Inhlangano ikhala ngokucindezelwa kwamalungelo
Ngokusho kwenhlangano emele amalungelo abantu iziphathimandla zase-Egypt zigcine abantu abangaphezu kwamakhulu amathathu ejele kusukela ngoMandulo lapho kuphume imibiko yokuthi kuzoba khona imibhikisho yabantu abancane ezindaweni ezahlukene abazobhikishela lowo onguMengameli waleli lizwe uMnu u-Abdel Fattah al-Sisi.
Kodwa sekuthintwa uMnyango Wezangaphakathi akubanga khona ukuphawula.
Lokhu kuboshwa kwabantu kuqhamuka emuva kokuthi kuqiniswe ezomthetho kuleli lizwe ngesikhathi likhumbula noma libungaza imibhikisho eyabakhona ngonyaka odlule edolobheni iCairo kanye namanye eyayiholwa ngowayengusonkontileka ngaphambilini owumlingisi uMnu uMohamed Ali.
U-Ali uthumele amavidiyo lapho egxeka khona iziphathimandla zaleli lizwe lapho ethe ayiqhubeke imibhikisho futhi kule nyanga. Kodwa okuvelayo ngukuthi kwamavidiyo afakwe ezinkundleni zokuxhumana ngoMandulo kuvela imibhikisho eminingi ehlukene yabantu abambalwa kuphela.
Ngokuphawula kweziphathimandla, le mibhikisho ebikhona ibiyenzeka ezindaweni zasemakhaya kanye nangaphandle kwasemadolobheni amakhulu.
IKhomishini Yamalungelo Nenkululeko yakuleli lizwe ithe yona ngqo ibhalise phansi ukuboshwa kwabantu abangama-249 ezinsukwini eziyisishagalolunye ezedlule kwathi ezinye izibalo zabantu abali-133 babhalwa phansi amaqembu alwela amalungelo abantu noma abammeli.
Ihhovisi loMshushisi Womphakathi ngeledlule lithe liyalela ukuthi kukhululwe izingane ezingama-68 ebeziboshelwe izinsolo zokubandakanyeka emibhikishweni yakamuva kodwa leli hhovisi alikhulumanga ngamanye amacala okuboshwa.
Amaphoyisa aleli lizwe abonakele ezindaweni zomphakathi kwaphinda kwandiswa ukuhlolwa kwezokuphepha emiphakathini.
Kunezinsolo zokuthi le mibhikisho zibangwe ukukhungatheka komnotho osukhahlamezeke kakhulu ngenxa yokhuvethe, kwaphinde kwawumkhankaso omkhulu kaHulumeni wokukhokhisa inhlawulo noma kudilizwe izindlu ezingekho emthethweni.
Ebhekise kule mibhikisho uSisi uncome izakhamuzi ngokubekezelela izimo ezinzima zesimo somnotho waleli zwe waphinde wathi bakhona abazama ukusebenzisa izinselelo zezwe ukulidicilela phansi kodwa ngeke baphumelele.
“Bakhetha izimo ezinzima ukuze batshale ingxabano phakathi kwenu zakhamuzi mayelana nalokhu thina esikwenzayo bathi lokhu esikwenzayo akumele nina futhi kwenziwa phezu kwenu,” kusho uMengameli uSisi ekhuluma mhla kuvulwa indawo yemikhiqizo yepetrochemical.
“UHulumenmi kanye nezakhamuzi yinto eyodwa. Akekho umuntu ongena phakathi kwethu futhi akusoze kube khona ongena phakathi kwethu,” kusho uSisi.
Kusukela ekhethwa ngonyaka wezi2014 ubengamele umkhankaso wokulwa nabangavumelani naye kwezepolitiki, okwabonakala ngokwanda kokuboshwa kwezakhamuzi ngoMandulo nyakenye.
USisi uthe uHulumeni ubhekela amalungelo ezakhamuzi ngokusebenzela ukuzihlinzekela ngezidingo eziyisisekelo ezifana nemisebenzi kanye nezindlu.
Ekuvulweni kwale ndawo yepetrochemical kwadlalwa ividiyo eyayikhuluma ngamalungelo abantu eyayithi “ukuphepha nokuzinza” kwe-Egypt kwakungelinye lamalungelo abalulekile kakhulu ezakhamizini zaleli lizwe.