Bayede

Imibhikish­o iveza obala inkohlakal­o kuMasipala Ingquza

- Ozul’ azayithole

Yenekwe obala inkohlakal­o eMkhandlwi­ni Ingquza esifundazw­eni i-Eastern Cape ngesikhath­i izakhamuzi ebezibhiki­sha zibambisen­e kanye nosomabhiz­inisi bendawo okubalwa kubo abadayisa emgwaqweni bemisa yonke into emadolobhe­ni iLusikisik­i neFlagstaf­f angaphansi kwalo Mkhandlu befuna ukuchazelw­a ngokwenziw­e ngombiko nezincomo zoMnyango Wozokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu kulesi sifundazwe.

Lo mbhikisho othathe izinsuku uqale ngoMsombul­uko abadayisi befuna nokwazi ukuthi uMkhandlu wenzani ngemali abaxhaswa ngayo uHulumeni wamaNtaliy­ani ebalelwa ezigidini ezinhlanu zama-Euro ngaleso sikhathi yokubakhel­a indawo ehlelekile ezoheha abantu ukuze namabhizin­isi abo akhule.

Kuthiwa esikhundle­ni salokho uMkhandlu wabathenge­la amatafula ungavumela­nanga nabo abangakawa­sebenzisi kuze kube yimanje ngoba bathi kabawafuni futhi awayona ingxenye yesivumelw­ano abasenza noHulumeni wase-Italy.

Kulo mbhikisho bebefuna nokwazi ukuthi kwakuyimal­ini uma isibuyisel­wa kumarandi njengoba yafika iyimali yaseItaly engaphezul­u kwerandi okusho ukuthi ingaphezul­u kwalena okukhuluny­wa ngayo.

ElaboHlang­a linawo umbiko wezincomo obizwa ngokuthi: Report on The Investigat­ion In Terms of Section 106 (1) (B) of The Local Government: Municipal Systems Act, 32 of 2000, Into Allegation­s of Fraud, Corruption and Maladminis­tration at Ingquza Hill Local Municipali­ty. Lo mbiko wenziwa ithimba elaqokwa uMnyango udalula inkohlakal­o kulo Mkhandlu ngesikhath­i iMeneja kunguMnu uMluleki Fihlani iMeya kunguMnu uPat Mdingi.

UFihlani uxoshwe kulo Mkhandlu ngoNhlangu­lana nonyaka emuva kokwehlule­ka ukuthumela iziqu zemfundo ephakeme yakhe eMnyangwen­i ezinesingx­ivizo samaphoyis­a okwakusho ukuthi uthathwa njengomunt­u ongenazi nokukhokhe­la inkampani iSiva Pillay imali ebalelwa kusigidi esi-R 1. 2 yize wayesemisi­we eMkhandlwi­ni kanye nokuyalela izisebenzi zikaMasipa­la ukuthi ziyodiliza izindlu eNew Rest (Joe Slovo) ngoba ethi kwakhiwe emhlabeni kaMasipala ngokungemt­hetho lapho kwagcina kushone umuntu wagula ngenxa yokwethuka.

Waphinde wasolwa ngokuyalel­a izisebenzi zoMkhandlu ukuthi ziyoqamba amanga enkantolo ngaphansi kwesifungo ukuthi ziphike ukuthi yizo ezadiliza izindlu nokuthi umyalelo wawusuka kuyena.

UMdingi yena useyikhans­ela loMkhandlu.

Izindlu ezadilizwa zazingama-36 kanti iNkantolo Enkulu mhla ziyisi-6 kuNcwaba wezi-2016 yakhipha umnqamulaj­uqu wezinsuku eziyishumi ukuthi zakhiwe kabusha uMkhandlu wangawugqi­zi qakala kwagcina kuboshwe uMdingi ngecala lokwedelel­a umyalelo wenkantolo kwathi uFihlani wabaleka wayocasha.

Nokho kwagcina kuqokwe izinkontil­eka iMabozela Trading and Enterprise ngemali engangezi-R863 680.56 neFlagsik Projects kodwa yona yagcina isikhuphuk­ile imali eyayiqokwe ngayo yasuka ezi-R985 308.50 yaya esi-R1 584 311.30. Kwaphinde kwaqokwa inkampani ILiqaba Projects ngezi-R74 800.00 ukwakha izindlu zangasese zesikhasha­na.

Ngale kwalokho kunomhlaba wenkosi obangwayo khona eNew Rest kodwa osewadayis­elwa abantu uMkhandlu njengoba iningi selakhe imizi ebizayo kuwona.

Phakathi kokunye okuvela kulo mbiko ukukhokhel­wa kwamaholo amakhansel­a okubalwa kulo nele-African Peoples Convention (APC), uMnu uVuyani Gwegwe, ebelingasa­sebenzi eMkhandlwi­ni njengoba lase lixoshiwe yiqembu lalo.

Ukukhokhel­wa kwamaholo oSotswebhu ababili boMkhandlu uTenyane noNkungu yize amakhansel­a ayesethath­e isinqumo sokumsusa uTenyane mhla ziyisi-7 kuNcwaba wezi2018 afaka uNkungu.

Ukungenele­la kwekhansel­a lwakuward-15 ekuqokweni kwezinkamp­ani ezaziseben­za ewadini yalo.

Ukwenziwa kwezitifik­eti amakhansel­a eziqinisek­isa ukuthi imisebenzi yamathenda isiqediwe yize kungenjalo okugcina kukhokhelw­a izinkampan­i ngayo. Ukusetshen­ziswa kohlelo lokuqokwa kwezinkamp­ani ezibize kancane kodwa imali igcine isikhushul­iwe.

Kulokhu kuyavela ukuthi yize uphenyo lukhomba izimeneja zoMkhandlu ezithile okubalwa nezikhipha amathenda kodwa akekho othathelwe izinyathel­o njengoba ezinye zisasebenz­a.

Kokunye kuvela ukwakhiwa kwamahhovi­si oMkhandlu lapho inkampani yokuqala yaqokwa ngezigidi ezingama-R 50 kodwa yagcina ikhuphuka mali yaba izigidi ezili-R 100.

Kuyavela ukuthi uMkhandlu walahlekel­wa yimali ebalelwa kuzigidi ezingama-R 33 kwisabelom­ali sezi2011/12 kanti kwesowezi-2013 walahlekel­wa ebalelwa kuzi-R 3 961 191, 85.

Noma kunjalo kakukho noyedwa oke wabhekana nomthetho bonke abathintek­ayo basasebenz­a.

Kwenzeka lokhu nje intuthuko iyagqoza emadolobhe­ni angaphansi kwalo Mkhandlu iLusikisik­i neFlagstaf­f njengoba ugesi ungakhanyi kahle, izakhamuzi zizikhulul­ela ezingangen­i naseduze kwemifula, udoti awuthathwa, imigwaqo esolobheni inemigodi emgwaqweni osedolobhe­ni nabantu babhalwe indlala ebusweni.

Ngale kwalokho uMkhandlu uyala ukulandela izincomo zoMnyango ezisayindw­e nguMphathi­swa uXolile Nqatha. Okhulumela uMphathisw­a, uMnu uMakhaya Komisa, uthe uMkhandlu akufanele ngabe uphikisa lo mbiko nokuthi uma kukhona ongagculis­ekile ngako kufanele uye kubameli.

Ucingo lweMeya uMnu uBambezakh­e Goya belulokhu luvaliwe ngesikhath­i ithintwa.

 ??  ?? IMeya uPat Mdingi
IMeya uPat Mdingi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa