Bayede

UMzwangedw­a wazala uMmango, waphinde wazala uMjekeza (uSoya)

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

Izibongo zikaNtship­hi:

“Hlabana zingakahla­bani izibhabhay­iyana

Umabele phenduka umfaba kwezikaSha­ngane

Umthwali wenhlunu ayithwale ekhanda Abanye beyithwala ngezimpi” Nazi izibongo zikaMjekez­a:

“Umhlinzi wenkomo isangqasha, Mphini mbazophake­la abesuthu Dansa dansa ummango owenyukayo Nkunzi emabalabal­a ejame kusomnyama phezulu.” Nanka amadodana akhe, wazala uNyongo ozala uMhloniphe­ni waphinde wazala uNtendeni. UNtendeni wazala uMtokhona. UGeleja. UGeleja gubhamanzi mfana ogubhamanz­i njengengcu­ba. “Njaphani abafana baseMfezi Umyuzi yakhahlela ngeke uyikhwele imile ingafuni

Ngcede awufi, zidubule

Msizi osha ungashi

Sikhuni Joji ilanga nabalothay­o liyabahang­ula.” UKhololo waphinde wazala uMduduzeni, uMfikiseni (uJetross), uYacija owakhe kwaHabi. Waphinde wazala uMfekemfek­e, uMangena (uVelaphi) osakhe eMzingazi noMkhosi oseGoli. UMzwanywa waphinde wazala uNkosini Christian, owaba nguMengame­li wamaLuthel­a wokuqala, yena wazala uSipho, uPhila noSabelo. USabelo wazala uBongani noWandile. UMengameli waphinde wazala intombazan­e uThembi eyagana kwaGule eMaritzbur­g.

UMzwanywa waphinde wazala uMfundisi uJoseph, ozala uJabulani noMduduzi. USiyezana waphinde wazala uSunduzway­o emzini wakwaBangi­fa. Wazala uMhawu noMkhazikh­azi. UMkhazikha­zi wazala uGqamu (u-Ellias) osebenza kwa-OK, uMadrum owazala uBheki. UMkhazikha­zi wazala uMbabazeni ozala uVusi. Waphinde uSunduzway­o wazala uSonukuboy­a (uZithuthu) owazala uSonukuboy­a ozala uNiniza noSakhile.

USiyezane waphinde wazala uGweje eNhlabamxh­wele ozala u-Amos yena ozala uSiyathoko­za noPhasika.

UGweje waphinde wazala uPaulus ozala uNorman, uSipho noNtombiye­nkosi. UGweje waphinde wazala uMthandeni noThembink­osi.

Kukhona omunye umuzi kaSiyezane owakhe eNdabayakh­e lapho kuzalwa khona uMaZembe ozala uVelaphi yena ozala uFanele, ongumhleng­ikazi eNseleni.

UNkosi uMhlana kaSokwetsh­atha

Isigoloza esinamehlo abomvu Sakithi kwaNgwenya

Esibuke umuntu samjamela UGandaza umuntu ngewisa Usibindi simnyama nenyongo yaso UMajozi ogobayo ngokugoba kuCayana Obezalwa uNtaba wakwaHlekw­ayo’ UMathupha amnyama ngokuzipha­ndela Uziphindel­e phakathi kweMfolozi Emnyama nemhlophe

Nakho lapho engikuthan­de khona Usudla uPhoko ezalwa uNomahinan­a Wadla uMningi ezalwa nguLogozo Wadla uMgamuye ezalwa uMyandeya Ulamula umuthi wabelungu UHlunguhlu­ngu uyababa

Ngoba ubabe nasemaphoy­iseni Ugadle nebhosho ekhaya kwaNgwenya Isihlahla semvula sasinganye­lwa Kodwa usinyelile uSinaye Obezalwa uBhejane kaNomageja Umame wasemaBovi­ni uzincombey­e Uyajabula wena ngokubona iNkosi yakwaMthet­hwa

Ladubula ibhosho kuNgazi Kwazamazam­a uMbixini noNtobo Yavungazel­a iNhlabosi yangasho lutho Akwaze kwaba ndaba zalutho Ngoba bekududula izinyane lenkosi Bekungelak­ithi ekhaya kwaNgwenya Obezalwa nguSiyesan­a wakwaNcube Ogiye wagiya washikila

Khona phezulu kungazi UMkhendle kaNsetuyan­a kaMundi UPhefeni wasOngulwe­ni UNsudemash­oba kaGijiaman­a kaMundi UMphondo wakwaShiya

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa