Ubudlelwano phakathi kwaboHlanga nezilwane
Sekukaningi ngizwa abantu nezinhlangano bekhuluma okungeyikho ngobudlelwano bezilwane naboHlanga.
Akugcini lapho ngoba iphutha lenzeka ngisho kukhulunywa ngokufanayo uma kuthinta izitshalo.
Uzwa kuthiwa aboHlanga kabanabo ubudlelwano nezilwane noma nemvelo nje jikelele. Ngamalumbo lawo.
AboHlanga engibaziyo bayingxenye yemvelo. Ngaphandle kwemvelo kabayilutho. Uma nje ngingaqala ngezilwane. KwaboHlanga izilwane yizihlobo eziseduze. Ziyibo nabo bayizo.
Kuqala nje lapha ezibongweni zethu lapho uthola amagama ezilwane ezithile. Naba oNdlovu, oMfene, oNkomo, abakwaBhenjane nabanye. Kubo bonke laba engibabalile nabanye isilwane umuntu asondelene naso ngokwesibongo kusho ukuthi ungumvikeli waso.
Ngamafuphi ngeke indlovu ibulawe uma kubabulali kukhona owakwaGatsheni. OThusi nje bangafela kuwe uma ungathi uzobulala imfene bekhona ingani bangoMfene. Lokhu kwabe kuxhunywe ngobuchule yindulo lethu ngakho belu ngoba abadala kithi babebazwi ubudlelwano bethu nezilwane.
Lapha ekhaya kwakhiwe nje impahla (okuyizilwane zasekhaya ezifana nembuzi nenkomo) ingamalungu omndeni okuqina. Ingani imbuzi le ingcina isiwumxhumanisi phakathi kwezidalwa zalapha ekhaya nabaphilayo.
Kushwelezwa ngayo, kubongwa ngayo iphinde yondle umzimba. Awuqali umsebenzi wegceke kungakadlulwa lapha ezinyaneni.
Awu okwenkomo khona ngingathini? Ingani yiyo emasimini, yiyo kulotsholwa namhla kuganwa. Nansi ya isimboza umnumzane esebuza esuka kwabaphilayo eya kwabafa bengafi. Yona futhi inkabi yakwenu le iyakuvunulisa.
Ngenxa yokuhlonishwa kwempahla lapha kwaboHlanga ngisho izosetshenzwa (izonqunywa kwenziwe umsebenzi) iyacelwa akumane nje kungene umuntu aqothe imfuyo.
Uma kuhambe umnumzane noma othile lapha ekhaya kwakuze kube nemisebenzi yokubika nokugwema ukuthi impahla lena ingabe nayo isilandela. Konke lokhu kuwubufazi bokuxhumana okujulile phakathi kwaboHlanga kanye nemvelo eyisilwane. Ngelizayo sizobheka okuthinta imvelo eyizitshalo.