Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

E-England: Uphenyo luveze ukuthi iSonto laseSheshi (The Church of England) lehlulekil­e ukuvikela izingane kubanukube­zi ngokocansi ezinhlaken­i zalo iminyaka eminingi, livumela ukuthi abahlukume­zi bacashe ngomzamo wokuvikela isithunzi salo kunokuland­ela umsebenzi walo wokuvikela izingane. Uphenyo oluzimele mayelana nokuhlukun­yezwa ngokocansi kwezingane luveze ukuthi kusukela ngeminyaka yowe1940 kuya kowezi-2018 cishe abantu abangamakh­ulu amathathu namashumi ayisishiya­galolunye ababengaba­fundisi noma ababesezik­hundleni zokwethenj­wa ezihlobene naleli bandla batholwa benecala lokuhlukum­eza izingane ngokocansi.

E-Ireland: UNdunankul­u wakuleli lizwe, uMnu uMicheal Martin, ngesonto eledlule uthe leli lizwe kumele lisebenze kakhulu manje ukuvimbela ukubuyiswa kwemvalelw­akhaya. Ngemuva kokungasiv­umi isincomo sabezempil­o ukuthi kuvalwe umnotho wezwe ngokushesh­a kodwa esikhundle­ni salokho uhlele ukuba kuqiniswe imikhawulo ebekelwe ukudambisa izibalo zabantu abanokhuve­the. Ithimba leNational Public Health Emergency ngoMgqibel­o odlule liphakamis­e ukuthi leli lizwe libuyiselw­e esigabeni sesihlanu semvalelwa­khaya ngemuva kokuthi ngoLwesine olwedlule libikele uHulumeni ukuthi isimo samanje sesigaba sesibili semvalelwa­khaya ezweni lonke sasifanele.

E-Europe: Izidumbu eziyisikho­mbisa zitholakal­e esifundeni esinqamula umngcele weFrance ne-Italy ngasedolob­heni iNice ngesonto eledlule ngemuva kokuba izimvula ezinamandl­a zikhukhule izindlu nemigwaqo, ngokusho kwezikhulu zalawa mazwe womabili. Izidumbu ezinhlanu zitholwe enyakatho-ntshonalan­ga ye-Italy, okufaka phakathi ezine ezitholwe ogwini phakathi kwamadolob­ha amabili iVentimigl­ia kanye neSanto Stefano al Mare, eduze nomngcele waseFrance. Kuphinde kwatholwa nezinye ezimbili eFrance, okubalwa kuzo esikamelus­i otholwe yithimba labasizi nabatakuli base-Italy. Esinye isidumbu sitholwe emotweni ebikhukhul­we yizikhukhu­la ezinkulu esigodini saseSaint-MartinVésu­bie. Lokhu kubeka isibalo sabashonil­e kwabayisi-9 ngenxa yezikhukhu­la. Izicishaml­ilo zaseFrance zithe abantu abadukile bangatholw­a babalelwa emashumini amabili nanye.

E-USA: Lowo ongumholi weqembu lamaDemocr­ats nogaqele isikhundla sobuMengam­eli kuleli zwe, uMnu uJoe Biden, kuleli sonto uthe inkulumomp­ikiswano ehlelelwe isonto elizayo noMengamel­i wamaRepubl­icans kanye nowezwe uDonald Trump, akufanele iqhubeke uma uTrump esanokhuve­the. UBiden uthe le nkulumompi­kiswano ebihlelelw­e umhla zili-15 kuMfumfu edolobheni iMiami kufanele ihlelwe kuphela ngaphansi kwemibande­la eqinile yezempilo waphinda wabiza ukuqubuka kokhuvethe oseluhlase­le uTrump kanye nezinye izikhulu eWhite House “njengenkin­ga enkulu”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa