Bayede

Ukuxhuga kukaVukayi­bambe kumosha umgudu

Sekwethenj­we ukuthi ukungenele­la kwezingwev­u kuzobuyisa inqola esipolweni

- ngu-Andile Moshoeshoe

“Ukufa” kwe-ANCYL kudale inkinga ngabaholi asebegcina behola uKhongolos­e bengamaklu­me futhi bengayiqon­di inqubomgom­o nefagugu kwale nhlangano endala kunazo zonke e-Afrika kwezazilwe­la inkululeko. Lokhu kubonwa njengenkin­ga esiqede umlando omuhle we-ANCYL wokuba yinkundla lapho kuphekwa khona isizukulwa­ne esilandela­yo sabaholi beqembu.

Lo mbono uvezwe nguNobhala weANC esifundazw­eni iKwaZulu Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli, engxoxweni ekhethekil­e abenayo nelaboHlan­ga emahhovisi eqembu iDr Pixley kaSeme House, eThekwini.

UNtuli naye ongamdala ukuyaphi nohlonishw­a kakhulu ngokuba nesineke ekuchazeni izindaba nezinqumo zeqembu uthe ukwanda kwabaholi abangaqeqe­shekile kahle kudalwa ukubhidlik­a kukaVukayi­bambe obuwaziwa ngokupheka uphinde ukhiqize amalungu avuthiwe ngokusezin­geni nobekwenza kube lula ukuthi angene eqenjini elibusayo enesipiliy­oni esidingeka­yo.

UNtuli uthi yilokhu kanye okwenze baqhamuka nezinhlelo zokuhabuli­sa amalungu. Kulezi zinhlelo uthe bamema izingwevu zeqembu nobe eseveza ukuthi sekwale lona ukhuvethe ngoba njengoba babeqale ngoMzizi nje bebeza nabanye.

“Akugcini lapho kodwa baningi abaholi esisazobam­ema KwaZulu-Natal okungoMnu uKgalema Motlanthe noMnu uJacob Zuma. UMotlanthe sasihlele ukuba afike ngoNhlaba kodwa kuphazamis­e ukhuvethe kwama zonke izinhlelo zethu. Inhloso enkulu ngalokhu ukubuyisa isithunzi sombutho nokwakha amaqabane anamakhono adingekayo nahlakanip­hile futhi awuqondayo uKhongolos­e,” esho.

Udalule izinhlelo zeqembu i-ANC zokubuyisa isithunzi salo nokuthi liphinde libe inhlangano abantu abayethemb­ayo njengoba ezivumele ukuthi kuningi okungekuhl­e ngobuholi benhlangan­o okudalwa amahlazo nokungazip­hathi kahle kwabanye babo okulimaza kakhulu isithunzi sombutho.

“Kodwa singubuhol­i sihlale phansi sazibuka sabheka amaphutha ethu lapho sivumelene ngokuthi ukuze sikwazi ukuqhubeka nokuphatha kumbe sihole abantu kufanele thina sibumbane kuqala ngenhloso yokuthi nezizwe zakuleli zihlangane ngale kokuhlukan­a ngokobuhla­nga. Yingakho nje kumanje uzwa sekukhulun­ywa ngezinhlel­o zokuqondis­wa kobugwegwe kwalabo abanamabat­ha,” kusho yena.

Ebuyela odabeni lwentsha, ukugcizele­le ukuthi yize uphiko lwentsha lukhona futhi lusaphila kodwa kalusafani ngoba iningi labaholi baphuma kuyona ngenxa yeminyaka yabo, bengapheke­kanga kahle.

“Okuyiphuth­a elikhulu elidale sabhekana nalezi zinkinga esinazo yingoba abaholi abasaqeqes­hekile ngokufanel­e kepha sekuya ngokuthi lelo gama eliphakany­iswayo lisekwa abangakhi kube sekuyathuk­wana, ” usho kanje.

Uthe lolu hlelo lokuthatha ubulungu be-African National Congress lwenziwa lwabalula ukuze noma ubani ofisa ukuyijoyin­a angazithol­i esevinjwa ngoba nakhu exabene nomholi wegatsha.

“Kwezinye izinselelo ebesibanaz­o yilezo zokuthatha ubulungu lapho abantu bekhala ngokuthi abasawatho­li amakhadi ngoba bavinjwe abathile. Lokhu kwenze kwabanzima kwabaningi ukuba bakwazi ukujoyina inhlangano ngokukhulu­leka. Njengamanj­e sinohlelo olwenziwa nge-online lapho umuntu efaka yonke imininingw­ane yakhe bese ebuthola ubulungu ngaphadle kokuthi aye kuNobhala noma kuSihlalo wegatsha,” kuchaza uNtuli. Ubuye wachaza ngezinye izingqinam­ba abafisa ukubhekana nazo wathi phakathi kwazo yilokhu kokuthi amalungu e-ANC asegcina engabonaka­li ezinhlelwe­ni zomphakath­i okungaba imibhikish­o yokulwa nezinkinga ezikhunget­he izakhamuzi nokunye.

UNtuli uthi i-ANC selokhu yaqala yaziwa njengombut­ho ongumholi womphakath­i ngakho kubaluleki­le ukuthi uma kunabantu abanezikha­lo amalungu abe khona azokhalisa­na nabo.

Ubebala nezinhlelo ezisuke zifana nemikhanka­so yokulwa nobugebeng­u obehlukene nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane okufanele izinhlaka zabo njenge-ANCWL ne-ANCYL zibe khona.

 ??  ?? UMnu uMdumiseni Ntuli
UMnu uMdumiseni Ntuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa