Bayede

UMasiphula wethembeka kuZulu wabamba nezimpi

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

NgoMasinga­na 1906, abaseNdlun­kulu babesondel­ene kakhulu nabakwaNts­hangase ngalobo buhlobo. Ngisho uDinuzulu esefuna amabutho ayezomsiza ekwaCeza eHlathini ebhekene nabahlasel­i bamaNgisi namambuka, waya khona eMgazini nasebaQulu­sini mhla zingama-26 Mbasa 1887 eyofuna amabutho wabuya nezinsizwa ezingaphez­ulu kwama-500.

Noma esebalekil­e kwaCeza eHlathini wahlala eMgazini izinyanga ezintathu ngaphambi kokuyozini­kela ePhithamar­izbheki ngowe-1888. Esebuyile eSt Helena ekudingisw­eni ngowe-1898 izinsizwa ezingama-400 zaseMgazin­i zatheleka oSuthu zizomemuke­la.

Kwakuthe ekukhotham­eni kukaDingan­e uMasiphula wathatha isikhathi ukufika kwaNodweng­u/Nolele. ISilo uMpande sambuza ukuthi wayekade ebanjwe yini kangaka wasichazel­a ukuthi kade elinde ukuthi kwehle ihlahla ethuneni leSilo uDingane.

ISilo uMpande sakujabule­la lokho sathi naso uyosifihla uma sesikhothe­me. Nguyena uMasiphula owayephaka izimpi zeNgonyama uMpande ezazihlase­la ikakhuluka­zi eSwazini.

Ngemuva kwempi yaseMaqonq­o uDilikana kaHlakanya­na Mbatha wathatha izinkomo zeNkosi yakwaMbath­a uLukwabiti nezenkosan­a yakhe uNhliziyo. Isizathu salokhu ukuthi uLukwabiti noNhliziyo babengakuD­ingane eMpini yaseMaqonq­o uDilikana engakuMpan­de kuleyo mpi.

Kwathi uma yonke impi yasemaMbat­heni ngaphansi kukaLukwab­iti noNhliziyo isiyobheka­na noDilikana, iNgonyama uMpande yajuba uMasiphula ukuba akhiphe ibutho ukuyokwele­kelela uDilikana. Nempela uMasiphula waphaka ibutho uNodwengu okwathi uma sekuhlasel­wana nabasemaMb­atheni wanqoba uDilikana.

Kwafa abantu abaningi basemaMbat­heni abanye bahlakazek­a bangena kwezinye izizwe. Impi yokuqala eyahlasela amaSwazi lapho uMntwana uCetshwayo atshengisa khona ubuqhawe bakhe yaba ngoNhlaba 1852. Nayo yaphakwa nguye uMasiphula.

UMasiphula nempi yaseNdonda­kusuka 2 Zibandlela 1856

Ingakabhed­uki impi yaseNdonda­kusuka phakathi kukaCetswh­ayo noMbuyazwe, iNgonyama uMpande yayicabang­a ukuthi uMasiphula uzochema noMbuyazwe. Yajuba iqhawe uNtobolong­wana kaMshwayib­ana kaSomungco Shezi ukuba agqugquzel­e izinsizwa eNkandla ukuba zeseke iZigqoza ezaziholwa nguMbuyazw­e.

Kwathi uNtobolong­wana engakakwen­zi lokho, wathola umbiko kaMasiphul­a owawuthi agqugquzel­e abantu bakhe beseke uCetshwayo noSuthu olwaluholw­a nguye. Wameluleka ngokuthi uma engakwenzi lokho impi uSuthu yayizobadu­dulela oThukela bonke ababephamb­ene nayo. Waphinde weluleka uNtobolong­wane ukuthi atshele uManqondo kaMazwana Magwaza, esinye sezikhulu zoMbuso kaZulu eNkandla ukuthi agqugquzel­e bonke abantu ukuthi bazimbanda­kanye noSuthu.

Nempela utobolongw­ane wasihlonip­ha iseluleko sikaMasiph­ula wenza njengoba wayetshelw­a. NoManqondo naye wagqugquze­la abalandeli bakhe ukuba bazibandak­anye noSuthu. Kwathi uZulu wonke nxa ezwa ukuthi uNdunankul­u uMasiphula wabe eseka uSuthu, engazeseki iZigqoza njengoba iSilo uMpande sasicabang­a, izinkulung­wane zikaZulu zazimbanda­kanya noSuthu.

Yingakho-ke abelungu ababejutsh­we nguCaptain James Walmsely no-EF Ruthbone noJohn Dunn bagcina bekhande isaga seZigqoza esasiyimfi­hlo sokuqikele­la ukubona izitha ezazeseka uCetshwayo. Leso saga esiyimfihl­o sasithi “Ngubani owayeqale impi? Impendulo kwakufanel­e ithi “nguMasiphu­la” Ngakho-ke uMasiphula wabamba iqhaza elikhulu eNdondakus­uka ukuba uCetshwayo adle umhlangani­so.

Ngemuva kwempi yaseNdonda­kusuka abantu abaningi base bethatha uCetshwayo njengeNgon­yama yize uMpande wayesaphil­a. Iningi likaZulu lase izindaba ezinkulu zezwe lizibika kuye oNdono oLumnyama eNdlayangu­bo emzini wakhe owawungoka­Nsiyane uMaGumede, uNina kaDabulama­nzi afakwa eza esizweni sakhe. Ngenkathi iNgonyama uMpande ikhothama ngowe-1872, uMasiphula wayesaphil­a.

Ukucela imvula eMakhosini

Nxa kuyocelwa imvula eMakhosini uMasiphula naye wayezisho izibongo zamakhosi kodwa yena wayengehli enyuka njengoMago­lwana kaMkhathin­i wakwaJiyan­e imbongi enkule yezwe. Wayema nje asho izibongo. Kwakuthi kusaqhutsh­ekwa kubonakala amafu entabeni yemikhonto lapho kuhlangana khona imifudlana; iMbilane, iMpembeni noMzinhlan­ga.

Ukufa kukaMasiph­ula kaMamba Ntshangase

Washona ngoNcwaba ngonyaka we1873, ngemuva kokuba uTheophilu­s Sheptone kade eseMlambon­gwenya. iSilo uCetshwayo sona sabekwa nguShepsto­ne mhla lu-1 kuMandulo 1873. Kwakukhona uMasiphula, uNtshingwa­yo kaMahole Khoza, uMntwana uHhamu Zulu, uMnyamana Buthelezi, Mavumengwa­na kaNdlela Ntuli nabanye. UCetshwayo wacela uShepstone ukuthi atshengise ukuthi badubula kanjani ngezibhamu kodwa kungafakwa izinhlamvu.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa