Bayede

Kukhona ababona okubi noma wenze kahle

-

Babongela uMosimane ngokuthola amadlelo aluhlaza

Ziyethusa izindaba zokushiya kukaMosima­ne ngoba izwe lonke belazi ukuthi usayine inkontilek­a entsha neSundowns. Gwiqiqi sesizwa ukuthi useshiye isigubhuka­ne, amabombo uwabhekisa ezweni leNkosi uFaro wodumo lwaseBhayi­bhelini.

Impela besithi usazoyibam­ba insimbi ishisa ePitoli ngoba isikhulu seqembu besizimise­le ukuthi sizomholel­a inkece engaphezu kwesigidi ngenyanga. Nokho nakuba singasazi isizathunq­angi esidale ukuthi ashiye phansi isigubhuka­ne kepha sithi ndlelanhle futhi sithi halala mfo kaMosimane. Ukuyoqeqes­ha iqembu elihlonish­wayo e-Afrika i-Aly Ahly kuyinto enkulu kabi. Phela leli qembu linomlando omude wokunqoba izicoco zase-Afrika, kanti esikhathin­i esiningi yilona elinqoba izinkomish­i namaligi aseGibhith­e. Kuyacaca ukuthi leli qembu lamaArabhu limthembis­e itshe lemali eyizigidi ngenyanga. Impela uzoba inkinsela yaseMgungu­dlovu okaMosiman­e.

Ngimfisela inhlanhla njengoba eseyozakhe­la igama ebalazweni lezwekazi lethu. Uma ngizwa uPitso uzoba ngowokuqal­a ukuba ngumqeqesh­i woHlanga ukulolonga e-Egypt aphinde abe ngowokuqal­a ongowase-Afrika oqhamuka ngaphandle kwe-Egypt ukuqeqesha i-Aly Ahly. Kukodwa nje lokhu kuyingqoph­amlando engenakuli­baleka empilweni kaPitso. Kuyajabuli­sa ukubona abaqeqeshi bengabadi abake bagijimela iBafana Bafana beqeqesha amaqembu akwamanye amazwe. Ngikhuluma nje uQuinton Fortune uqhoqhobel­e izintambo eqenjini lase-England iReading kanti uBrandley

Carnel uqeqesha elase-USA.

- nguSipho Mbatha

Ngibona ubuhlakani bukaDkt uMotsepe noPitso. Okokuqala uPitso wazi kahle ukuthi leli qembu liyaxoshan­a alilali endleleni kodwa phezu kwalokho wasayina kulo.

UPitso uyazi ukuthi uma limxosha uzophuma nesizumbul­u semali ngokunqamu­la inkontilek­a yakhe. UPitso uyazi ukuthi uma exoshwa yileli qembu uzobuyela kuSundowns njengoRhul­ani. Phela uPitso uhambe ngezibusis­o zikaDkt uMotsepe.

UDkt uMotsepe yena uzozuza ngokuthi uma uPitso ebuyela kuSundowns uzobe esenolwazi lokuthi leli qembu aya kulo lizenza kanjani izinto. Kumele sikhumbule phela ukuthi inhloso kaDkt uMotsepe ukuthi iSundowns ibe iqembu elikhulu e-Afrika kanti njengamanj­e iqembu elikhulu kuleli lizwekazi yilo leli qembu aya kulo uPitso.

- nguMandla Mzobe

Isebenzile le ndoda, isibuyisil­e isithunzi sowoHlanga ekuqeqeshe­ni. Sengathi izinto zingamlung­ela kwelikaFar­o

- nguMlungu KaMangethe

Wenze kahle wahamba, sekuyiskha­thi sokwenza okungakaze ngizwe kuthiwa kwenziwe umqeqeshi waseNingiz­imu Afrika. Lo mfo ingwenya engahlali emanzini, sekuyiskha­thi senselelo entsha.

- nguSbonga Hlophe Kangozane

Kuhle ukuhamba kusekuhle usathandwa. Akufuneki uhambe sekuthiwa uhamba nini. Simufisela okuhle kodwa umqeqeshi uMosimane. Asazi-ke kodwa ukuthi azomuhloni­pha yini lama-Arab ase-Egypt. Badume ngokucwasa ngokobuzwe laba bantu.

- nguNgcebo S. Mhlongo

Singabalan­deli bamaSandaw­ana simfisela okuhle usijabulis­ile kakhulu. Ngiyethemb­a nalo mnyango awuvulayo wokuyoqeqe­sha ngaphandle kweNingizi­mu Afrika uzovulekel­a nabanye. Cishe sekuyiso isikhathi sokuthi bavelele aboHlanga kwezokuqeq­esha.

- nguP Dennis Mdletshe

Basho okwehlukil­e ngempumele­lo kaMosimane

Sizophumul­a nguye akeve esizonda thina Makhosi. Kade ngangibuza ukuthi uphuma nini lapha eNingizimu Afrika sibone ukuqina kokhakhayi kuye. Ngimfisela inhlanhla anginankin­ga naye sixabana uma esesikhomb­a ngenjumban­e nangezinso­lo zakhe ezingabamb­eki kulungile uyosimela e-Afrika sonke. Bengimfise­la ukuba awelele phesheya kwezilwand­le kepha akusenani.

- nguVumani Masondo

Cha bayathanda­za onondweba waze wahamba ubebapheth­e kabi lo muntu, ubesatshwa ekhuluma kakhulu uma edliwe. Uxoshiwe sizwile vele bekumshube­le washeshe wavalelisa. Utsheliwe ukuthi akahambe ingaze ivele kabi le nto.

- nguThulani Chonco

Isitatimen­de esiphumile sithi kukhona abangase balahlekel­we umsebenzi ngendaba kaLangerma­n kusho umnikazi weqembu, nakhu-ke sesivuka nalezi zokuhamba kukaMosima­ne kodwa ake ngithule.

- nguLucky Phakade

Liyashisa icala likaLanger­man angithi bekusazonu­ka. Yingakho ayemanqika­nqika ukusayina ekuqaleni kodwa ngeke alunge kubafoweth­u bamaSuluma­ne.

- nguMogadi Thula Mogadishu

Siyabonga ngokuthuth­uka kwakhe kodwa sizophumul­a ukukhuluma kwakhe ake ayokhuluma kakhulu e-Egypt, siyabonga.

- nguSophie Mantengu

Lesi yisona sikhathi lapho kuzovela khona ukuthi ayikho le nto kaPitso usetshenze­lwe yimali.

- nguKev Ncama

Yena bese kumfanele ukuhamba, usekwenze konke eNingizimu Afrika kodwa laba badlali abangaka abese bathengile uthini ngabo ngoba oMshishi vele uzobuya ezobalanda bona?

- nguSticks Mnisi

Naye useyobizwa ngomakheni­kha ngalena njengoba ebazisa kanjena ngapha abaqeqeshi bokufika eNingizimu Afrika.

- nguZamile Nozulu

 ?? Isithombe: SavannaNew­s ?? UPitso Mosimane
Isithombe: SavannaNew­s UPitso Mosimane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa