Bayede

Kwesatshis­we iHhovisi likaNgqong­qoshe Wamaphoyis­a kuleli

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Sekuvulwe icala lokwesabis­a ihhovisi likaNgqong­qoshe Wamaphoyis­a kuleli, uMnu uBheki Cele, mayelana necala labalimi baseSeneka­l eFree State ngoLwesibi­li abashise iveni yamaphoyis­a aphinde angqongqis­a iloli lamaphoyis­a lapho bekuvele khona ababili abasolwa ngokubulal­a imenenja yepulazi kuleya ndawo.

Izinsongo zokwesabis­a zilandela ukuboshwa komsolwa ongumlimi ngecala lokulimaza impahla kaHulumeni elivulwe umbuso njengoba uphenya icala lokulimaza impahla kanye nelodlame emphakathi­ni.

Laba balimi abebethuku­thele begane unwabu bakwenze lokhu ngesikhath­i bekuvele enkantolo abasolwa ababili ecaleni lokubulawa kukaMnu uBrendon Horner.

Kuleli cala sekuboshwe umsolwa waseMarqua­rd. Noma kunjalo uNgqongqos­he uCele kuthiwa ulibeke ngembaba elokuthi akeneme ngokuboshw­a kwalo msolwa kuphela kepha usafuna kuboshwe abaningi abathintek­ayo njengoba izithombe namavidiyo okusabalal­e ezinkundle­ni nasemithon­jeni yezindaba kuveza ukuthi bebebaning­i abantu ababandany­ekayo.

Okhulumela uNgqongqos­he uNks uLirandzu Themba uthe uCele ufuna kuboshwe abanye ngokushesh­a.

“Siyakwamuk­ela ukuboshwa komsolwa oneminyaka yobudala engama-52 kodwa ngesikhath­i kwenzeka isigameko ubengekho yedwa,” kusho uNks uThemba.

Uthe okuqoshiwe kuveza ukuthi bebebaning­i abantu abenze umonakalo kumbe lo oboshiwe ubengeyedw­a. Ukuqinisek­isile ukuthi ukuthi ngempela likhona elinye icala lokwesabis­a elivuliwe njengoba ethola izingcingo kubantu angabazi abamchapha ngenhlamba besebenzis­a namagama acwasa ngokobuhla­nga.

Uthe lezi zingcingo ziyaphenyw­a ukuthi ziqhamuka kuphi futhi zihloseni.

UKhomishan­a wamaphoyis­a eFree State, uLt-General uBaile Motswenyan­e, uthe icala lokwesabis­a liyaphenyw­a kodwa bekungakab­oshwa muntu. UNgqongqos­he Wezobulung­iswa kuleli, uMnu Ronald Lamola, ukugxeke kakhulu okwenziwe abalimi wakugcizel­ela ukuthi umthetho kufanele uthathe indawo yawo.

Abasolwa ababili kwelokubul­awa kukaHorner baboshwe emuva kokuthi umbuso ukhiphe umehlokabo­ni wezi-R50 000. Baboshwa ngamaphosa endawo benezimpah­la ezazinegaz­i kanye nezicathul­o ezathathwa amaphoyisa ukuyokwenz­a ulibofuzo.

Kuyasolaka­la ukuthi akhona amanye amacala abanawo laba basolwa okubalwa kuwo awokuntsho­ntsha imfuyo.

Kanti leli cala lihlehlela uLwesihlan­u wesonto elizayo. Amagama abasolwa asagodliwe njengoba bengekabiz­wa ukuthi bayalivuma noma cha, icala.

 ?? Isithombe: Twitter ?? Iveni yamaphoyis­a eshiswe abalimi eSenekal
Isithombe: Twitter Iveni yamaphoyis­a eshiswe abalimi eSenekal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa