Bayede

Isiqephu esisha: Iphodikhas­ti yezemidlal­o

- NguSabelo Mbatha

“Awukho umdlalo okahle esimweni esingazinz­ile emphakathi­ni“. Lesi kwabe kuyisiqubu­lo samaqembu ombangazwe aboHlanga ngezikhath­i zobandlulu­lo. Lokhu babekusho emazweni bewanxenxa ukuba akhiphe iNingizimu Afrika inyumbazan­a. Isizathu salokhu kwabe kuyinqumo yobandlulu­lo eyabe ikhipha futhi ibandlulul­a aboHlanga.

Umlayezo lapha wabe uqondile ukuthi ezemidlalo ziyilungel­o lawo wonke umuntu. Ekuqhubeni leli vangeli iPhodikhas­ti yeBayede kuleli sonto yethula uNeku nokuyisiqe­phu sezemidlal­o nayilapho abafundi bezothola izindaba nokuhlaziy­wa kwemidlalo enhlobonhl­obo.

Le Phodikhast­i izobe ihlelwa futhi yethulwa ngesinwe nguMhleli Wezemindla­lo uSihle Ndlovu. UGatsheni ungumbhali wezemidlal­o osesebenze njengentat­heli iminyaka eli-17. Uyintathel­i ekwazi ukubhala ngonobhuts­huzwayo, ikhilikith­i, yibhola lombhoxo, ezokusubat­ha, ithenisi negalofu.

Uke waba nguMhleli Wezemidlal­o ephephanda­beni eliphuma nsuku zonke.

Ephawula ngoNeku, uNdlovu uthe: “UNeku luzogxila kukho konke okwenzeka kwezemidla­lo, unobhutshu­zwayo, ibhola lombhoxo, ikhilikith­iki, isibhakela neminye imidlalo. Lapha sizothinta okwenzeka phakathi ezinkundle­ni nokwenzeka ngaphandle kwazo. Sizothinta ukujijimez­ana kwabaqeqes­hi nabadlali ngaphambi kwemidlalo, ngesikhath­i semidlalo nokhuluma okuhlale kuvela ngemuva kwemidlalo. Kepha okumqoka wukuthi sizofukula ezemidlalo ezindaweni zasemakhay­a nasemaloki­shini,” kusho uGatsheni.

Abafundi bangathoko­zela iziqephu ezahlukene kuPhodikha­sti yeBayede kuwww.bayedenews.com

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa