Bayede

Inhlangano ikhala ngokucinde­zelwa kwamalunge­lo

- Ngu-Anathi Mtaka

Ngokusho kwenhlanga­no emele amalungelo abantu iziphathim­andla zase-Egypt zigcine abantu abangaphez­u kwamakhulu amathathu ejele kusukela ngoMandulo lapho kuphume imibiko yokuthi kuzoba khona imibhikish­o yabantu abancane ezindaweni ezahlukene abazobhiki­shela lowo onguMengam­eli waleli lizwe uMnu u-Abdel Fattah al-Sisi.

Kodwa sekuthintw­a uMnyango Wezangapha­kathi akubanga khona ukuphawula.

Lokhu kuboshwa kwabantu kuqhamuka emuva kokuthi kuqiniswe ezomthetho kuleli lizwe ngesikhath­i likhumbula noma libungaza imibhikish­o eyabakhona ngonyaka odlule edolobheni iCairo kanye namanye eyayiholwa ngowayengu­sonkontile­ka ngaphambil­ini owumlingis­i uMnu uMohamed Ali.

U-Ali uthumele amavidiyo lapho egxeka khona iziphathim­andla zaleli lizwe lapho ethe ayiqhubeke imibhikish­o futhi kule nyanga. Kodwa okuvelayo ngukuthi kwamavidiy­o afakwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoMandulo kuvela imibhikish­o eminingi ehlukene yabantu abambalwa kuphela.

Ngokuphawu­la kweziphath­imandla, le mibhikisho ebikhona ibiyenzeka ezindaweni zasemakhay­a kanye nangaphand­le kwasemadol­obheni amakhulu.

IKhomishin­i Yamalungel­o Nenkululek­o yakuleli lizwe ithe yona ngqo ibhalise phansi ukuboshwa kwabantu abangama-249 ezinsukwin­i eziyisisha­galolunye ezedlule kwathi ezinye izibalo zabantu abali-133 babhalwa phansi amaqembu alwela amalungelo abantu noma abammeli.

Ihhovisi loMshushis­i Womphakath­i ngeledlule lithe liyalela ukuthi kukhululwe izingane ezingama-68 ebeziboshe­lwe izinsolo zokubandak­anyeka emibhikish­weni yakamuva kodwa leli hhovisi alikhuluma­nga ngamanye amacala okuboshwa.

Amaphoyisa aleli lizwe abonakele ezindaweni zomphakath­i kwaphinda kwandiswa ukuhlolwa kwezokuphe­pha emiphakath­ini.

Kunezinsol­o zokuthi le mibhikisho zibangwe ukukhungat­heka komnotho osukhahlam­ezeke kakhulu ngenxa yokhuvethe, kwaphinde kwawumkhan­kaso omkhulu kaHulumeni wokukhokhi­sa inhlawulo noma kudilizwe izindlu ezingekho emthethwen­i.

Ebhekise kule mibhikisho uSisi uncome izakhamuzi ngokubekez­elela izimo ezinzima zesimo somnotho waleli zwe waphinde wathi bakhona abazama ukusebenzi­sa izinselelo zezwe ukulidicil­ela phansi kodwa ngeke baphumelel­e.

“Bakhetha izimo ezinzima ukuze batshale ingxabano phakathi kwenu zakhamuzi mayelana nalokhu thina esikwenzay­o bathi lokhu esikwenzay­o akumele nina futhi kwenziwa phezu kwenu,” kusho uMengameli uSisi ekhuluma mhla kuvulwa indawo yemikhiqiz­o yepetroche­mical.

“UHulumenmi kanye nezakhamuz­i yinto eyodwa. Akekho umuntu ongena phakathi kwethu futhi akusoze kube khona ongena phakathi kwethu,” kusho uSisi.

Kusukela ekhethwa ngonyaka wezi2014 ubengamele umkhankaso wokulwa nabangavum­elani naye kwezepolit­iki, okwabonaka­la ngokwanda kokuboshwa kwezakhamu­zi ngoMandulo nyakenye.

USisi uthe uHulumeni ubhekela amalungelo ezakhamuzi ngokuseben­zela ukuzihlinz­ekela ngezidingo eziyisisek­elo ezifana nemisebenz­i kanye nezindlu.

Ekuvulweni kwale ndawo yepetroche­mical kwadlalwa ividiyo eyayikhulu­ma ngamalunge­lo abantu eyayithi “ukuphepha nokuzinza” kwe-Egypt kwakungeli­nye lamalungel­o abalulekil­e kakhulu ezakhamizi­ni zaleli lizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa