USithambi uthembeke kwaze kwasekugcineni
Ngaleso sikhathi uMasiphula wayekade eyinceku yeSilo uDingane eMgungundlovu. Ngesikhathi esifanayo iSilo uDingane sanikeza oSobaba ozala uNdlongolwana noSithunga kaLuzipho Biyela izindawo eNkandla. Umuzi kaMasiphula eMgazini kwakukwaNodwengu okuyigama elisho isithabathaba. Omunye wawakhe eMkhwakhweni.
Kwakunezimpi eziningi phakathi kwamaSwazi nezwe lakwaZulu. Lokhu kwaguquka uma uLaZwide (uMaNdwandwe) owayegane iNgonyama yaseSwazini uSobhuza 1 ebeka umbono kumaSwazi wokuthi ukuze kuphele izimpi kwakudingeke aye eSilweni uMpande acele ukuthi sibeke umuntu owayezoba yiso laso ekuqikeleleni ukuthi kungahlaselwana phakathi kwamaSwazi noZulu.
Nempela lokho kwenza iSilo uMpande sajuba uSithambi kaMasiphula ukuthi kube nguyena ozosibhekela ukuthi kunokuthula phakathi kwamaZulu namaSwazi enyakatho yoPhongolo kuze kuyofika eSwazini. Kuthe uMasiphula uma eqokelwa ukuba nguNdunankulu kaMpande, iSilo uMpande samtshela ukuthi sifisa ukuba isigodlo saso siqanjwe ngoNodwengu.
Ngakho-ke uMasiphula akabange esalisebezisa lelo gama emzini ngokuhlonipha ukuthi kwase kuqanjwe ngalo isigodlo seSilo uMpande.
Kuthe sekubusa iNgonyama uMpande ngemumva kwempi yaseMaqonqo mhla zingama-30 kuMasingana ngowe-1840, uNdunankulu wokuqala kaMpande kwaba nguMbilini kaCungeya Mthethwa. Wayengesinye sezikhulu zezwe. Kwathi uma eshona ngemuva kokuphuza utshwala okwasoleka ukuthi babufakwe ubuthi, washiya inkosana yakhe uMayindi. Ngemuva kwalokho kwaba uMasiphula uNdunankulu weSilo uMpande.
Enyakatho yoPhongolo (1840-1872) uSithambi wayelokhu eqhubeke njalo nokuvikela ukubulalana phakathi kwamaSwazi namaZulu. Lokhu kwaku uhlelo olwenziwa abelungu bengakakhi entshonalanga yomfula uPhongolo futhi izwe laseSwazini lingakafakwa ngaphansi kwe-England.
Uqhubekile uSithambi nomsebenzi wakhe kwaze kwaba yisikhathi sokubusa kweSilo uDinuzulu. Kuliqiniso ukuthi amaBhunu ngemumva kweMpi yaseTshaneni mhla zi-5 kuNhlangulana ngowe-1844, enza konke okwakusemandleni awo ukuqola indawo esuka enyakatho yoPhongolo ibandakanye oThaka (Lapho kwakunezinduna zakwaNtshangase khona okumanje sekwabekwa iNkosi uYende) nezinye.
Lokhu amaBhunu ayethi akwenza ngesivumelwano ayesisayine neSilo uDinuzulu ekubandakanyeni kwawo eMpini yaseTshaneni. Lokhu kwakungelona iqiniso. INgonyama yayingenalo ilungelo lokunikeza umhlaba emaBhunwini ngoba umhlaba ungowabantu bonke. Yona ingumkhuseli womhlaba wabantu.
Abantu kusukela endulo babenikezwa iziza zokwakha kuphela ngoba umhlaba uthathwa njengendawo engcwele yezizukulwane ngezizukulwane. Ngakhoke indaba yokusayina izivumelwano yayiyize leze ishayisana noMthetho weZwe lakwaZulu.
Kuzo zonke izigigaba ezazenzeka enyakatho yoPhongolo nasebaQulusini iNgonyama uDinuzulu yayixhumana namaduna ayo ayezinze khona mayelana nesimo nokwakufanele kwenziwe.
USithambi kaMasiphula ngisho sekukhushulwa intela yemai yezindlu ngemuva kweMpi yamaBhunu namaNgisi (1899-1902) iba ngoPondo abathathu, ngaphezulu kweyakhokhwa lapho kwakungaphethe khona amaBhunu uSithambi kaMasiphula namanye amakhosi waphikelela eSilweni uDinuzulu eyokhononda ngokumba eqolo kwentela yezindlu.
Nangowe-1903 ngenkathi kusuka isiphithiphithi kubulawa umuntu emzini ngamaSwazi lapho ayephethe khona, wabika udaba wakhipha impi yabalandela abantu babaleka baze bayongena eSwazini. Okubalulekile ukuthi uSithambi yena wayelokhu ezithathe njengomele iNgonyama enyakatho yoPhongolo. Waze washona umsebenzi ayejutshelwe wona ewenza ngokwethembeka.
Nazi izizukulwane zakhe enyakatho yoPhongolo: Landokwakhe kaMlomokazulu kaMqhumsheli kaSithambi.
INkosi uLandokwakhe ibekwe esihlalweni soBukhosi ngowe-1988. Kuthe uHulumeni wentando yeningi uma ephasisa umthetho wokuthi amakhosi akhethane ukuphatha izikhundla, iNkosi uLandokwakhe Ntshangase yakhethwa ukuthi kube yiyona ehola sonke isifundazwe sakwaZulu esasikade siholwa yiNkosi yakwaButhelezi phambilini. Lokhu kwakusho ukuziphindaphinda komlando uma kubhekwa iqhaza elalibanjwe ngoMasiphula kaMamba, uMdlaka kaNcidi Ntshangase, uHlathi Ntshangase namanye amaqhawe eMbusweni wakwaZulu.
Kuthe uma uMntwana uCetshwayo owayeyindlalifa kaMpande eganwa, wathatha enye yamadodakazi kaMasiphula, okaMasiphula. NoZibhebhu naye waganwa ngenye yamadodakazi kaMasiphula. Ukuganwa kukaCetshwayo okaMasiphula kwaqinisa ubuhlobo phakathi kwabaseMgazini neNdlunkulu kaZulu. Ngakho-ke ezinkingeni ezalandela sekubusa uDinuzulu eMgazini sekunguMabhoko kaMasiphula naye owaganwa nguMntwana uSimiso kaCetshwayo.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.