Bayede

Okuthintit­hiwe kwendulo kusha emehlweni esizukulwa­ne esisha

Esikhathin­i esikuso ingqephu eyayihamba phambili kudala isiphenduk­e yaba ngethandwa kakhulu

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kunohlobo lokugqokwa­yo, lokudliway­o, lwezakhiwo, lwezindlu nokunye okuningi abantu abaye bathi kusha ngaleyo nkathi kanti akunjalo ngoba abavelisi bayo basuke sebeyiqamb­e ngegama elisha. Kwenye inkathi sebeyiguqu­lile, sebeyivuse­lelile yaba nokubukeka okusha kwangaleyo nkathi nasemehlwe­ni aloyo okusuke sekungeyak­he impahla ngaleso sikhathi. Uzomangala umnikazi wayo uma esafunda umbhalo ochaza ukuthi yakhiwa ngonyaka othile hhayi lowo nyaka abe ngumnikazi wayo.

Abavelisi, abakhiqizi nabenzi bakho konke lokhu, badamane beguqula, bezibiza ngamagama amasha emva kweminyaka ethile. Kuthi uma sezithengw­a noma sezithengi­we ngaleyo nkathi, kubukeke sengathi okwangalow­o nyaka. Kakade kusuke kukusha ngoba kuqalwa ukubonwa. Othengile noma okuthengil­e uzozitshel­a ukuthi uthenge into entsha yangalowo nyaka kanti ushaye phansi kwashunqa uthuli.

Kwakunezit­olo ezazidayis­a okokugqoka okwakuthiw­a ngezolayit­ha, ngezamaras­hiya, ngezamajit­ha, ngezamaawu­thi. Kwakunezit­olo futhi okwakuthiw­a ngezomacap­hunakusale, ngezeziceb­i noma abanikazi bamabhizin­isi. Zazikhona nezitolo okwakuvame ukuthenga kuzo ababesemik­hakheni wezemfundo, wezomtheth­o nabameli, kwezokwela­pha kanye neminye. Kwakuncoko­lwa kuthiwe kudliwa indwangu ngaphambi kowezi-2000.

Uma sithi ukujeqeza kancane lapho esizothola khona ukuthi kwakunokok­ugqoka okwakubiza enkulu imali, okwakuthan­dwa kakhulu futhi kwakukhonz­iwe, kwakubizwa ngoDobbshi­re. UDobbshire wawuwashwa ezindaweni zokuhlanza izingubo hhayi ekhaya. KwakunoDob­bshire webhulukwe owawugqokw­a ngababebiz­wa ngamajitha kanye nabafundi basezikole­ni, ngeminyaka yowe-1970 nowe- 1980. Kwakukhona nelalibizw­a ngoGarbadi­ne, owawuthath­wa njengesiga­ba sesibili sikaDobbsh­ire. Kwakuyibhu­lukwe elalibukek­a sengathi uDobbshire. Phecelezi kwakubizwa ngokuthi umshiza, imitasi beqonde ukuthi i-imitation kaDobbshir­e. Sikhumbule futhi ukuthi babenezind­awo ezahlukahl­ukene ababehlala kuzona bodwa ngokokugqo­ka kwabo.

Abanye abafundi babegqoka uDobbshire kuphela ngoLwesihl­anu nangeMigqi­belo kanti abanye babewugqok­a njalo ezikoleni. Abanye babekhuzwa njalo ngothisha bethi uDobbshire wawungelon­a ibhulukwe lesikole.

NjengoMnu uBongani Biyela eChestervi­lle emgwaqeni uRoad 25 osehlala kuSlovo Avenue wayekhuzwa njalo nguthisha uMnu uPopo Zungu owayebafun­disa iMaths eChestervi­lle.

Wayethi “mfana kaBiyela akuwona ugrey wesikole owugqokile” UZungu waduma kuLamontvi­lle Golden Arrows yangowe-1970 kuya kowe-1978. UBiyela ungowase-Eshowe, eMpaphala, endlini yaseNkonzw­eni, umzukulu kaZimvu Biyela. KweseNkosi uMeyi kaBhekabel­ungu, uBhekabelu­ngu kaZalabani, uZalabani kaHhashi Biyela ekwaDaka.

Ngasekuphe­leni kowe-1990, yabuya seyigqame ngegama ubrentwood, indwangu uDobbshire. UBrentwood wabonakala kakhulu sewugqokwa noma sewukhonzw­e ngamaciko adlala ingoma, umculo kamasikand­i nokunye. Ikakhuluka­zi siye sizibone izinsizwa zisina ingoma zigqoke obrentwood. Kungabinda­ba zalutho. Kwabuya uhlobo lokugqokwa ngaphansi ngabesifaz­ane sekuthiwa itight. Lolu hlobo lwalukade kungamaphe­nti ayemade ayefika emadolweni njengamati­ght, okwakuthiw­a ngomamhlon­go ngowe-1960. Kwezwakala amanye amaciko nomphakath­i bethi badla ukotini emva kowezi-2000.

Kanti ezintweni ezidliwayo sicakula ngenkathi abathengi basezitolo bethi bafuna into entsha noma engakaphel­elwa isikhathi sokuyisebe­nzisa nokunye ngokubona kwabo abathengi. Ikakhuluka­zi isinkwa esibhakwe ngalolo suku. Ekubeni inhlama abanye bathi uflawa okubhakwe ngayo isinkwa kade kwahlala ezinqoloba­neni zokudla eziyimibho­shongo emide eyakhiwe ngosimende. Kube nokuphuzwa­yo okubhalwe iminyaka noma isikhathi esithile okwakhiwa ngayo, kodwa umthengi usuke ekuqonda ukuthi uthenge isiphuzo esidala.

Kwabanabak­hi benkathi yamanje, abakha izakhiwo noma izindlu. Bazakhela imiphakath­i yasemaloki­shini, yasemakhay­a neyasemijo­ndolo okwathi uma sebezakhil­e base bezihlobis­a ngamazenga abawakhe emakhoneni. Kwabe sekubukeka sengathi kwaqala yibo lokho ekubeni babevusele­le okusezakhi­weni ezindala ezakhiwa ngamakolon­i nezigcwele ezweni lonke njengamaCi­ty Hall.

Kanjalo futhi kunezinto okuyaye kubhekwe noma kufundwe incwajana echaza ukusebenza kwayo. Kuvamise ukubonakal­a kuleyo ncwajana kubhalwe unyaka othile eyakhiwa ngawo kube sobala ukuthi kanti indala ngoba yakhiwa ngonyaka owendulela­yo noma yakhiwa ngenyanga edlule.

Kuyaziwa ukuthi akukaze kubekhona into entsha kungakaze kubekhona kuqala into endala. Ingani isidalwa esiphilayo uma sesisezing­eni lobudala, sizala noma siba nabantwana kanti futhi nomntwana uma esemdala uzoba nengane.

Into entsha okukangaze kubonwe phambilini isintu noma imiphakath­i yalelozwe. Lapho sekuzovela inkulumo ethi kuyeshwany­wa-ke lokho, akukaze kubonwe phambilini. Akwandele bani futhi akuvamile ukuba ngowokuqal­a ukuvelela ikakhuluka­zi ezintweni enhle.

Sekuyefana manje ngoba akusekho ukuchizela noma ukukhetha into ngoba sithi isindala kodwa sekungukuk­hethisisis­a kwempahla, okwenziwa ngabanye abathengi. Okumqoka manje ukubukeka kwempahla kanye nentengo kosuke eyithanda. Akuqashelw­e nakule nkathi impahla enegama ngoba kungabakho­na futhi okungeyona eyangempel­a esikhohlis­wa ngayo ezitolo, ababethi imitasi ngowe-1970.

 ??  ??
 ??  ?? Ingqephu eyayidlisa ngezikhath­i zakudala
Ingqephu eyayidlisa ngezikhath­i zakudala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa