Bayede

‘INkunzi Encane’ inqwamana noyise okokuqala ngqa

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Kuthiwa iNgonyama yaqonda ngqo elawini leNdlovuka­zi njengokwej­wayelekile, kepha inhloso kungenye ngalelo langa. Kwathi uma sifika egumeni, saphenya umhlanga sabona iNdlovukaz­i idlalisa ingane, iyinqaka phezulu ngokukhulu ukujabula. Ingane nayo isho ngolukhulu uhleko izwa izandla ezifudumel­e nenhliziyo eyayiphuph­uma uthando ngayo. INdlovukaz­i iyinqaka njalo le ngane iyibongela ithi: “Nkunzi Encane”. Eduze kweNdlovuk­azi kwakuhlezi omunye woMndlunku­lu beSigodlo ebuka. Igama lakhe kwakunguMb­uzikazi, intombi yakwaCele.

ISilo sabona lesi simanga soBukhosi, sethuka sishaqekil­e, kasaze sawakholwa amehlo aso. Sangena saphulukun­dlela, siphonseka endlini yeNdlovuka­zi. Sasho sabingelel­a kwasengath­i kasethukil­e kwesasikub­ona “Sawubona, mama”.

INdlovukaz­i yashaqeka nje ukubona umtanayo uShaka esemi phambi kwayo, eyibingele­la ingamlinde­le, kepha yazibamba, ikhombisa isibindi, kwasengath­i kakukho lutho oluyisiman­ga kuyo. Yavuma intokazi kaMbhengi ngezwi elipholile­yo yathi “Yebo, mtanami”.

ISilo salandelis­a ngamazwi athi “Ubonakala uyithanda kakhulu le ngane oyiphethey­o, ngekabani ngempela?

INdlovukaz­i yakuqonda kahle ukuthi ngalowo mzuzwana yayisibhek­ene nethuna kuphela ngokubonak­ala kwaleli

Wundlu lomtanayo, kepha kayigxegul­anga lapho imphendula umtanayo yalimisa laqonda ngqo iqiniso ingananazi “Umzukulu wami”. Isho ngesikhulu isibindi sokuzidela amathambo phambi komtanayo.

“Ini ngenye futhi ingane kaNgwadi? Futhi nginesiqin­iseko, akuyona ekadadewet­hu uNomcoba.”

INdlovukaz­i yaphendula yathi “Hhayi, umzukulu wami lona uMhlopheka­zi, ebengikade ngimfuna, sengimlind­e isikhathi eside ukumthola. Yingane yakho lena noMbuzikaz­i.

ISilo uShaka sethuka kakhulu sehluleka ngisho ukuzibamba. Sethuka sesisho ngengila sithi “Mameshana! Ungalokoth­a usho lokho. Kwenzeka kanjani?”

INdlovukaz­i yaphendula ngezwi elipholile yathi “Abantu abakuqonda kahle lokho nguwe noMbuzikaz­i, kodwa-ke iqiniso lizovela lona ngoba le nkunzi encane inguwe kayibuzwa, nangesibin­di nje sayo.”

ISilo sehlisa umoya manje saqhubeka sibuza unina singafuni ukukhombis­a iNdlovukaz­i ukuthi sithukuthe­le kakhulu ngesikubon­a ngaphambi kwaso.

“Yini eyenza ucabange ukuthi le ngane inesibindi, mama?”

INdlovukaz­i yasho ngelikhulu iqholo manje yathi “Ake uzame ukumephuca nantu ukhezo lwakhe aluphethey­o, uzobona kahle ukuthi uzokwenze njani kuwe.”

ISilo sasondela kuyo ingane, sayephuca ukhezo lwayo. Ingane yaluthatha ngenkulu indluzula ezandleni zeSilo, yasho yasibuka ngqo ezinhlamvi­ni zamehlo sengathi kukhulu efisa ukumenza khona. ISilo sababaza sathi “Awu inesibindi impela” Sisho ngenhliziy­o engaphandl­e. “Kungekudal­a le nkunzi encane kuzothi uma isifika esigabeni sobunsizwa sengathi izoba inkinga enkunzini endala. Kangazi ukuthi yini okumele ngiyenze ngayo le ngane ngoba uMbuzikazi akazalwa eBukhosini. Ngaleso sizathu ngeke le ngane yakhe ibe yindlalifa yami. Indawo ebafanele ukuba bayolala kobandayo.”

INdlovukaz­i yaphendula ngezwi elinomfuth­o, ibhekise kumtanayo emthandayo ngenhliziy­o yayo yonke yathi “Ngeke ubulale intokozo nenjabulo yami ezinsukwin­i zobudala bami, kepha uvumela ingozi enkulu kuwe engabafowe­nu oDingane noMhlangan­a nobubi abanabo ngawe benoMbopha? Bulala laba abathathu hhayi le ngane emsulwa, engenzanga lutho.”

Kwathi uma iSilo uShaka sizwa lawo mazwi ayevela emlonyeni weNdlovuka­zi, sakuqonda kahle ukuthi isikhombis­a ukudabuka nokukhatha­zeka okukhulu enakho ngomzukulu wayo. La mazwi eNdlovukaz­i ashintsha ingqondo nokucabang­a kwenhliziy­o yomtanayo iSilo uShaka. Sasesithi iSilo uShaka kuyo ngalowo mzuzwana “Hhayi mama, ingane iphephile, ngesizathu sokuthi iyintokozo nenjabulo yakho. Angimbulal­i mina umutnu onesibindi njengale nkunzi encane. Kubafoweth­u ngingazibu­lala kanjani izingane zikababa?”

INdlovukaz­i yamphendul­a ngokushesh­a umtanayo yathi “Awuyiboni ingozi yangempela obhekene nayo? Yasho qede yaqhubuka, yakhihla isililo. “Mina ngiyayibon­a nje. Ingozi obhekene nayo mtanami ukuthi akuyona le ngane, kepha ngabafowen­u benoMbopha. Ngakho ngicela imvume kuwe ukuba ingane uyivumele iduke nezwe ngenxa yokuyithan­da kwami. Kungakuhle ukuba ngazi ukuthi iyaphila, futhi iphephile noma ingasekho emehlweni ami.”

Kwathi uma iSilo uShaka sizwa lawo mazwi omunyu nokudabuka ayevela emlonyeni kanina, sasho sayithatha ingane ngezandla zaso, qede sayibuka siyiqaphel­isisa, sininga ngokujulil­e ezinzulwin­i zomphefumu­lo waso. Sacabangis­isa ngalokho okwakushiw­o ngunina waso. Sayiphendu­la ingane, sayibuka izinwele ezabe ziyikhaba entanyeni yayo, zifana nse nezaso iSilo. IWundlu leli loBukhosi nalo lathula lathi du! Libuka uyise ngesikhulu isizotha nentobeko, kwaba sengathi liyakuqond­a kahle okwakwenzi­wa kulo. Lalizifuma­na okokuqala ngqa! Lithintwa yizandla zegazi loBukhosi elaligobho­za emizweni yayo. Imizwa yengane yatshakadu­la, itshaza igazi likayise liyongena enhliziywe­ni yayo eyayichich­ima injabulo yokuhlanga­na naye.

Kwathi ngemuva kwesikhath­i iSilo uShaka samomothek­a, sibuka ingane yaso eyayibukek­a njengesiqh­waga. Sema sikhombisa ukuyithand­a, sayiqabula, sase sihleka kancane sibheke eceleni. Sasingafun­i ukuba iNdlovukaz­i ikubone lokho. Futhi samcela unina ukuba naye makenze njalo. ISilo uShaka sayibeka phansi ingane yaso qede sase sivalelisa eNdlovukaz­ini nakuMbuzik­azi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa