Ukubhaka ngaphandle kukaflawa
Ngike ngaba nengxoxo nomunye obalule ukuthi unyaka wezi2020 kube unyaka omude kunayo yonke empilweni yakhe, ngathi awupheli. Lokhu, ngokusho kwakhe kwenziwe yizinselelo yena, njengeningi, abhekane nazo kulo nyaka. Abaningi bashiywe ngabathandiweyo babo, abanye balahlekelwa yimisebenzi kanti abanye balale ezibhedlela ngenxa yokuhlaselwa ukugula.
Impela nakuba zibe ningi izinselelo kulo nyaka, bukhona nokho nobuhle esibubonile.
Abaningi bathole ithuba lokuhlala nemindeni yabo nokuholele ekutheni bafunde lukhulu ngamalungu emindeni yabo. Baningi abathole ithuba lokuchitha isikhathi esikhethekile emaziko abo bepheka bebhaka nokuyinto ebingenzeki kaningi ngaphambilini. Baningi abavundulule amakhono abebengazi nokuthi banawo okupheka nokubhaka. Impela, nakuba ziningi izinselelo empilweni, kuyohlale kukhona okuhle esingakuthokozela.
Singena enyangeni entsha uMfumfu nokusho ukuthi sesisalelwe izinyanga ezingaphansi nje kwezintathu onyakeni wezi2020. Emva kwenyanga uMandulo, nalapho kade sigxile khona ekudleni kwesintu, ake sibhake.
Ngenkathi ngisacabanga ukuthi konje iyiphi indlelakwenza esingacobelelana ngayo kwesanamuhla isiqephu, ngikhumbule ukuthi sengivamile ukubona ezinkundlelni zokuxhumana ukuthi iningi labantu lizibandakanye ezindleleni zokudla ezikhethekile ngezizathu ezahlukahlukene.
Kuvamisile ukuthi uma sicabanga ngokubhaka, isithako esifika kuqala emqondweni kube uflawa. Iqiniso ukuthi seziningi kakhulu izindlelakwenza zokubhaka ezingabandakanyi uflawa. Lo mkhuba ubukeka uba nesasasa kakhulu muva nje, ikakhulu kulabo abalandela izindlela zokudla ezikhethekile. Iningi labantu abalandela amadayethi afana neGrain-free, iKeto, iPaelo namanye ahlobene nalawa, bavame ukungawudli uflawa.
Abanye nokho abawudli uflawa ngenxa yezizathu ezithinta ezempilo, njengamaallergy. Nokho-ke, abanye bake bazithole besesimweni lapho befisa ukubhaka kodwa bathole ukuthi abanawo uflawa owanele ekhabetheni. Kwesanamuhla isiqephu sizocobelelana ngendlelakwenza yekhekhe likashokoledi elingenaflawa.