‘INkunzi Encane’ inqwamana noyise okokuqala ngqa
Kuthiwa iNgonyama yaqonda ngqo elawini leNdlovukazi njengokwejwayelekile, kepha inhloso kungenye ngalelo langa. Kwathi uma sifika egumeni, saphenya umhlanga sabona iNdlovukazi idlalisa ingane, iyinqaka phezulu ngokukhulu ukujabula. Ingane nayo isho ngolukhulu uhleko izwa izandla ezifudumele nenhliziyo eyayiphuphuma uthando ngayo. INdlovukazi iyinqaka njalo le ngane iyibongela ithi: “Nkunzi Encane”. Eduze kweNdlovukazi kwakuhlezi omunye woMndlunkulu beSigodlo ebuka. Igama lakhe kwakunguMbuzikazi, intombi yakwaCele.
ISilo sabona lesi simanga soBukhosi, sethuka sishaqekile, kasaze sawakholwa amehlo aso. Sangena saphulukundlela, siphonseka endlini yeNdlovukazi. Sasho sabingelela kwasengathi kasethukile kwesasikubona “Sawubona, mama”.
INdlovukazi yashaqeka nje ukubona umtanayo uShaka esemi phambi kwayo, eyibingelela ingamlindele, kepha yazibamba, ikhombisa isibindi, kwasengathi kakukho lutho oluyisimanga kuyo. Yavuma intokazi kaMbhengi ngezwi elipholileyo yathi “Yebo, mtanami”.
ISilo salandelisa ngamazwi athi “Ubonakala uyithanda kakhulu le ngane oyiphetheyo, ngekabani ngempela?
INdlovukazi yakuqonda kahle ukuthi ngalowo mzuzwana yayisibhekene nethuna kuphela ngokubonakala kwaleli
Wundlu lomtanayo, kepha kayigxegulanga lapho imphendula umtanayo yalimisa laqonda ngqo iqiniso ingananazi “Umzukulu wami”. Isho ngesikhulu isibindi sokuzidela amathambo phambi komtanayo.
“Ini ngenye futhi ingane kaNgwadi? Futhi nginesiqiniseko, akuyona ekadadewethu uNomcoba.”
INdlovukazi yaphendula yathi “Hhayi, umzukulu wami lona uMhlophekazi, ebengikade ngimfuna, sengimlinde isikhathi eside ukumthola. Yingane yakho lena noMbuzikazi.
ISilo uShaka sethuka kakhulu sehluleka ngisho ukuzibamba. Sethuka sesisho ngengila sithi “Mameshana! Ungalokotha usho lokho. Kwenzeka kanjani?”
INdlovukazi yaphendula ngezwi elipholile yathi “Abantu abakuqonda kahle lokho nguwe noMbuzikazi, kodwa-ke iqiniso lizovela lona ngoba le nkunzi encane inguwe kayibuzwa, nangesibindi nje sayo.”
ISilo sehlisa umoya manje saqhubeka sibuza unina singafuni ukukhombisa iNdlovukazi ukuthi sithukuthele kakhulu ngesikubona ngaphambi kwaso.
“Yini eyenza ucabange ukuthi le ngane inesibindi, mama?”
INdlovukazi yasho ngelikhulu iqholo manje yathi “Ake uzame ukumephuca nantu ukhezo lwakhe aluphetheyo, uzobona kahle ukuthi uzokwenze njani kuwe.”
ISilo sasondela kuyo ingane, sayephuca ukhezo lwayo. Ingane yaluthatha ngenkulu indluzula ezandleni zeSilo, yasho yasibuka ngqo ezinhlamvini zamehlo sengathi kukhulu efisa ukumenza khona. ISilo sababaza sathi “Awu inesibindi impela” Sisho ngenhliziyo engaphandle. “Kungekudala le nkunzi encane kuzothi uma isifika esigabeni sobunsizwa sengathi izoba inkinga enkunzini endala. Kangazi ukuthi yini okumele ngiyenze ngayo le ngane ngoba uMbuzikazi akazalwa eBukhosini. Ngaleso sizathu ngeke le ngane yakhe ibe yindlalifa yami. Indawo ebafanele ukuba bayolala kobandayo.”
INdlovukazi yaphendula ngezwi elinomfutho, ibhekise kumtanayo emthandayo ngenhliziyo yayo yonke yathi “Ngeke ubulale intokozo nenjabulo yami ezinsukwini zobudala bami, kepha uvumela ingozi enkulu kuwe engabafowenu oDingane noMhlangana nobubi abanabo ngawe benoMbopha? Bulala laba abathathu hhayi le ngane emsulwa, engenzanga lutho.”
Kwathi uma iSilo uShaka sizwa lawo mazwi ayevela emlonyeni weNdlovukazi, sakuqonda kahle ukuthi isikhombisa ukudabuka nokukhathazeka okukhulu enakho ngomzukulu wayo. La mazwi eNdlovukazi ashintsha ingqondo nokucabanga kwenhliziyo yomtanayo iSilo uShaka. Sasesithi iSilo uShaka kuyo ngalowo mzuzwana “Hhayi mama, ingane iphephile, ngesizathu sokuthi iyintokozo nenjabulo yakho. Angimbulali mina umutnu onesibindi njengale nkunzi encane. Kubafowethu ngingazibulala kanjani izingane zikababa?”
INdlovukazi yamphendula ngokushesha umtanayo yathi “Awuyiboni ingozi yangempela obhekene nayo? Yasho qede yaqhubuka, yakhihla isililo. “Mina ngiyayibona nje. Ingozi obhekene nayo mtanami ukuthi akuyona le ngane, kepha ngabafowenu benoMbopha. Ngakho ngicela imvume kuwe ukuba ingane uyivumele iduke nezwe ngenxa yokuyithanda kwami. Kungakuhle ukuba ngazi ukuthi iyaphila, futhi iphephile noma ingasekho emehlweni ami.”
Kwathi uma iSilo uShaka sizwa lawo mazwi omunyu nokudabuka ayevela emlonyeni kanina, sasho sayithatha ingane ngezandla zaso, qede sayibuka siyiqaphelisisa, sininga ngokujulile ezinzulwini zomphefumulo waso. Sacabangisisa ngalokho okwakushiwo ngunina waso. Sayiphendula ingane, sayibuka izinwele ezabe ziyikhaba entanyeni yayo, zifana nse nezaso iSilo. IWundlu leli loBukhosi nalo lathula lathi du! Libuka uyise ngesikhulu isizotha nentobeko, kwaba sengathi liyakuqonda kahle okwakwenziwa kulo. Lalizifumana okokuqala ngqa! Lithintwa yizandla zegazi loBukhosi elaligobhoza emizweni yayo. Imizwa yengane yatshakadula, itshaza igazi likayise liyongena enhliziyweni yayo eyayichichima injabulo yokuhlangana naye.
Kwathi ngemuva kwesikhathi iSilo uShaka samomotheka, sibuka ingane yaso eyayibukeka njengesiqhwaga. Sema sikhombisa ukuyithanda, sayiqabula, sase sihleka kancane sibheke eceleni. Sasingafuni ukuba iNdlovukazi ikubone lokho. Futhi samcela unina ukuba naye makenze njalo. ISilo uShaka sayibeka phansi ingane yaso qede sase sivalelisa eNdlovukazini nakuMbuzikazi.