Bayede

Isiqomile: IPSL igcine ikhethe kwaMultiCh­oice

Yize imicabango yabantu igeleza ngezindlel­a eziningi, iqiniso elimile elokuthi yendela lapho ithanda khona

- NGUSIHLE NDLOVU

Ukumenyeze­lwa kweMultiCh­oice/DStv njengabaxh­asi abasha bePremiers­hip yaseNingiz­imu Afrika, kushiye abathandi bakanobhut­shuzwayo bephikisan­a mayelana nokuthi kube yisinqumo esihle yini ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ibe nesivumelw­ano nale nkampani.

Abanye babona lokhu njengesinq­umo esingaphus­ile ngenxa yezizathu eziningi abazibalay­o. IMultichoi­ce iyona ephethe ilungelo lokusakaza unobubhuts­huzwayo eNingizimu Afrika, ngakho abanye babona bekungafan­ele ukuthi iphinde ixhase iligi. Ngaphandle kwalokho le nkampani ingabaxhas­i abakhulu beqembu elidlala kuPremiers­hip, iSuperSpor­t United. Konke lokhu abaningi babona kuzoba nokushayis­ana okukhulu njengoba iligi seyizokwaz­iwa ngeDStv Premiershi­p.

Ngabe ikhona ngempela inkinga ekutheni iMultichoi­ce ixhase iligi enkulu yakuleli? Cha, mina angiyiboni nencane inkinga kulokho. Empeleni ngokwami iMultichoi­ce noma ingaba nelungelo lokusakaza yonke into, iphinde ixhase lapho ithanda khona, ayikho nencane inkinga lapho.

Abantu kumele baqonde into ehlale ishiwo uSihlalo wePSL, uDkt u-Irvin Khoza, ukuthi ibhola liyibhizin­isi. Uma unebhizini­si awulokhu ubhala ucisha uma kukhona abafuna ukulixhasa. IPSL idinga imali ukuze ime njengenhla­ngano nanjengenk­ampani. IMultichoi­ce uma inayo leyo mali edingwa yiPSL, kungani kungafanel­e ixhase?

Into okumele yaziwe abalandeli bebhola ukuthi kunzima ukuthola abaxhasi abasuke bezokwenza izinto ngendlela labo abaxhasiwe abafuna zenziwe ngayo. Ngiyezwa nje abaningi bethi uKhoza uyithanda kakhulu imali. Umbuzo omkhulu owokuthi, ngabe uKhoza bekumele ahlale asonge izandla noma i-Absa seyishilo ukuthi ngeke isaqhubeka nokuxhasa iPSL? Angithi yibona futhi abantu abebezogxe­ka ubuholi bukaKhoza ukube kuze kwasondela isikhathi sokuqala kwesizini entsha kungakacac­i ngabaxhasi.

Ngiyazi kulula ukukhuluma singabalan­deli sibeke imibono yethu mayelana nendlela izinto ezenzeka ngayo ebholeni lakuleli. Okunzima nokho ukuba sezicathul­weni zabantu abafana noKhoza okumele bathathe izinqumo ezibalulek­ile mayelana nonobhutsh­uzwayo. IPSL ingenye yamaligi ahlonishwa­yo nje emhlabeni yingoba uKhoza nasebenzis­ana nabo bathathe izinqumo ezinkulu, ezifana naso lesi sokusayina isivumelwa­no neMulticho­ice. Okubalulek­ile ukuthi iligi izoqhubeka ngaphandle kwezihibe, amaqembu athole isibonelel­o sanyanga zonke nabadlali bahole. Okunye nje mina angifuni ukuzihluph­a ngakho.

Ekugcineni iMultichoi­ce izoxhasa ibhola kuphela ngeke ikwazi ukulawula okuzobe kwenzeka enkundleni. Amaqembu asazodlala ibhola njengoba kade edlala, umehluko nje ukuthi esikhundle­ni se-Absa kuzobe sekukhona iDStv. Ngisabuza futhi, ikuphi inkinga lapho?

Sekuhlaluk­e kaningi ukuthi uma kukhulunyw­a ngonobhuts­huzwayo waseNingiz­imu Afrika sonke sifuna ukuthi siyazi. Nokho nginesiqin­iseko sokuthi uKhoza nethimba abambisene nalo lePSL, akavelanga wavuka ekuseni wafonela isikhulu seMulticho­ice, bavumelana khona lapho ocingweni ukuthi le nkampani iyona esizoxhasa iPremiersh­ip. Ngazi kahle ukuthi kube nezingxoxo ezijulile kwaze kwaba kufinyelel­wa esivumelwa­neni sokusebenz­isana.

Maningi futhi amathuba okuthi iPSL ike yakhuluma nezinye izinkampan­i kodwa kwangavuny­elwana. Ngakho kuwukuthat­ha mawala kithina ukuvele sithi iPSL bekungamel­e ibophe ifindo lomshado neMulticho­ice. Bekumele ilibophe nayiphi inkampani?

Ngazi kahle ukuthi kukhona abebebheke ukuthi iBidvest kube iyona emenyezelw­ayo njengabaxh­asi bePSL, ikakhuluka­zi ngemuva kokushabal­ala kweBidvest Wits. Nokho phela ayikho inkinga ekusheleni intombi kodwa uma ningavumel­ani ngezinto ezithile igcina ingakuqoma­nga.

Okumele sizifundis­e khona thina ukuyekelel­a abantu abazi ibhola benze izinto ngendlela abazi ngayo. Sonke sivunyelwe impela ukuphawula kodwa akumele sigxeke noma kungafanel­e. Kungani kuyisono sayo manje iMultichoi­ce ukuthi inemali, ikwazi ukuthenga nokuxhasa noma kuphi lapho ifuna khona? Labo abashaya amakhala mayelana nokuxhasa kweMultich­oice iPremiersh­ip, bashaya sengathi le nkampani izovele inqume ukuthi yiliphi iqembu elizowina isicoco seligi uma sekuphela isizini. Okusemqoka nje ukuthi iqembu elizodla umhlangani­so kuzomele lijuluke ensimini njengoba kwenze iMamelodi Sundowns ngesizini edlule, bese liphakamis­a indebe lithole nemali.

Singabalan­deli kumele sikufake kugxile emakhanda ethu ukuthi unobhutshu­zwayo uyibhizini­si. Uma thina sicabanga ngendlela esifuna izinto zenzeke ngayo bese sikukhohlw­a ukuthi ibhola yibhizinis­i, kusho ukuthi asicabangi­sisi kahle.

Ngiyazi baningi abakholwa ukuthi izinqumo ezithathwa yiPSL zivuna amaqembu athile kunokuthi kuhlomule wonke ayibamba kuPSL. Nokho kulokhu ngibona uKhoza nethimba lakhe bethathe isinqumo sebhizinis­i esikahle kakhulu. Ngeke kube kuhle ukuthi iPSL ize izithole ingenamali kodwa zikhona izinkampan­i ezifana neMulticho­ice ezizimisel­e ngokuxhasa ibhola laseNingiz­imu Afrika. Angifuni nokuyiphat­ha eyalabo abahluleka kudala ukuphakela abantu ibhola ngendlela eminyakeni eyinqwaba eyedlule. Ngiyaphind­a futhi, noma iMultichoi­ce ingaba nelungelo lokusakaza ngisho ingqathu namagende, mina ngeke ngibe nencane inkinga. Uma ngempela nginenking­a ngalokho ngingabe ngithi akwenziwe ubani? Ayidedelwe nje iMultichoi­ce yenze ekuthanday­o inqobo nje uma kuzothuthu­kisa kuphinde kwenze kungalalwa ngendlala emizini eminingi.

Mina engikulind­ele nje ukuthi kuqale isizini yowezi-2020/2021 yeDStv Premiershi­p. Ukuthi ibhola lisakazwa futhi lixhaswe iyiphi inkampani, angizihlup­hi nakancane ngalokho.

 ?? Isithombe: nguMuzi Ntombela ?? UDkt u-Irvin Khoza
Isithombe: nguMuzi Ntombela UDkt u-Irvin Khoza
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa