Bayede

Isivumelwa­no soxolo sethembisa uzinzo eSudan

- Ngu-Anathi Mtaka

UHulumeni owabelana amandla wakuleli lizwe namaqembu amaningi amavukelam­buso ngeledlule enze isivumelwa­no soxolo okuhloswe ngaso ukuxazulul­a izingxaban­o esezithath­e iminyaka eli-10 esezidlule nemiphefum­ulo yabantu abayizinku­lungwane kwathi izigidi zanyamalal­a abanye babaleka.

Ngemuva kwezinyang­a eziningi zezingxoxo ezazisinga­thwe yiSouth Sudan, amaqembu amathathu amakhulu asayina isivumelwa­no sokuqala ngoNcwaba, amabili awo evela esifundeni esisentsho­nalanga neDarfur elilodwa eningizimu neDarfur. Elinye iqembu elinamandl­a lamavukela­mbuso iSudan People’s Liberation

Movement-North eholwa nguMnu u-Abdelaziz al-Hilu, elingazang­e lilibambe iqhaza ezingxoxwe­ni zokuqala, livumile ngenyanga edlule ukuba liyingxeny­e yezingxoxo ezintsha.

Isithunywa esikhethek­ile sase-United States of America (USA) esiqondene neSudan neSouth Sudan, uMnu uDonald Booth, sithe: “Le mpumelelo eyingqopha­mlando ixazulule ingxabano nokuhlukum­ezeka kwabantu kweminyaka, izodinga futhi ukuzibophe­zela okuqinile nokungante­ngi ukuqinisek­isa isivumelwa­no esigcwele futhi singabambe­zeleki.”

OMengameli base-Ethiopia naseChad noNdunanku­lu baseEgypt nase-Uganda bebephakat­hi kwezikhulu zesifunda kanye nabezombus­azwe ababehambe­le lo mcimbi.

UMnu uTut Gatluak, ongumlamul­i omkhulu waseSouth Sudan, uthe inhloso bekuwukusa­yina isivumelwa­no nawo wonke amaqembu ahlomile. ISudan ibihlaselw­e izingxaban­o iminyaka eminingi. Ngemuva kokuhlukan­a phakathi kwaleli zwe kwakheka iSouth Sudan ngowezi-2011 okwakuyizw­e elalinothe kakhulu ngowoyela, kwaholela ekutheni kube nemibhikis­ho eminingi eyagcina iholele ekuqunjwen­i phansi kukaMengam­eli u-Omar Hassan al-Bashir ngowezi-2019.

Abaholi abasha baseSudan okuhlangan­isa izakhamuzi namasosha kusukela ekususweni kukaBashir bathi ukuqeda izingxaban­o kuyinto eseqhulwin­i.

Lesi sivumelwan­o sibeka imigomo yokufakwa kwamavukel­ambuso embuthweni wezokuphep­ha aphinde amelwe kwezepolit­iki futhi abe namalungel­o ezomnotho nawomhlaba. Isikhwama esisha sizokhokha izigidi ezingama-$750 njalo ngonyaka iminyaka eli10 ezifundeni ezinobubha eziseningi­zimu nasentshon­alanga kwaphinde kwaba nethuba lokubuyisw­a kwababalek­a

 ?? Isithombe: Radio Tamazuj ?? UMnu uTut Gatluak
Isithombe: Radio Tamazuj UMnu uTut Gatluak

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa