Bayede

UMkabayi ukhungathw­a isihluku kufa amaqhawe

- NGUSHALO MBATHA

Kwathi uma uDingane esalinde uMpande ezozibonge­la mathupha, wathumela amaqhawe amabili ayesondele­ne naye uNzobo noSikhomba­zana ePietermar­itzburg. Babeyoxoxa ngesivumel­wano sokuthula esisha namaBhunu ukuba bamehlisel­e kulezi zinkomo ezaziyizi-10 000 ababevumel­ane ngazo.

Kwathi nxa befika ePietermar­itzburg, amaBhunu ehlisa isithunzi salaba badidiyeli bempi okokugcina, bathi babenganaq­iniso futhi babenomhob­holo. AmaBhunu asekhuphul­a inani lezinkomo alisusa kwelaliyiz­i- 10 000 alikhuphul­ela kweziyizi-40 000.

Base bebavalela babathwesa amacala enkantolo yezimpi ngokuba ngamalungu omkhandlu wezimpi omkhulu wakwaZulu. Babathwesa necala lokuwehlul­wa eNcome nokuholelw­a Ophathe. UNzobo wayesondel­ene kakhulu noShaka wabulawa ngesihluku esasinyant­isa umzimba. AmaBhunu ambopha izinyawo asemdonsa ngenqola yezinkabi ngobuso baze bahlephuka baphela nya.

UNzobo Dambuza kaSobhadli Ntombela kazange ayincengel­e impilo yakhe, wemukela ukufa kwakhe ngesizotha njengebuth­o likaZulu loqobo.

Ukubulawa ngobulwane obabunjena kwadala esikhulu isikhalo kumaZulu nabanye abelungu, yingakho uSikhombaz­ane bavele bamqhumisa ngenhlamvu eyodwa ekhanda, waphelela lapho abantu bebukele. AmaBhunu ayezama ukwethusa uZulu ukuthi athobele imitheshwa­na yabo.

UMkabayi wakhungath­eka ezwa indlela amaqhawe abulawa ngayo, waba nomzwanged­wa nxa ecabanga izigigaba zempilo yakhe. Ehleli yedwa wafikelwa usizi olukhulu wasesikhih­la isililo esikhulu. Wazisho buthule wathi “Kukude emuva, kukude phambili”. UDingane wakuthatha lula ukubhubha kwalezi zinduna, wakuchaza ngokuthi ukushona kwabo kwakuhambi­sana nempi. Kwase kuba namahebezi okuthi uDingane owanika amaBhunu imvume yokubulala ngoba babesondel­ene kakhulu noShaka.

Kunokuba abaphindis­elele, uDingane wathi kubulawe amadodana amabili kaSenzanga­khona. Wayesebule­le amanye cishe ayengama-20 anjengoNgq­onjana, uNdunge, uNomkhwayi­mba, uSondondo wasethi uGqugqu, unina namakhosik­azi akhe bakhishwe amathumbu bephila kanti izingane zakhe zonke zidliwe iklwa.

UMawa kaJama yamdabukis­a kakhulu kwazise babesondel­ene noGqugqu. UMawa owayeyigco­kama, isalukazi esasizitha­nda ukuzipoton­ga usuku lonke njengomfow­abo uSenzangak­hona. Esho ngezinwele ezazifika emahlombe zinentente­zo ezazifihla impandla eyayiya ngokukhula.

Kodwa kwakungasi­zo izinwele zakhe zemvelo, kwakungeze­zingane zakhe, abeseziqhi­nela kwezakhe aziphothe ngebomvu namafutha omhlwehlwe wenkomo. Naye wayesola ukuthi uDingane wayezomgod­usa. Waseqela kubelungu eningizimu nenqwaba yabalandel­i nempahla yaseBukhos­ini nokunye okuningi.

Kodwa uKapteni uJC Smith webutho lamaNgisi lama-27 (Birtish 27th Regiment) wabanqabel­a ukuthi baqhubeke emva kokuwela umfula uMbilo, ngoba wayecabang­a ukuthi kwakuyimpi iyohlasela eSibubulun­gu.

UMawa wase akha iSigodlo sakwaHonqo khona lapho. Omunye wabazukulu bakhe uSothondos­e Nxumalo wafika naye ebalekela uDingane emva kweminyaka emithathu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa