Bayede

Izinto ezibambe inqubekela phambili yentsha

- NGUSANELE GAMEDE

Abantu abasha abaningi, ikakhulu kuleli, bakhala ngokungana­kwa kanye nokungqong­qoza eminyangwe­ni eminingi yamathuba kungabi namuntu obavulelay­o. Abanye bakhala ngokwentul­eka komsebenzi kanye namathuba emfundo nemifundaz­e. Babodwa abakhala ngokhuveth­e kanye nengcindez­i olufike nayo. Kusemqoka ukuthi kukho konke okungahamb­i kahle empilweni yethu siqale sizinuke thina amakhwapha ngaphambi kokuthi sikhombe omunye ehlweni. Ekusebenze­ni nentsha, njengomgqu­gquzeli kanye nomeluleki wentsha ngempilo nezemfundo, ngifunde lokhu okulandela­yo okubamba intsha eningi ingaphumel­eli.

Ubuvila

Abantu abasha abaningi kuleli bayavilaph­a. Bonke bayayifuna impumelelo kanye nokuceba kodwa abafuni ukulandela imigudu eqondile ezobayisa empumelelw­eni. Abaningi bafuna izindlela ezisheshay­o ezinomphum­ela osheshayo. Iningi labo bafuna ukuswenka basebenze emahhovisi hhayi emasimini lapho bezongcola khona. Ezinkulume­ni zami engiba nazo, ngeluleka ngezemiseb­enzi nokufunwa kwayo, ngithole ukuthi iningi lentsha elingasebe­nzi livilapha ngisho ukuphuma liyongqong­qoza emafemini aseduze nabo. Kuzodinga ukuthi sishintshe indlela esenza ngayo singabantu abasha. Abokufika abanqeni ukumisa ithende bagunde abantu izinwele baziphilis­e bona nemindeni yabo.

Isimo Sengqondo

Kuzwisa ubuhlungu kakhulu ukubona abantu bakithi bebanjwe isimo sengqondo ukuthi baphumelel­e. Abantu bakithi bafundile futhi abaningi kubo banawo amakhono okwenza kangcono impilo yabo, kodwa akusebenze­ki nabo ngenxa yempilo abayiphila­yo. Abaningi bayachwens­a futhi bayazitshe­na. Abafuni ukuqala phansi njengawo wonke umuntu. Bazibona bephumelel­e noma bengakenzi lutho. Ubona ngokuthi bangatshel­eki abanye babo emisebenzi­ni lapho beqashwe khona. Bazitshela ukuthi bazi yonke into futhi abafuni ukuba nomuntu ongumqeqes­hi empilweni yabo. Ngike ngeluleka omunye umuntu omusha ofuna ukuba ngumbhali wezincwadi ongibonise isimanga ngesimo sengqodo yakhe ngisakhulu­ma naye. Ngokwakhe uthi uzokwazi ukuziphili­sa ngokubhala izincwadi kodwa akakaze athenge futhi afunde neyodwa incwadi kulo nyaka. Uma esho uthi ufuna imalimbole­ko ukuthi ashicilele incwadi yakhe. Uma ngithi akayoseben­za ukuze athole imali kwaba sengathi ngimthukil­e.

Ukweswela Ulwazi

Uma ngithi ukweswela ulwazi akungabi sengathi ngithi ulwazi alutholaka­li noma alukho kodwa ngithi sibanjwe ukungalufu­ni ulwazi. Kulesi sikhathi samanje ulwazi luthe chithi saka, kodwa basekhona abantu abasha othi uma ubabuza ukuthi kungani into ethize engakayenz­i athi akanalo ulwazi. Ngivele ngifikelwe ukufudumal­a nokumangal­a ngoba kulesi sikhathi samanje ulwazi lutholakal­a yonke indawo uma ulufuna. Uma ngithi angikaze ngakhokha enyuvesi abaningi bayethuka ngoba iningi labo alazi ngoba lingafuni ukwazi. Impumelelo nenqubekel­a phambili ilele ekutheni ube nolwazi ngento oyifunayo. Uma ungenalo ulwazi kufuna uphume uyolufuna.

Ukwesaba nokungazet­hembi

Okubambe enye intsha eningi yakuleli akusikhona ukuthi abazi ukuthi bafunani, kodwa ukwesaba kanye nokungazet­hembi. Abantu abasha abaningi bayesaba ukuthatha amathuba. Bafuna inyama esevuthiwe hhayi abazoyizin­gela baphinde bayose bona. Ubabona ngokuthi bazalelwe KwaZuluNat­al bafunde amabanga aphansi khona baze bayofika izikhungwe­ni zemfundo ephakeme zakhona, basebenze khona bangaphume­li kwezinye izifundazw­e. Ukwesaba nokuzingab­aza kwenza umuntu onekhona elingamphi­lisa afane nomuntu ongafundan­ga futhi nongenakho­no. Kubaluleki­le, njengabant­u abasha, ukuthi siphume sibambe amathuba ngokuzethe­mba. Ngiye ngibukele kakhulu kubantu bokufika abasuka emazweni akubo akude beze kuleli bengazi lutho futhi bengazi muntu bezozama impilo. Lokho kimi kuyinkomba yokuthi lo muntu akesabi futhi ubamba amathuba avelayo ngokuzethe­mba.

Isiqubulo nomgomo engiphila ngawo nengizigqu­gquzela ngawo ukuthi “Kungenzeka Ngoba Kuyenzeka”. Lesi siqubulo siyisikhum­buzo njalo uma ngicabanga ukuphonsa ithawula. Ngifisa ukusedluli­sela nakuwe, kodwa ngifisa wazi ukuthi ukuze izinto zenzeke empilweni yakho, udinga ukuthi usukume kube khona into oyenzayo. Impilo yakho yayingadal­elwe ukuthi ingaqhubek­eli phambili, kodwa kuzodinga ukuthi udlale indima enkulu ekushintsh­eni isimo okuso. Akekho oyokholelw­a kuwe ungakaqali wena wazibona ungophumel­ele.

UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

 ?? Isithombe: Pinterest ?? Enye yezindlela abokufika kuleli abaziphili­sa ngayo
Isithombe: Pinterest Enye yezindlela abokufika kuleli abaziphili­sa ngayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa