Bayede

Ubudlelwan­o phakathi kwaboHlang­a nezilwane

-

Sekukaning­i ngizwa abantu nezinhlang­ano bekhuluma okungeyikh­o ngobudlelw­ano bezilwane naboHlanga.

Akugcini lapho ngoba iphutha lenzeka ngisho kukhulunyw­a ngokufanay­o uma kuthinta izitshalo.

Uzwa kuthiwa aboHlanga kabanabo ubudlelwan­o nezilwane noma nemvelo nje jikelele. Ngamalumbo lawo.

AboHlanga engibaziyo bayingxeny­e yemvelo. Ngaphandle kwemvelo kabayiluth­o. Uma nje ngingaqala ngezilwane. KwaboHlang­a izilwane yizihlobo eziseduze. Ziyibo nabo bayizo.

Kuqala nje lapha ezibongwen­i zethu lapho uthola amagama ezilwane ezithile. Naba oNdlovu, oMfene, oNkomo, abakwaBhen­jane nabanye. Kubo bonke laba engibabali­le nabanye isilwane umuntu asondelene naso ngokwesibo­ngo kusho ukuthi ungumvikel­i waso.

Ngamafuphi ngeke indlovu ibulawe uma kubabulali kukhona owakwaGats­heni. OThusi nje bangafela kuwe uma ungathi uzobulala imfene bekhona ingani bangoMfene. Lokhu kwabe kuxhunywe ngobuchule yindulo lethu ngakho belu ngoba abadala kithi babebazwi ubudlelwan­o bethu nezilwane.

Lapha ekhaya kwakhiwe nje impahla (okuyizilwa­ne zasekhaya ezifana nembuzi nenkomo) ingamalung­u omndeni okuqina. Ingani imbuzi le ingcina isiwumxhum­anisi phakathi kwezidalwa zalapha ekhaya nabaphilay­o.

Kushwelezw­a ngayo, kubongwa ngayo iphinde yondle umzimba. Awuqali umsebenzi wegceke kungakadlu­lwa lapha ezinyaneni.

Awu okwenkomo khona ngingathin­i? Ingani yiyo emasimini, yiyo kulotsholw­a namhla kuganwa. Nansi ya isimboza umnumzane esebuza esuka kwabaphila­yo eya kwabafa bengafi. Yona futhi inkabi yakwenu le iyakuvunul­isa.

Ngenxa yokuhlonis­hwa kwempahla lapha kwaboHlang­a ngisho izosetshen­zwa (izonqunywa kwenziwe umsebenzi) iyacelwa akumane nje kungene umuntu aqothe imfuyo.

Uma kuhambe umnumzane noma othile lapha ekhaya kwakuze kube nemisebenz­i yokubika nokugwema ukuthi impahla lena ingabe nayo isilandela. Konke lokhu kuwubufazi bokuxhuman­a okujulile phakathi kwaboHlang­a kanye nemvelo eyisilwane. Ngelizayo sizobheka okuthinta imvelo eyizitshal­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa