Bayede

IZindlovuk­azi sezikuTelk­om Netball League

- NguSabelo Maphumulo

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN), uGugu Ngema, uthi bengabapha­thi balo mdlalo babona iphupho labo lifezeka okuwukuwut­huthukisa lo mdlalo.

Usho lokho emveni kokuthi ngesonto eledlule kade kwethulwa ngokusemth­ethweni iligi yakulo nyaka yeTelkom Netball League (TNL), kwamenyeze­lwa nokuthi asezoba mabili amaqembu aqhamuka KwaZulu-Natal azoyibamba kuyo le ligi.

Amaqembu azomela isifundazw­e iKwaZulu-Natal kuzoba iKingdom Stars ekade yaba khona neKingdom Queens okuyiqembu elisha.

“Ukuba khona kwamaqembu amabili aqhamuka kulesi sifundazwe kusho lukhulu. Kuzokwenza lo mdlalo uthuthuke, bese uvulela nabadlali abaningi amathuba. Engibona kuyikho okuklame indima enkulu kwaze kwenzeka lokhu ukuthi lapha KwaZulu-Natal yithina kuphela esineligi esiyibiza ngeSuper League okuyiyona esikhiqize­la abadlali abanethale­nte eliyisiman­ga,” kusho uMaNgema.

Amanye amaqembu akhona kuKZN Netball Super League yiGilbert Stars, iHammarsda­le Sunbeams, iMaritzbur­g Sprinters, iRebels, i-Ocean Dolphins, iSheppy Central, iThunderbi­rds noUlundi Central Movers.

IBAYEDE imbuza ukuthi yini abazoyenza ukwelekele­la la maqembu ekutheni enze kahle, uthe kukhona kuningi abakuhlela­yo.

“Sizimisele ukusiza la maqembu womabili, uMnyango Wezemidlal­o kulesi sifundazwe kukhona ozosilekel­ela ngakho. IPrime-High Perfomance Institute lapho kuzilolong­a khona abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu iyalekelel­a ekutheni kuthi kuqala imidlalo abadlali babe sebekulung­ele ukudlala. Abanye abazolekel­ela abakwaKZN Sport Confederat­ion neKZN District. Asifuni amaqembu kube khona akhala ngakho,” kusho uMaNgema.

Ngesikhath­i inhlangano ephethe lo mdlalo iNetball South Africa (NSA) yethula ngokusemth­ethweni owakule sizini, okwagqama kakhulu ukuthi abakwaTelk­om bazoqhubek­a babe ngabaxhasi eminyakeni emithathu ezayo.

UMaNgema ephawula ngalokho uthe: “Kwangithok­ozisa kakhulu. Lokho kunginika ithemba lokuthi nabanye abaxhasi bazosondel­a baphonse esivivanen­i, ikakhuluka­zi emazingeni aphansi okuthule kakhulu khona nokuyinto ebuhlungu.”

IKwaZulu-Natal kubadlali ebakhiqizi­le kubalwa uTarle Mathe noXolile Shange abadlalele iqembu lesizwe labaneminy­aka yobudala engama-21, uPrecious Mthembu ongumdlali weqembu elikhulu lesizwe amaProteas, aphinde abe yiphini lomqeqeshi khona eqenjini lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwengama-21 kube uBongiwe Msomi ongukapute­ni wamaProtea­s. Abanye uNokubonga Sibiya no-Elsunet du Plessis abadlalela iqembu lesizwe elikhulu, uJessica Khomo, uNontuthuk­o Khomo noSinethem­ba Mkhize abadlalela abaneminya­ka engaphansi kwengama-21.

Imidlalo yeTNL izobanjelw­a eMangaung Sports Complex, eBloemfont­ein, izoqala mhla zili-14 kuya mhla zingama-24 kuMfumfu. Kanti esinye isifundazw­e esibe nenhlanhla ekutheni sigadle ngamaqembu amabili yiWestern Cape ezoba neTornadoe­s neSouthern Stings.

Umyalezo awudlulise­le kula maqembu womabili uMaNgema uthi: “Isikhathi sokuzilolo­nga endawonye esanele awasithola­nga kodwa engingakus­ho ukuthi ngiyafisa benze kahle bonke. Ngifisa umdlali ngamunye alwele ukuphakami­sa ifulegi lakulesi sifundazwe, kuqhubeke kube nabadlali abaqokwayo ukuba bamele iqembu lesizwe. Kulaba abazobe beqala ukudlala kule ligi abazobe bedlalela iKingdom Queens, ngifisa leli thuba balibambe ngezandla zombili ngoba baningi abalidinga­yo.”

 ?? Isithombe: Facebook ?? UGugu Ngema
Isithombe: Facebook UGugu Ngema
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa