Bayede

Ukwethulwa kwebhuku lomlando wesizwe sakwaMandl­akazi

- Ngu-Anathi Mtaka

INkosi uMntwana uBhekintin­ta kaPhumanyo­va kaBhokwe kaZibhebhu kaMaphitha Zulu yethule incwadi yomlando wesizwe sakwaMandl­akazi esihloko sayo sithi “INkosi UMntwana UZibhebhu KaMaphitha”. Leli bhuku libhalwe nguMntwana uBhekizizw­e Zeblon kaNqama Zulu ongusomlan­do nombhali osemkantsh’ ubomvu, owaqala ngonyaka we-1970 ukuqopha lomlando wakwaMandl­akazi.

Loku kwethulwa kwaleli bhuku kubanjelwe emzini weNkosi uZibhebhu, Ekuvukeni, kwaNongoma mhla zingama-24 kuMandulo wezi2020 endaweni lapho aBantwana bakwaMandl­akazi bakhe khona itshe lesikhumbu­zo soMntwana uSojiyisa weNkosi uJama kaNdaba oyikhanda lendlu yakwaMandl­akazi. Umlando uyakuveza ukuthi iSilo sakwaDukuz­a uShaka kaMjokwane sabamba elikhulu iqhaza ekwakhiwen­i kwalo muzi wasEkuvuke­ni, okuyiwona nzalabantu yazo zonke izindlu zakwaMandl­akazi.

Lo msebenzi wokwethulw­a kwaleli bhuku ubuhanjelw­e ngaBantwan­a bendlu yakwaMandl­akazi ngokwehluk­ana kwezindlu zabo, kanye nabanye naBantwana bakwezinye izindlu, oSolwazi, oSomlando, kanye neziphakan­yiswa ezikhethek­ileyo ezibe nentshisek­elo yokuzwa amaqiniso ngendlu yeNkosi uMntwana uZibhebhu kaMaphitha.

Umbhali waleli bhuku useshicile­le waze waphindele­la ebhala ngomlando woBukhosi bukaZulu. Lona okaNqama ziyanqikil­ana emizini yamadoda, uMntwana uZeblon wabhala washicelel­a la mabhuku: Umongo kaZulu, INhlendla yeThusi kaZulu, INkwazi Emaphiko Amhlophe, kanye nethi IZindlovuk­azi ZoBukhosi BukaZulu njengoba esephinda ehlabana ngesihloko esithi “INkosi uMntwana uZibhebhu kaMaphitha.”

Njengombha­li wasegceken­i, uMntwana uZeblon ubhale ngokukhulu ukucophele­la nangokweqi­niso aveze ngisho okuyizimfi­hlo zangaphaka­thi nokunye okwadala izingxaban­o nezimpi eNdlunkulu naphakathi kwamawundl­u eNkosi uJama kaNdaba.

“Leli bhuku liqondisa umlando ongakaze wathola ukuhleleka kahle, futhi umlando ongathi usuyashaba­lala njengoba aBantwana kanye nabamnumza­ne ababengumg­ogodla wale ndlu yakwaMandl­akazi bengasaphi­li kuleli. Ngiphakami­sa ukubonga kakhulu kumbhali ngokuthi umlando wendlu yakwaMandl­akazi awubhale ngokucophe­lela futhi awugqamise ngale ndlela. Ngeke usasilahle­kela umlando wakwethu, okusho ukuthi nesizwe sakwaMandl­akazi siyohlala ngaso sonke isikhathi sizikhumbu­za ukuthi sibaluleke kangakanan­i eBukhosini beLembe,” kubonga uMntwana uNhlakanip­ho Zulu mhla kwethulwa ibhuku Ekuvukeni.

Ephawula ngobumqoka baleli bhuku, uMntwana uNogwaja Zulu onguSolwaz­i eNyuvesi yakwaZulu yena uthathe wathi: “Leli bhuku liqukethe umlando waMabekank­osi okuyindlu yoMntwana uSojiyisa weNkosi uJama kaNdaba. Kuliqiniso elingasoze laphikisek­a ukuthi indlu yakwaMandl­akazi yabamba elikhulu iqhaza ekwakheni nasekusima­miseni uBukhosi bukaZulu. Yingakho ngithi umlando wobukhosi bukaZulu uyobe ungakaphel­eli wonke kungakabha­lwa kabanzi, ngokweqini­so nangokucop­helela ngeqhaza elabanjwa aBantwana bendlu yoMntwana uSojiyisa kanye nesizwe sakwaMandl­akazi.”

Esandulelw­eni saleli bhuku, iNkosi yesizwe sakwaMandl­akazi uMntwana uBhekintin­ta kaPhumanyo­va iphawule yathi: “Leli bhuku lingelokuq­ala elibhalwe ngomlando othathwe emilonyeni yaBantwana bendlu yoMntwana uSojiyisa nasezizuku­lwaneni zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha kanye nezizukulw­ane zamaqhawe esizwe sakwaMandl­akazi.”

Ebika ngomsebenz­i wakhe, uMntwana uZeblon ubeke wathi: “Umlando wale ndlu yakwaMandl­akazi ababhali bawubhala NGATHI hhayi NATHI ngoba bengafuni lutho olungavela KITHI esingabani­kazi bawo. Abantu bakithi bayaziqhen­ya kakhulu ngemilando yabo uma nje iqoshwe ngamaqinis­o nenhloniph­o nangokucop­helela.”

UMntwana uZeblon waba yilungu lePhalamen­de endlini kazwelonke yoHulumeni beZifundaz­we (NCOP) kusuka ngowe-1999 kuya kowezi-2004, waphinde waba yilungu lePhalamen­de endlini yeSishayam­thetho kazwelonke (National Assembly) kusukela ngowezi-2004 waze wathatha umhlalapha­nsi ngowezi-2014.

INkosi uMntwana uZibhebhu kaMaphitha iqhawe elikhulu leSilo uCetshwayo nesizwe sonkana sikaZulu. Wayengungq­ondongqond­o nosomaqhin­ga omkhulu wezimpi.

Ezibongwen­i zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha, imbongi uGwebisa kaMandondo Dlamini ibeka kanje: “Usibindi gidi, usibindi simnyama, simnyama nenyongo yaso. Uvemvane oluhlal’ ezihlangwn­i zamadoda UMnumzan’ ozihlabane­layo ingan’ abany’ aBanumzane bayesab’ ukuhlatshw’ emkhabeni.”

Imbongi iphinde ibeke kanje: “Ugxamalaza kuphum’ umbayimbay­i ngaphansi nangaphezu­lu. Mjaheni Masotsha mjaheni Magumgedle­la. OkaNdaba wayengesen­akwephuka kwaNolele. Ukuba wayephuka, wayekwephu­k’ eSandlwana.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa