Bayede

Izisebenzi zigcwale imigwaqo ngemiseben­zi kuleli

- NguCelani Sikhakhane

Izisebenzi zisho ngazwiliny­e zithi inxeba loyedwa inxeba labo bonke.

Zisho kanje kuleli sonto ngesikhath­i izinhlaka ezibaholay­o ziphuma ngobuningi zabanemibh­ikisho ngoLwesith­athu yokukhala ngokulahle­ka kwemiseben­zi, ukuvalwa kwezinkamp­ani, ukucindeze­lwa kwabesifaz­ane nenkohlaka­lo eyenziwa izikhulu zikaHulmen­i eshiya kuhlushekw­a.

Kuleli sonto kucacile ukuthi usizi lweziseben­zi lulodwa futhi alukhethi ukuthi ukuyiphi inyunyana njengoba imifelanda­wonye yezisebenz­i okuyiCongr­ess of South African Trade Union (Cosatu), iSouth African Federation of Trade Union (Saftu), iNational Council of Trade Unions (Nactu) kanye neFederati­on of Trade Union of South Africa (Fedusa) ibikuzona zonke izinkalo zamadolobh­a ehlukene kuleli kubhikishw­a.

Izisebenzi zemikhakha eminingi azeneme neze ngendlela umnotho owehla ngayo nangokugol­oza kukaHulume­ni ukunyusa amaholo ngokwesivu­melwano.

Okuzikhali­sayo ukuthi zihlale zitshelwa ngokuwa komnotho nokungabib­ikho kwemali kodwa abaholi bona bayaqhubek­a baphila impilo ephezulu nemindeni yabo kanye nezihlobo nabangani.

Yilokhu lapho abanye abaholi beCosatu eGauteng bezwakale sebethi uma inhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) iqhubeka nokwehlule­ka ukubhekele­la izisebenzi bazoyeka ukuyeseka okhethweni.

Bekukhalwa nangokuthi abaholi abaningi ngisho ababesezin­yunyaneni uma sebefika kuHulumeni bayakhohlw­a yizisebenz­i.

UMengameli we-Cosatu, uNkk uZingisa Losi, uthe uhole umbhikisho ngojenga lwezimoto ophelele emahhovisi oMnyango Wezokuqash­wa Nezisebenz­i eGoli nokuyilaph­o ekhulume kabanzi ngokuhluku­mezeka kweziseben­zi.

UNkk uLosi uthi sekuyisikh­athi sokuba izisebenzi zilalelwe kuyeke ukuthi zikhunjulw­e ngezikhath­i ezithile kuphela.

UNobhala Jikelele weSaftu, uMnu uZwelinzim­a Vavi, uhole isigungu sakhe balibangis­a emagcekeni ezindlu zoMbuso ePitoli lapho bebeyothi sekwanele ngosizi lweziseben­zi.

UVavi ukhale ngokuthi ngendlela izisebenzi ezibukelwa phansi ngayo kuze kunganakwa ngisho ezokuthuth­wa kwazo.

Ubesho lokhu ekhala nangokuthi izitimela azikho esimweni ziyafa okuze kudale ukuthi izisebenzi zixoshwe emsebenzin­i ngenxa yokufika sekwedlule isikhathi.

Amalungu eSaftu amanye abebambe umlindelo ePolokwane nokuthe uma kusa ngoLwesith­athu alibhekisa emahhovisi kaNdunanku­lu uStanley Mathabatha ehambisa uhla lwezikhalo.

Ezinye izisebenzi bezithe chithi saka ePort Elizabeth nakwamanye amadolobha ziyokhalaz­a ngokuthi sezihluphe­ke kakhulu zinganakwa akuphele manje.

Abaholi beCosatu KwaZuluNat­al bamashele ezinkampan­ini ezehlukene ezisolwa ngokuxhaph­aza izisebenzi ngokuzikhw­abanisela imali yazo yokungaseb­enzi ebizwa ngeUnemplo­yment Insurance Fund (UIF).

UMnu u-Edwin Mkhize weCosatu KwaZulu-Natal, uthe ozakwabo basabalale namadolobh­a ahlukene esifundazw­eni okuyisePor­t Shepstone, eMgungundl­ovu, eMpangeni, eRichards Bay naseManden­i kwaSithebe.

Lo mbhikisho ubuhambisa­na nosuku iWorld Day for Descent Work nokuyilaph­o kugqugquze­lwa ukuphathwa kahle kweziseben­zi nokuqinise­kisa ukuthi zisebenza ngaphansi kwemigomo ephephile nezivunayo.

Lolu suku lukhunjulw­a umhlaba wonke kanti eNingizimu Afrika bekubhekwe ukuba izisebenzi zihlale emakhaya ukuze zithobele imithetho yokhuvethe kodwa akwenzekan­ga.

Nokho abasebenzi abaningi bahlulekil­e ukuzivalel­a emakhaya kodwa babona kungcono ukuba bazifikele mathupha kulemibuth­ano ebihleliwe ukuze baqiniseki­se ukuthi izwi labo liyezwakal­a.

Babalisa nangokuthi amaholo abathenjis­wa wona ngowezi-2018 ukuthi azonyuswa ngamaphese­nti amahlanu nengxenye akukaze kwenzeke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa