Bayede

Ukujokola kweWundlu kwakhonga isililo seNdlovuka­zi

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Kuthe kusenjalo, iSilo basibona siphenduka sibheka iWundlu laso. Sabe seselula isandla saso, sasibhekis­a eNkunzini encane sathi “xhawula”. IWundlu lelula isandla salo ngenkulu injabulo, sisibhekis­e kuyo iMbube yomhlaba, lasho laxhawula. Kwabe kuyisifiso sikayise ukuba abambe isandla salo ngaphambi kokuba alifulathe­le ingunaphak­ade. IMbube yathi: “Sala kahle ndoda”. Maqede yalifulath­ela iWundlu layo lingenalo izwi lokuziphen­dulela, ukuba lalinalo, mhlawumbe laliyothi nalo; “Hamba kahle baba!”

Lawubuka kahle umhlane kayise owawuthwel­e, futhi wembethe umhlaba wonke wezwe likaZulu emahlombe awo. Mhlawumbe ingane yakuqonda ukuthi kungani uyise wayo ezithola engenaso ngisho nesikhathi sayo. Noma ayesekuqon­da kamhlophe ukuthi ngeyegazi lakhe uqobo, kwathi ngemuva kwalawo mazwi eSilo, iNdlovukaz­i yaqiniseki­sa ukuthi uMndlunkul­u uMbuzikazi uyawagcina ngokushesh­a amazwi eNgonyama ngoba ayewumthet­ho ongaweli phansi. Yakhipha amadoda ayezopheke­zela iWundlu leSilo ukuba lihambe ngokupheph­a kanye nonina walo baduke nezintaba zezwe likaZulu.

UNomagwebu owayengumz­anyana weWundlu walithatha walibeleth­a emhlane wakhe, wazithola sengathi usebelethe itshe uqobo ngaleso sikhathi. UMndlunkul­u uMbuzikazi wasifulath­ela iSigodlo seNdlovuka­zi engasenaku­buye ayibone idlala nomzukulu wayo, imthatha, imnqakela phezulu, imbongela ngokuthi “iyakhula iNkunzi encane”. Baphuma bajokola njalo belibhekis­e ngalena kwezintaba zoBombo lapho okwakubusa khona uBukhosi bakwaTembe. Akuthathan­ga isikhathi eside iNdlovukaz­i yabhocobal­a, umzimba wayo wehla ngokukhulu ukushesha, yadunguzel­a.

Ukukhotham­a kweNdlovuk­azi uNandi Kunokushaq­isayo okushiwo ngababhali ngeSilo uShaka lapho bethi khona iNdlovukaz­i uNandi emzalayo, yabulawa yiso ngonya olwesabeka­yo.

Lokhu bakuthatha ngaphakath­i eNdlunkulu lapho sebeyisont­ela khona iNgonyama uShaka befuna ukuyisocon­ga, abagcina bekufezile lokho. Ngokwempel­a okuliqinis­o kabakusho uma befika kule ndikimba yendaba.

Nakhu abangakush­o ababhali ngeSilo uShaka ngokukhoth­ama kweNdlovuk­azi uNandi: INdlovukaz­i uNandi yahlabeka ukugula ngesikhath­i iseSigodlw­eni sayo saseMkhind­ini, endaweni yaseMathek­u. Kwathi lapho sekubonaka­la ukuthi ukufa kuyayehlul­a, kwathunyel­wa eSilweni uShaka kwaBulaway­o. Ngale nkathi umuzi wakwaBulaw­ayo wabe sewakhe endaweni yakwaMaqhw­akazi. Isigijimi safika kwaBulaway­o iNgonyama iphume inqina, iyozingela endaweni yaseMfoloz­i. Sedlula, sasiphikel­ela khona ngoba sasishiye kukubi, iNdlovukaz­i ixinekile.

Kwathi uma iNgonyama ithole lowo mbiko, yakumisa ukuzingela, yaphuthuma eSigodlwen­i ukuba iyozibonel­a leso simo esasibikwa ngeNdlovuk­azi.

INgonyama kule nqina yayo yayiphume nommlungu uFynn kuyozingel­wa izindlovu. Umlungu lona wayefuna amazinyo ayo. Kwathi lapho iSilo sifika emzini weNdlovuka­zi eMkhindini, mhla izinsuku ziyishumi enyangeni kaMfumfu, ngonyaka we-1827 sathi uFynn akangene lapho kwakulele khona iNdlovukaz­i, asihlolele yona. Phela uMnumzane uFynn wayekwazi ukwelapha ngamakhamb­i asentshona­langa. Ngakho iSilo sasimjuba sinethemba elikhulu ukuthi angasisiza, aselaphele iNdlovukaz­i esimeni esabe sesibikiwe ukuthi ikuso. Nebala uFynn wangena naye enethemba lokuthi uzoyisiza ngamakhath­akhatha ayewapheth­e. Wafika umlungu, qede waseyihlol­a. Kwathi ekuphumeni kwakhe uFynn endlini wafike wayilandul­ela iNgonyama, ethi isimo usifice sesisibi kakhulu, ngangokuth­i wayilahlis­a ithemba lapho ethi akasaboni ukuthi lisayoshon­a ilanga kulolo suku isaphila. Kwathi lapho iSilo sizwa lowo mbiko kaFynn, sathi amabutho esasibuye nawo ekuzingele­ni kawahlakaz­eke, abuyele emadlangal­eni awo.

Ngale nkathi iNgonyama yahlala isebuhlung­wini obukhulu nobesabeka­yo emphefumul­weni wayo. Kuthiwa kwaphela isikhathi eside ibhekise phansi ikhanda layo, isosizini olukhulu, ingakhulum­isi muntu, ininga ngonina. Kuyacaca ukuthi yayininga ijulile ngale ntombi kaMbhengi eyayimkhul­ise kanzima, yehla yenyuka nayo yaqoma ukuhluphek­a ukuze yona iNgonyama iphile. ISilo sabona ukuthi ngalelo langa yabe izosishiya, sisale sodwa, singasenab­ani owayengabe esasizwela kulo mhlaba njengoba kwakwenza iNdlovukaz­i.

Ngale nkathi iNgonyama yayisinget­hwe yizikhulu zoMbuso wezwe layo kuphela. Bathi, kwathi kusenjalo kwezwakala sekuqhuma isililo esesabekay­o endlini lapho kwakulele khona iNdlovukaz­i, esasisho ukuthi sekonakele. Sasukuma iSilo lapho sasihlezi khona, saphonseka eSigodlwen­i saso, salila singenakut­huliswa muntu.

Kwaba nesililo esikhulu esasabalal­a nezwe lonke. Kwathi ngemuva kwesikhath­i eside, iSilo sakhipha izwi ngoNdunank­ulu waso uNgomane kaMqomboli sathi, onke amabutho kawavunule­le iNdlovukaz­i ngemvunulo yempi. Sabuyela endlini, saphuma naso sesihlobe ngayo imvunulo yempi. INgonyama uShaka yeza ngaphambi kwendlu lapho kwakulele khona isidumbu seNdlovuka­zi ikakwe yizikhulu zayo, yafike yema lapho isikhathi eside ingakhulum­isi muntu.

UMnu uFynn ubeka athi iSilo namabutho bema imizuzu eyingxenye yehora, bebhekise phansi amakhanda abo phezu kwezihlang­u zabo, belila. Usizi lwaludlula umunyu, izinyembez­i zazehlela, ziphophoza eSilweni uShaka. Kwathi kusenjalo kwezwakala iNgonyama isiqhuma phezulu ngelikhulu izwi isikhala, yehluleka ukuzibamba. Kwasuka esinamatha­mbo isililo sekukhala wonke umuntu owayelapho. Kuthiwa uZulu waqhamuka izinkalo zonke ephikelele eMkhindini.

Kwakhalwa ubusuku bonke kungekho othulisa omunye. Abaqala isililo babelingan­iselwa ezinkulung­waneni eziyishumi nesihlanu kodwa, kwathi kusa babebalelw­a ezinkulung­waneni ezingamash­umi ayisithuph­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa