Kwesatshiswe iHhovisi likaNgqongqoshe Wamaphoyisa kuleli
Sekuvulwe icala lokwesabisa ihhovisi likaNgqongqoshe Wamaphoyisa kuleli, uMnu uBheki Cele, mayelana necala labalimi baseSenekal eFree State ngoLwesibili abashise iveni yamaphoyisa aphinde angqongqisa iloli lamaphoyisa lapho bekuvele khona ababili abasolwa ngokubulala imenenja yepulazi kuleya ndawo.
Izinsongo zokwesabisa zilandela ukuboshwa komsolwa ongumlimi ngecala lokulimaza impahla kaHulumeni elivulwe umbuso njengoba uphenya icala lokulimaza impahla kanye nelodlame emphakathini.
Laba balimi abebethukuthele begane unwabu bakwenze lokhu ngesikhathi bekuvele enkantolo abasolwa ababili ecaleni lokubulawa kukaMnu uBrendon Horner.
Kuleli cala sekuboshwe umsolwa waseMarquard. Noma kunjalo uNgqongqoshe uCele kuthiwa ulibeke ngembaba elokuthi akeneme ngokuboshwa kwalo msolwa kuphela kepha usafuna kuboshwe abaningi abathintekayo njengoba izithombe namavidiyo okusabalale ezinkundleni nasemithonjeni yezindaba kuveza ukuthi bebebaningi abantu ababandanyekayo.
Okhulumela uNgqongqoshe uNks uLirandzu Themba uthe uCele ufuna kuboshwe abanye ngokushesha.
“Siyakwamukela ukuboshwa komsolwa oneminyaka yobudala engama-52 kodwa ngesikhathi kwenzeka isigameko ubengekho yedwa,” kusho uNks uThemba.
Uthe okuqoshiwe kuveza ukuthi bebebaningi abantu abenze umonakalo kumbe lo oboshiwe ubengeyedwa. Ukuqinisekisile ukuthi ukuthi ngempela likhona elinye icala lokwesabisa elivuliwe njengoba ethola izingcingo kubantu angabazi abamchapha ngenhlamba besebenzisa namagama acwasa ngokobuhlanga.
Uthe lezi zingcingo ziyaphenywa ukuthi ziqhamuka kuphi futhi zihloseni.
UKhomishana wamaphoyisa eFree State, uLt-General uBaile Motswenyane, uthe icala lokwesabisa liyaphenywa kodwa bekungakaboshwa muntu. UNgqongqoshe Wezobulungiswa kuleli, uMnu Ronald Lamola, ukugxeke kakhulu okwenziwe abalimi wakugcizelela ukuthi umthetho kufanele uthathe indawo yawo.
Abasolwa ababili kwelokubulawa kukaHorner baboshwe emuva kokuthi umbuso ukhiphe umehlokaboni wezi-R50 000. Baboshwa ngamaphosa endawo benezimpahla ezazinegazi kanye nezicathulo ezathathwa amaphoyisa ukuyokwenza ulibofuzo.
Kuyasolakala ukuthi akhona amanye amacala abanawo laba basolwa okubalwa kuwo awokuntshontsha imfuyo.
Kanti leli cala lihlehlela uLwesihlanu wesonto elizayo. Amagama abasolwa asagodliwe njengoba bengekabizwa ukuthi bayalivuma noma cha, icala.