UMzwangedwa wazala uMmango, waphinde wazala uMjekeza (uSoya)
Izibongo zikaNtshiphi:
“Hlabana zingakahlabani izibhabhayiyana
Umabele phenduka umfaba kwezikaShangane
Umthwali wenhlunu ayithwale ekhanda Abanye beyithwala ngezimpi” Nazi izibongo zikaMjekeza:
“Umhlinzi wenkomo isangqasha, Mphini mbazophakela abesuthu Dansa dansa ummango owenyukayo Nkunzi emabalabala ejame kusomnyama phezulu.” Nanka amadodana akhe, wazala uNyongo ozala uMhlonipheni waphinde wazala uNtendeni. UNtendeni wazala uMtokhona. UGeleja. UGeleja gubhamanzi mfana ogubhamanzi njengengcuba. “Njaphani abafana baseMfezi Umyuzi yakhahlela ngeke uyikhwele imile ingafuni
Ngcede awufi, zidubule
Msizi osha ungashi
Sikhuni Joji ilanga nabalothayo liyabahangula.” UKhololo waphinde wazala uMduduzeni, uMfikiseni (uJetross), uYacija owakhe kwaHabi. Waphinde wazala uMfekemfeke, uMangena (uVelaphi) osakhe eMzingazi noMkhosi oseGoli. UMzwanywa waphinde wazala uNkosini Christian, owaba nguMengameli wamaLuthela wokuqala, yena wazala uSipho, uPhila noSabelo. USabelo wazala uBongani noWandile. UMengameli waphinde wazala intombazane uThembi eyagana kwaGule eMaritzburg.
UMzwanywa waphinde wazala uMfundisi uJoseph, ozala uJabulani noMduduzi. USiyezana waphinde wazala uSunduzwayo emzini wakwaBangifa. Wazala uMhawu noMkhazikhazi. UMkhazikhazi wazala uGqamu (u-Ellias) osebenza kwa-OK, uMadrum owazala uBheki. UMkhazikhazi wazala uMbabazeni ozala uVusi. Waphinde uSunduzwayo wazala uSonukuboya (uZithuthu) owazala uSonukuboya ozala uNiniza noSakhile.
USiyezane waphinde wazala uGweje eNhlabamxhwele ozala u-Amos yena ozala uSiyathokoza noPhasika.
UGweje waphinde wazala uPaulus ozala uNorman, uSipho noNtombiyenkosi. UGweje waphinde wazala uMthandeni noThembinkosi.
Kukhona omunye umuzi kaSiyezane owakhe eNdabayakhe lapho kuzalwa khona uMaZembe ozala uVelaphi yena ozala uFanele, ongumhlengikazi eNseleni.
UNkosi uMhlana kaSokwetshatha
Isigoloza esinamehlo abomvu Sakithi kwaNgwenya
Esibuke umuntu samjamela UGandaza umuntu ngewisa Usibindi simnyama nenyongo yaso UMajozi ogobayo ngokugoba kuCayana Obezalwa uNtaba wakwaHlekwayo’ UMathupha amnyama ngokuziphandela Uziphindele phakathi kweMfolozi Emnyama nemhlophe
Nakho lapho engikuthande khona Usudla uPhoko ezalwa uNomahinana Wadla uMningi ezalwa nguLogozo Wadla uMgamuye ezalwa uMyandeya Ulamula umuthi wabelungu UHlunguhlungu uyababa
Ngoba ubabe nasemaphoyiseni Ugadle nebhosho ekhaya kwaNgwenya Isihlahla semvula sasinganyelwa Kodwa usinyelile uSinaye Obezalwa uBhejane kaNomageja Umame wasemaBovini uzincombeye Uyajabula wena ngokubona iNkosi yakwaMthethwa
Ladubula ibhosho kuNgazi Kwazamazama uMbixini noNtobo Yavungazela iNhlabosi yangasho lutho Akwaze kwaba ndaba zalutho Ngoba bekududula izinyane lenkosi Bekungelakithi ekhaya kwaNgwenya Obezalwa nguSiyesana wakwaNcube Ogiye wagiya washikila
Khona phezulu kungazi UMkhendle kaNsetuyana kaMundi UPhefeni wasOngulweni UNsudemashoba kaGijiamana kaMundi UMphondo wakwaShiya