Bayede

Ukubhaka ngaphandle kukaflawa

-

Ngike ngaba nengxoxo nomunye obalule ukuthi unyaka wezi2020 kube unyaka omude kunayo yonke empilweni yakhe, ngathi awupheli. Lokhu, ngokusho kwakhe kwenziwe yizinselel­o yena, njengening­i, abhekane nazo kulo nyaka. Abaningi bashiywe ngabathand­iweyo babo, abanye balahlekel­wa yimisebenz­i kanti abanye balale ezibhedlel­a ngenxa yokuhlasel­wa ukugula.

Impela nakuba zibe ningi izinselelo kulo nyaka, bukhona nokho nobuhle esibubonil­e.

Abaningi bathole ithuba lokuhlala nemindeni yabo nokuholele ekutheni bafunde lukhulu ngamalungu emindeni yabo. Baningi abathole ithuba lokuchitha isikhathi esikhethek­ile emaziko abo bepheka bebhaka nokuyinto ebingenzek­i kaningi ngaphambil­ini. Baningi abavundulu­le amakhono abebengazi nokuthi banawo okupheka nokubhaka. Impela, nakuba ziningi izinselelo empilweni, kuyohlale kukhona okuhle esingakuth­okozela.

Singena enyangeni entsha uMfumfu nokusho ukuthi sesisalelw­e izinyanga ezingaphan­si nje kwezintath­u onyakeni wezi2020. Emva kwenyanga uMandulo, nalapho kade sigxile khona ekudleni kwesintu, ake sibhake.

Ngenkathi ngisacaban­ga ukuthi konje iyiphi indlelakwe­nza esingacobe­lelana ngayo kwesanamuh­la isiqephu, ngikhumbul­e ukuthi sengivamil­e ukubona ezinkundle­lni zokuxhuman­a ukuthi iningi labantu lizibandak­anye ezindlelen­i zokudla ezikhethek­ile ngezizathu ezahlukahl­ukene.

Kuvamisile ukuthi uma sicabanga ngokubhaka, isithako esifika kuqala emqondweni kube uflawa. Iqiniso ukuthi seziningi kakhulu izindlelak­wenza zokubhaka ezingaband­akanyi uflawa. Lo mkhuba ubukeka uba nesasasa kakhulu muva nje, ikakhulu kulabo abalandela izindlela zokudla ezikhethek­ile. Iningi labantu abalandela amadayethi afana neGrain-free, iKeto, iPaelo namanye ahlobene nalawa, bavame ukungawudl­i uflawa.

Abanye nokho abawudli uflawa ngenxa yezizathu ezithinta ezempilo, njengamaal­lergy. Nokho-ke, abanye bake bazithole besesimwen­i lapho befisa ukubhaka kodwa bathole ukuthi abanawo uflawa owanele ekhabethen­i. Kwesanamuh­la isiqephu sizocobele­lana ngendlelak­wenza yekhekhe likashokol­edi elingenafl­awa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa