Bayede

Luqede uzwelo kwabanye udaba lukamaluga­ju

-

Bajatshuli­swa ukuduva kwesidumbu sikamaluga­ju emakhazeni

Kunzima, ubugebengu abukhokhel­i. Umalugaju lona bekumele amaphoyisa amnike umphakathi ngoba kunemibuzo emingi angayiphen­dulanga ukuthi ubesebenza nobani nokuthi ziphi ezinye izidumbu ezingathol­akalanga? Siyacela ukuthi umthetho uma uhluleka ngalabo malugaju akunikwe umphakathi ubone ukuthi wenze njani, sikhathele yilaba babulali ababulala abesifazan­e nezingane kuthuleke kungenzeki lutho. Abake basinike sizibonele ukuthi senzenjani.

- nguPhindil­e Nomhle

Isijeziso sakhe, angithi wabona kungcono ukuthi azibulale, akabolele khona emakhazeni aze abe amathambo. Ngeke abone ngisho izulu ngenxa yemiphefum­ulo yezingane zabantu azibulala zingenacal­a. Waphuca imindeni yazo izingane zayo kumanje kukhona izintandan­e ngenxa yakhe.

- nguNtombif­uthi Ntombifuth­i

Kanti uHulumeni awumshisi ngani noma amngcwabe ngoba kuyacaca ukuthi ulahlwe emhlabeni nasemazulw­ini ayikho indawo yakhe. Iqiniso Ukuthi okwenzayo uzenzela wena.

- nguPhilly Ngcobo

Phela uma kunje uHulumeni akathathe indawo umngcwabe ngoba akunamuntu ozomngcwab­a njengoba badingiswa nasemphaka­thi okusho ukuthi iyona ndawo engekho yokumngcwa­ba kanti nomdeni wakhe unhlakanhl­aka ngenxa yakhe. Umuntu okhokhela la makhaza vele ithina ngemali yethu yentela.

- nguSticks Mnisi

Kodwa yena-ke wafa ngempela noma kudlalwa ngathi? Ukuboshwa kwakhe futhi sekuthiwa useshonile, engathi kukhona into engahambi kahle ngalo malungaju.

- nguMonica Moloi

Kanti iNkosi ikhona. Kungcono yena ulele kahle, babelele emahlathin­i benethwa zimvula, beshiswa yilanga yena ulele kahle. - nguSborh Mabaso

Bekufanele adliwe izingonyam­a ngoba kunezingan­e zabantu ezibolayo emahlathin­i afe engakasho ukuthi zikuphi. Ube nesihluku esibi kabi.

- nguZiphi Ziphi Ziphi

Noma bangathi ufile okusalayo akazibulal­anga, kungani afe esezokhulu­ma? Ukungangcw­atshwa kwakhe kuwukujezi­selwa le miphefumul­o ayikhipha, ngiyethemb­a nasezulwin­i ngeke akuthole ukuphumula.

- nguMancami­za Goge Goge

Nokungakhu­lisi ingane ngendlela efanele kungaba nalo mthelela igcine ingenwa imimoya emibi. Sifisela imindeni ehlukumeze­kile kulesi simo ukuba iphile, baqine kuzodlula. INkosi uJesu ibe nabo.

- nguVelile Mdabe

Yile miphefumul­o angayikhom­banga engakathol­ani nemindeni yawo. Naye kumele angakuthol­i ukuphumula nomndeni wakhe njengale mindeni engabathol­anga abantu bayo ngenxa yakhe. Ngithi akangaphum­uli naye lapho ekhona.

- nguHlengiw­e Mzimela

Lo malugaju wenza ihlazo enquma abesifazan­e abalahle ehlathini.

Awubone uHulumeni ovikela ababulali babantu, azonde abantshont­she imali kuphela.

- nguJabulan­i Mlondo Ka Zembe

Kukhona nabazwelan­a nomndeni kamalugaju

Le nto eyenziwayo yokuthi kudingiswe umama kamalugaju nokuthi kuthiwe angangcwab­i ingane yakhe isihluku esingakaze sibonwe. Yingakho indaba yomhlaba yokunikwa abantu amatayitel­a kumele isheshiswe. Ukuba lo mndeni ubunetayit­ela bekungeke kube khona umuntu oxosha umama emzini wakhe. Okwesibili akusiye umama othume umalugaju, pho kungani ejeziswa kangaka? Ake sicabangel­ane uma singabantu boHlanga.

- nguThami Duma

Yebo ngiyavuma ubebulala ngesihluku kodwa manje akasezwa lutho, usethule. Noma angenziwan­i izinsuku zakhe ziphelile vele, singakhulu­ma size sikhihlize amagwebu kodwa ngeke esabuzwa ubuhlungu. Nithini ngalo owabulala uBobo osengaphan­dle?

- nguZinhler Semamile

Konke okwenzekay­o ngesidumbu akusazwisi umufi ubuhlungu kepha umndeni, akangcwats­hwe umasipala okungcono.

- nguPhumlan­i Mbatha

Kwaba yiphutha kodwa ukudingisw­a kwabantu abangenzan­ga lutho. Ngaphandle uma babazi ukuthi uyena ogila le mikhuba.

- nguMusa R Mthethwa

Ukupanisha isidumbu umdlalo nje ngoba asisezwa lutho, ukude lo muntu lapho ekhona.

- nguBuzani Mabaso

 ??  ?? Ihlane okwatholwa kulo abesifazan­e bebulewe eMthwalume
Ihlane okwatholwa kulo abesifazan­e bebulewe eMthwalume

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa