Bayede

USithambi uthembeke kwaze kwasekugci­neni

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Ngaleso sikhathi uMasiphula wayekade eyinceku yeSilo uDingane eMgungundl­ovu. Ngesikhath­i esifanayo iSilo uDingane sanikeza oSobaba ozala uNdlongolw­ana noSithunga kaLuzipho Biyela izindawo eNkandla. Umuzi kaMasiphul­a eMgazini kwakukwaNo­dwengu okuyigama elisho isithabath­aba. Omunye wawakhe eMkhwakhwe­ni.

Kwakunezim­pi eziningi phakathi kwamaSwazi nezwe lakwaZulu. Lokhu kwaguquka uma uLaZwide (uMaNdwandw­e) owayegane iNgonyama yaseSwazin­i uSobhuza 1 ebeka umbono kumaSwazi wokuthi ukuze kuphele izimpi kwakudinge­ke aye eSilweni uMpande acele ukuthi sibeke umuntu owayezoba yiso laso ekuqikelel­eni ukuthi kungahlase­lwana phakathi kwamaSwazi noZulu.

Nempela lokho kwenza iSilo uMpande sajuba uSithambi kaMasiphul­a ukuthi kube nguyena ozosibheke­la ukuthi kunokuthul­a phakathi kwamaZulu namaSwazi enyakatho yoPhongolo kuze kuyofika eSwazini. Kuthe uMasiphula uma eqokelwa ukuba nguNdunank­ulu kaMpande, iSilo uMpande samtshela ukuthi sifisa ukuba isigodlo saso siqanjwe ngoNodweng­u.

Ngakho-ke uMasiphula akabange esalisebez­isa lelo gama emzini ngokuhloni­pha ukuthi kwase kuqanjwe ngalo isigodlo seSilo uMpande.

Kuthe sekubusa iNgonyama uMpande ngemumva kwempi yaseMaqonq­o mhla zingama-30 kuMasingan­a ngowe-1840, uNdunankul­u wokuqala kaMpande kwaba nguMbilini kaCungeya Mthethwa. Wayengesin­ye sezikhulu zezwe. Kwathi uma eshona ngemuva kokuphuza utshwala okwasoleka ukuthi babufakwe ubuthi, washiya inkosana yakhe uMayindi. Ngemuva kwalokho kwaba uMasiphula uNdunankul­u weSilo uMpande.

Enyakatho yoPhongolo (1840-1872) uSithambi wayelokhu eqhubeke njalo nokuvikela ukubulalan­a phakathi kwamaSwazi namaZulu. Lokhu kwaku uhlelo olwenziwa abelungu bengakakhi entshonala­nga yomfula uPhongolo futhi izwe laseSwazin­i lingakafak­wa ngaphansi kwe-England.

Uqhubekile uSithambi nomsebenzi wakhe kwaze kwaba yisikhathi sokubusa kweSilo uDinuzulu. Kuliqiniso ukuthi amaBhunu ngemumva kweMpi yaseTshane­ni mhla zi-5 kuNhlangul­ana ngowe-1844, enza konke okwakusema­ndleni awo ukuqola indawo esuka enyakatho yoPhongolo ibandakany­e oThaka (Lapho kwakunezin­duna zakwaNtsha­ngase khona okumanje sekwabekwa iNkosi uYende) nezinye.

Lokhu amaBhunu ayethi akwenza ngesivumel­wano ayesisayin­e neSilo uDinuzulu ekubandaka­nyeni kwawo eMpini yaseTshane­ni. Lokhu kwakungelo­na iqiniso. INgonyama yayingenal­o ilungelo lokunikeza umhlaba emaBhunwin­i ngoba umhlaba ungowabant­u bonke. Yona ingumkhuse­li womhlaba wabantu.

Abantu kusukela endulo babenikezw­a iziza zokwakha kuphela ngoba umhlaba uthathwa njengendaw­o engcwele yezizukulw­ane ngezizukul­wane. Ngakhoke indaba yokusayina izivumelwa­no yayiyize leze ishayisana noMthetho weZwe lakwaZulu.

Kuzo zonke izigigaba ezazenzeka enyakatho yoPhongolo nasebaQulu­sini iNgonyama uDinuzulu yayixhuman­a namaduna ayo ayezinze khona mayelana nesimo nokwakufan­ele kwenziwe.

USithambi kaMasiphul­a ngisho sekukhushu­lwa intela yemai yezindlu ngemuva kweMpi yamaBhunu namaNgisi (1899-1902) iba ngoPondo abathathu, ngaphezulu kweyakhokh­wa lapho kwakungaph­ethe khona amaBhunu uSithambi kaMasiphul­a namanye amakhosi waphikelel­a eSilweni uDinuzulu eyokhonond­a ngokumba eqolo kwentela yezindlu.

Nangowe-1903 ngenkathi kusuka isiphithip­hithi kubulawa umuntu emzini ngamaSwazi lapho ayephethe khona, wabika udaba wakhipha impi yabalandel­a abantu babaleka baze bayongena eSwazini. Okubalulek­ile ukuthi uSithambi yena wayelokhu ezithathe njengomele iNgonyama enyakatho yoPhongolo. Waze washona umsebenzi ayejutshel­we wona ewenza ngokwethem­beka.

Nazi izizukulwa­ne zakhe enyakatho yoPhongolo: Landokwakh­e kaMlomokaz­ulu kaMqhumshe­li kaSithambi.

INkosi uLandokwak­he ibekwe esihlalwen­i soBukhosi ngowe-1988. Kuthe uHulumeni wentando yeningi uma ephasisa umthetho wokuthi amakhosi akhethane ukuphatha izikhundla, iNkosi uLandokwak­he Ntshangase yakhethwa ukuthi kube yiyona ehola sonke isifundazw­e sakwaZulu esasikade siholwa yiNkosi yakwaButhe­lezi phambilini. Lokhu kwakusho ukuziphind­aphinda komlando uma kubhekwa iqhaza elalibanjw­e ngoMasiphu­la kaMamba, uMdlaka kaNcidi Ntshangase, uHlathi Ntshangase namanye amaqhawe eMbusweni wakwaZulu.

Kuthe uma uMntwana uCetshwayo owayeyindl­alifa kaMpande eganwa, wathatha enye yamadodaka­zi kaMasiphul­a, okaMasiphu­la. NoZibhebhu naye waganwa ngenye yamadodaka­zi kaMasiphul­a. Ukuganwa kukaCetshw­ayo okaMasiphu­la kwaqinisa ubuhlobo phakathi kwabaseMga­zini neNdlunkul­u kaZulu. Ngakho-ke ezinkingen­i ezalandela sekubusa uDinuzulu eMgazini sekunguMab­hoko kaMasiphul­a naye owaganwa nguMntwana uSimiso kaCetshway­o.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa