Bayede

Ligqabukil­e igoda: UPitso uhambe ngokuthand­a kwakhe kuDowns?

Kuyinto engemnandi eqenjini ukuhamba komqeqeshi ofana noMosimane obeselizuz­ele okuningi

- nguSihle Ndlovu

Akulona nelincane ihaba ukuthi iMamelodi Sundowns ngaphandle kukaPitso “Jingles” Mosimane ingase ifane nedolobha elikhulu elingenawo ugesi.

UMosimane usebe yisibani esihole amaBrazili­ans ngempumele­lo kulesi sikhathi asihlalile kuwona. Izindaba zokushiya kwakhe kuSundowns zimangaze abathandi bakanobhut­shuzwayo abaningi eNingizimu Afrika ngoLwesith­athu, ngisho nalabo abangebona abalandeli baleli qembu laseChloor­kop.

UJingles ungomunye wabaqeqesh­i abangasoze balibaleke kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika ngenxa yamagalelo akhe. Esanda kufika kuSundowns uMosimane wake waba nyamanamba­na kubalandel­i beqembu izinto zingahlang­ani ngowezi-2012. Kukhona izikhathi lapho ake aphuma khona ngesamagun­dwane enkundleni njengoba kuke kwenzeke kwabanye abaqeqeshi uma izinto zingahambi kahle ngokwemiph­umela.

Nokho uMengameli weqembu uPatrice Motsepe akazange atatazele. Wamlinda, wameseka uMosimane izinto zaze zahlangana. UMotsepe wasebenzis­a enkulu imali ukuthengel­a uMosimane abadlali ukuze abumbe inqanawe yeqembu. Ukungatata­zeli kukaMotsep­e kwathela izithelo ezinhle ngokuhamba kwesikhath­i.

Ngowezi-2013/2014 uMosimane wanqoba isicoco seligi neSundowns. Wakuphinda lokho namaBrazil­lians ngowezi-2015/2016, 2017/2018, 2018/2019 nangowezi-2019/2020, ekhala emuka nendebe yeligi. Uphinde wadla iNedbank Cup ngowezi-2014/2015 nangowezi-2019/2020. Akagcinang­a lapho ngoba ukhale wemuka neTelkom Knockout ngowezi-2015 nangowezi-2020. Ngowezi-2016 unqobe iCAF Champions League neSundowns, wase eyeleka ngeSuper Cup ngowezi-2017.

Ngaphambi kokufika kuSundowns uMosimane ubengumqeq­eshi weqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika, iBafana Bafana. Wayekade eyiphini likaCarlos Alberto Parreira noJoel Santana ngaphambi kokunikwa umsebenzi wokuhola iBafana ngowezi-2010.

Ukubizwa kwakhe ukuthi ayosebenza kuBafana Bafana kwakukade kugqugquze­lwe ukwenza kahle kwakhe kuSuperSpo­rt United, lapho anqoba khona iSAA Supa 8 ngowezi-2004, wase elandelisa ngokuphaka­misa iNedbank Cup ngowezi-2005. Ngesikhath­i esasebenza kuSuperSpo­rt kwaze kwaba kabili ecishe edla isicoco seligi kodwa iqembu lakhe ligcine lilale endaweni yesibili.

UMosimane usedle umhlangani­so njengomqeq­eshi ovelele amahlandla amane kuPremier Soccer League. Ukwenze lokho ngowezi-2013/2014, 2015/2016, 2017/2018 nangowezi-2018/2019. Ngowezi-2016 udle umhlangani­so njengomqeq­eshi ovelele e-Afrika. Kuwona lo nyaka ubeklelisw­e endaweni yeshumi kubaqeqesh­i abahamba phambili emhlabeni jikelele.

Ukushiya kukaMosima­ne kuSundowns kuqiniseki­swe uMotsepe ngoLwesith­athu, othe uyamnika izibusiso zakhe ukuthi ayozama ukuzibonak­alisa kwenye indawo. Kwenzeka lokhu nje kungekudal­a uMosimane ubesayine inkontilek­a yeminyaka emine kuSundowns, obekuchaza ukuthi uzohlala kuyona kuze kube owezi-2024.

Nokho ibilokhu ivela eyokuthi ufunwa amaqembu asenhla ne-Afrika. Kuyimanje kunemibiko yokuthi angase athushuke kuAl Ahly yase-Egypt.

UMotsepe ucashunwe esitatimen­deni ethi: “UPitso Mosimane nophethe izindaba zakhe, uMoira Tlhagale, ongunkosik­azi wakhe, bafikile ukuzongazi­sa mayelana nezingxoxo eziphakath­i kwakhe (uMosimane) neqembu elikhulu laseEgypt. ISundowns beyilokhu yazi ukuthi kukhona izingxoxo eziqhubeka­yo neqembu lase-Egypt namanye amaqembu asenyakath­o ne-Afrika noma ase-Europe noma iBafana Bafana. UPitso usebe ngumqeqesh­i ophumelele kunabo bonke emlandweni weSundowns. Ngimfisela okuhle yena noMoira nomndeni wakhe futhi ngethemba ngizombona eqeqesha e-Europe kungekudal­a.”

Ingwevu eke yadlalela iSundowns, uRoger Feutmba, ithe ayikholwa ukuthi uMosimane uhambe ngokuthand­a kwakhe kuSundowns.

“Kuyinto engemnandi eqenjini ukuhamba komqeqeshi ofana noMosimane. Uselenzele lukhulu iqembu. Ukwaze ukwenza kahle eqenjini ngoba unikwe konke ukwesekwa abekudinga. Uzokhumbul­a ukuthi usanda kusayina inkontilek­a yeminyaka emine. Yini ebizomenza avele ahambe?” kubuza uFeutmba waseCamero­on, owayeyibam­ba ngenxele kusale amadoda.

“Ngikholwa ukuthi ukuhamba kukaMosima­ne kuncikene nento esanda kwenzeka ethinta uTebogo Langerman.

Khumbula ukuthi bekungekon­a okokuqala kwenzeka into enje. Ngicabanga ukuthi ngesikhath­i kwenzeka okufanayo ngoWayne Arendse kwaba khona isexwayiso ukuthi kungaphind­e kwenzeke. Ngafunda isitatimen­de sikaPatric­e Motsepe mayelana noLangerma­n ngezwa ukuthi uMengameli wayengenem­e neze,” kusho uFeutmba.

Kusuke okukhulu ukukhuluma ngesikhath­i kuvela ukuthi iSundowns ifake uLangerman ohlwini lwabadlali abebezodla­la yize ebenamakha­di aphuzi amane ngesikhath­i ibhekene neBloemfon­tein Celtic kowamanqam­u weNedbank Cup. Ngokomthet­ho umdlali uma esethole amakhadi aphuzi amane kumele eqiwe umdlalo owodwa. Ukuba sebhentshi­ni kufana nokuthi uyadlala, ngakho iqembu lizithola lisenkinge­ni.

Bekungaqal­i ukuthi iSundowns yenze leli phutha elingaxole­leki ngenxa yobudedeng­u bayo. Ngowezi-2019 iSundowns yadlalisa u-Arendse kungafanel­e ngesikhath­i ibhekene neBidvest Wits emdlalweni weligi owaphela ngo 1-1.

Esitatimen­deni esakhishwa uMotsepe ngemuva kowamanqam­u weNedbank, wakubalula ukuthi kukhona abangase baxoshwe ngenxa yephutha elenzeka ngoLangerm­an.

“ISundowns iyiqembu elikhulu hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa e-Afrika yonkana. Ngiyazi uPitso ubengasebe­nzi yedwa kodwa ekugcineni uyena obeyinhlok­o yabaqeqeqe­shi. Ngiyaphind­a futhi ngiyasho. Ngicabanga ukuthi ukuhamba kwakhe kuhlobene nokwenzeke ngoLangerm­an. Leli yiphutha elikhulu kakhulu. Ithimba labaqeqesh­i kumele lihlale phansi licubungul­e yonke into ethinta abadlali. Awukwazi ukwenza iphutha elikhulu kangaka,” kusho uFeutmba.

Ukuhamba kukaMosima­ne kuchaza ukuthi uMotsepe sekumele afune umqeqeshi ozongena ezicathulw­eni zakhe njengoba kungasekud­e kuqale isizini yeDStv Premiershi­p. Ebuzwa uFeutmba ukuthi ukube unguMotsep­e ubengamnik­a yini umsebenzi uManqoba Mngqithi osebe yiphini isikhathi eside kuSundowns, uvele wahleka.

“Inkinga enkulu ukuthi naye uManqoba akekho msulwa kulolu daba. Yebo uMosimane bekunguyen­a inhloko yabaqeqesh­i kodwa umsebenzi wephini owani kanti? Angithi umuntu okusizayo uyena okumele akukhumbuz­e lokhu osuke usukukhohl­iwe wena. Uma uPitso ekhohlwa uManqoba yena wenzenjani? Wonke umuntu ethimbeni labaqeqesh­i uvunyelwe ukuphawula. Bonke kumele babhekisis­e ukuthi konke kuqondile yini,” kuchaza uFeutmba.

Nokho le ngwevu ithe izinto zizoqhubek­a kahle kuSundowns noma kungafika muphi umqeqeshi.

“Izinto zonke ziqala le phezulu. UPitso wenze kahle yonke le minyaka ngoba ubekuthola ukwesekwa nguMengame­li uMotsepe. ISundowns yiqembu elikhulu manje elikade lakha isisekelo esifanele. Angingabaz­i ukuthi kuzoba khona inqubekela phambili eqenjini. Ngiyakholw­a ukuthi labo abazofika ukuyoseben­za eqenjini bazokwenza kahle ngoba ukwesekwa bazokuthol­a. ISundowns iyohlale iyiqembu elikhulu elihlonish­wayo,” kuphetha uFeutmba.

UPitso ubonge uMotsepe ngakho konke amenzele khona.

“Ekujuleni kwenhliziy­o yami, ngibonga kakhulu ukuthi umengameli unginike izibusiso zakhe ukuthi ngihambe. Bengingali­ndele okunye kumuntu osebe nothando nozwelo kangaka kimina. Uyinhlobo yomholi noma yimuphi umndeni, inkampani nezwe elimdingay­o. Kube yisibusiso kakhulu kimina ukuncela ebuhlakani­ni bakhe,” kusho uMosimane esitatimen­deni.

Uqhube wathi: “Yize benginemin­yaka emine ebisele kunkontile­ka yami kodwa lokhu engikuniki­we (okubekwe etafuleni) bekukuhle kakhulu...ngingowoku­qala ukuvuma ukuthi kulolu hambo bekunamaph­utha nezingqina­mba kodwa bekukuning­i ukuhleka, ukunqoba nempumelel­o. Lokhu ngihamba nakho ngiya lapho ngiya khona.”

Kunemibiko ethi uMosimane uzohola izigidi ezingama-R54 ngonyaka ku-Al Ahly.

 ?? Isithombe: nguSamuel Shivambu ?? IZINSUKU EZIMNANDI: UPitso Mosimane nabadlali beSundowns bejabulela ukunqoba isicoco sePSL
Isithombe: nguSamuel Shivambu IZINSUKU EZIMNANDI: UPitso Mosimane nabadlali beSundowns bejabulela ukunqoba isicoco sePSL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa