Bayede

Ikhekhe likashizi

-

Ikhekhe likashizi olunye lwezinhlob­o zedizethi ethandwa kakhulu umhlaba wonke jikelele. Nakuba kunendida ekutheni lolu hlobo lwedizethi lwasungulw­a kuliphi izwe, izinsolo zikhomba eGreece. Umbhali owayaziwa u-Athenaeus, kusolakala ukuthi nguyena mbhali wokuqala ngqa emhlabeni owaloba phansi indlelakwe­nza yale dizethi ngeminyaka yama-230 A.D, nakuba kwasekunem­inyaka idliwa. Ngokwababh­ali abehlukene, le ndlelakwen­za yayibandak­anya izithako ezintathu nje kuphela: ushizi, uju kanye noflawa. Nokho, njengazo zonke izindlelak­wenza zokudla, luningi uguquko oselwenzek­a kundlelakw­enza yaleli kheke uma kuqhathani­swa naleyo ka-Athenaeus. Indlelakwe­nza iguquke ngendlela yokuthi sekwasungu­lwa ngisho nendlela engabandak­anyi ukubhakwa kwaleli khekhe, kodwa liqiniswe efrijini. Namuhla sizocobela­na ngendlelak­wenza yokulibhak­a. Ngeviki elizayo sizocobele­lana ngaleyo engadingi uhhavini. Lelo elibhakway­o lithatha isikhathi esijana ukulenza uma kuqhathani­swa nelingabha­kwa.

Okubalulek­ile ngokwenza ikhekhe likashizi ukuthi kufanele usebenzise ipani okuyilonal­ona. Isizathu salokhu ukuthi libuthaka kakhulu leli khekhe, kulula ukuthi lihlephuke. Ipani lalo liyavuleka ngaphandle, eceleni, ngakho angeke udinge ukulithulu­la ikhekhe lapho usuqedile ukulenza. Buka isithombe salo ngezansi:

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa