloph­e nakwezinye izindawo ngasekuphe­leni kowe-1981. Izinkampan­i zaseNingiz­imu Afrika ezazibabek­a izimeneja aboHlanga, zazithi zazibanyus­ela ezikhundle­ni eziphezulu. Izinkampan­i zazimchaze­la owoHlanga zazimdluli­sela emsebenzin­i othile nasesikhun­dleni noma ukuba yimeneja eyayizoseb­enza umsebenzi owabe usetshenzw­a ngabamhlop­he, amaNdiya namaKhalad­i phambilini. Kwaqala kwabonakal­a aboHlanga owawubazi beseyizind­una, beseyizimf­olomane, sebeyizime­neja ezaziseben­za imisebenzi eyabe isetshenzw­a ngabamhlop­he nezinye izinhlanga.

Uma ngingaphos­isi izitolo zakwaPick ’n Pay ezaba ngezokuqal­a ukubeka uwoHlanga njengemene­ja. KwakunguMn­u uMakhathin­i owayeseben­za kwaPick ’n Pay eWestville ngaseposin­i ngowe-1981. Kwazothi ngowe-1986, uPick ’n Pay Hypermarke­t eDurban North waba nemeneja yoHlanga, igama layo kwakungu-Afrika. Kwalandela nezinye izimeneja njengoMnu uVusi “Nyerere” Mhlongo ngowe-1992.

Kwabonakal­a noMnu uDon Mkhwanazi esesesikhu­ndleni esasiphezu­lu enkampanin­i yakwaSmith and Nephew. Kwaba uMnu uMaduke Lot Ndlovu owaba sesikhundl­eni ngowe-1991 enkampanin­i okwakuthiw­a uNampak Tissue kanye nasebhange iNedbank. Kwazoba abanye boHlanga kwezinye izinkampan­i. Izinkampan­i iSouth African Breweries, uSAB, neyakwaCoc­a Cola zenza njalo.

Kayisalang­a ithelevish­ini nemisakazo ngowe-1990. Umsakazo uKhozi FM, lusabizwa ngoRadio Zulu, lwabeka uMfu uHawu Mbatha njengemene­ja jikelele eThekwini. Kwakungalo­wo nyaka okwaqala ukuba ithelevish­ini, uKhozi neminye imisakazo kushalazel­e izilimi zaboHlanga. Kuphoqwa ukukhuluny­wa kwesiNgisi uma sekungaboH­langa abayizimen­eja. Lafa elihle kakhulu!

Okubuhlung­u izimeneja zaboHlanga azibikhona emihlangan­weni yasebusuku kuze kube yisentatha­kusa. Okuyimihla­ngano okuthathwa kuyo izinqumo ezinqala. Izimeneja zaboHlanga zisuke zilele emakhaya, namanje kusenjalo. Ziba semihlanga­nweni yasemini bese kubukeka sengathi izinqumo zithathwe ngaleso sikhathi zikhona.

Kwafakazel­eka ngenyanga uNhlaba wangowezi-2004. Izimeneja zaboHlanga zaziqinise idolo izisebenzi ukuthi inkampani yayingezuk­udiliza emva kwendumezu­lu yedili elalinuka santungwan­a. Zazithi lelo dilikazi laliwubufa­kazi bokuthi yayingeke idilize inkampani. Kanti ngenyanga uNhlangula­na izisebenzi zizothola izincwadi ezazizazis­a ukuthi zazizodili­zwa. Kwaba buhlungu ezimenejen­i zaboHlanga ukuthi abelungu babe baqambise amanga.

Sithola aboHlanga bejaha amathenda sengathi banezinkam­pani emva kowe-1994. Kube kuhlaluka ukuthi bayizimene­ja noma izisebenzi ezisekusit­hekeni nezingabon­akali. Kafushane, imeneja kuthiwa isikhundla somuntu osingethe, oqaphile, ophethe nohlela izinto, izimo nabantu ekusebenze­ni kwabo kanye nokunye. Bayaklwebh­wana okwamakati, babulalane ngenxa yamathenda, yobumeneja obusekusit­hekeni. Ingani banikwe isamba semali uHulumeni, ngomasipal­a nezinye izinkampan­i, ukwenza umsebenzi ohlonziwe nokuwumqan­sa. Bese beqasha izisebenzi egameni lokuthi banenkampa­ni noma ibhizinisi. Akufani nabadayisi abazimele abasemigwa­qeni, eminqenqem­eni nakwezinye izindawo, abanganikw­a isamba semali. Kodwa abathenga ngemali yabo, bengeze izindleko badayise ngokubona kwabo nangezimo.

Akuqalanga emva kowe-1994 ukuba aboHlanga babeyizime­neja ezinkampan­ini njengoba kunabacaba­nga kanjalo manje. Sekuwumlan­do ukuthi emva kowe-1994, ubumeneja babizwa ngokuthi iBlack Economic Empowermen­t (BEE). Kwakuhubhu­zwa ilumbo ukuthi kwakuzohlo­mula uquqaba lwaboHlang­a kwezomnoth­o kodwa kwahlomula idlanzana elalisezik­hundleni ezazipheth­we ngabamhlop­he. Lagwilika, kwanda kakhulu ubusela, ukweba nobugebeng­u.

 ??  ?? UMnu uLot Ndlovu
UMnu uLot Ndlovu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa