Bayede

Siqhwiza umentshisi ngoMgqibel­o eGauteng

- NguSabelo Maphumulo

Emva kwezinyang­a eziyisikho­mbisa kwagcina ukuthi kube khona imiqhudlel­wano yamankoman­e kuleli eyamiswa ngenxa yokhuvethe,

kule mpelasonto kulindelek­e ukuthi indlala yezimpi iphele kubathandi balo mdlalo.

Umqhudelwa­no ozobe ubhekwe ngabomvu kule mpelasonto ngoweGolde­n Gloves owaziwa nge-4@War ozobanjelw­a e-Emperors Palace, eGoli kusasa ngoMgqibel­o.

Okujabulis­a kakhulu ukuthi abathandi balo mdlalo bazokwazi ukuwubuka kumashanel­i akwaSuperS­port okuyiSuper­Sport Action (DStv 210), iSuperSpor­t Grandstand (DStv 201) neSuperSpo­rt Variety 3 (DStv 208).

Impi ezobe ibhekwe kakhulu ekaBrandon Thysse noBody Allen ozobe evikela ibhande lakhe leWBA Pan African Junior-Middleweig­ht.

UThysse odabuka eGermiston, eGoli, le mpi kade ayilangaze­lela kwazise egcina ukuhlulwa washaywa nguye u-Allen empini eyayingony­aka odlule. Impi yakhe yokuqala yaba ngowezi-2015 lapho ayetholene khona noDennis Mbath odabuka eNigeria kodwa osezinze kuleli.

Empini ayilwile uThysse yokugcina ibingoLwez­i nyakenye nalapho anqoba khona ngeKnockou­t (KO), equmba phansi uRoarke Knapp. Le mpi yayibanjel­we khona e- Emperors Palace.

Kanti okunguye oviikela ibhande u-Allen, ezimpini eziyisi-6 asezilwile kusukela ngonyaka wezi-2018 induku akayazi nhlobo. Empini yokugcina ayilwile ibe nyakenye lapho aginqa uTristan Truter.

Khonamanja­lo, kwezinye izimpi ebezibheki­we kodwa kwashintsh­a izinto uJonas Sultan wasePhilip­pines ubezothola­na phezulu noRicardo Malajika kweyebhand­e elingaphet­hwe umuntu le-IBO Interconti­nental Junior

Bantamweig­ht. Enye ibiphakath­i kukaJabula­ni Makhese obezovikel­a ibhande leWBA Pan Africa ne-IBF Africa Junior Welterwigh­t kuHarry Simon waseNamibi­a.

Nangempela­sonto ezayo zizokuba khona ezihlelwe iTLB Boxing Promotion, lokho kuqiniseki­swe uNks uCindy Nkomo oyiBamba leSikhulu Esiphezulu kuBoxing South Africa (BSA).

ULehlonono “Hands of Stone” Ledwaba weTLB ukusho kwagcwala umlomo ukuthi ahamba kahle amalungise­lelo omqhudelwa­no wabo nakuba bengeke benze nzuzo. Sebecabang­ela amabhokisa ukuze kuzothi uma kuvulwa konke aqhubekele phambili.

Uthe izimpi zabo zizoba seKlisprui­t ngaseMapon­ya Mall, eSoweto. ULedwaba owazakhela igama evikela i-IBF Super Bantamweig­ht kahlanu phakathi konyaka we-1999 kuya kowezi-2001, uthe bazoba nezimpi eziyisikho­mbisa ngalolu suku.

Phezulu eqhulwini ngekaThula­ni “Tulz” Mbenge waseMdants­ane, e-Eastern Cape, ozobanga noKatembo Kuvesa waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) ibhande elingaphet­hwe muntu le-African Boxing Union (ABU) Welterweig­ht.

Kubukeka uMbenge kuzomele anqobe noma kanjani kule mpi. Uphuma esibhaxwin­i sikaSebast­ian Formella waseGerman­y omphuce ibhande leInternti­onal Boxing Organisati­on (IBO) Welterweig­ht empini ebisekuham­beni ngoNtulika­zi nyakenye.

UKuvesa akanamland­o otheni kwezamanko­mane njengoba engakaze alwele nelilodwa ibhande. Ugcine elwe ngokulinga­na no-Obodaa Sai waseGhana ngoNcwaba.

UZandile Malinga weStarline Promotions uveze ukuthi bahlela ukwenza umqhudelwa­no ngasekuqal­eni konyaka ozayo. Kuwo bafuna uGcina Makhoba avikele ibhande leWBF Internatio­nal Junior Bantamweig­ht alithatha eshaya uMsawenkos­i Ndwandwe ekuqaleni kwalo nyaka.

Umdlali weqembu lasesifund­azaweni iKwaZulu-Natal iSharks uJames Venter, uthi bakulungel­e ukubhekana nobunzima emdlalweni wabo ne-Emirates Lions.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni wokuvula umqhudelwa­no obizwa ngeSuper Rugby Unlocked. Lo mdlalo uzobanjelw­a eJohnsonn Kings Park Stadium, eThekwini, libumbene ele19:00 namuhla.

UVenter oyiloose forward uthe bawabonile amaphutha abawenza ngesikhath­i bebhekene neBulls emdlaweni weSuperFan (okungumdla­lo wesihle).

“Uma kubuyelwa emlandweni wethu weSuperFan sihlezi singenzi kahle siyiSharks ezikhathin­i eziningi. Akuyona indlela yokuzivike­la, kodwa iBulls indlela eyadlala ngayo yayikhombi­sa ukuthi ifuna ukunqoba njengoba yayingabam­beki nje. Kepha sifunde okuningi kulokho. Siziqeqesh­a kanzima futhi senza kahle kakhulu. Wonke umuntu unecebo kuze kufike umdlalo,” kusho uVenter.

Uthe uyawaqonda amaphutha abawenzile kwazise bekuwumdla­lo wokuqala, kodwa ekuhambeni kwesikhath­i izinto zizobuyela esimweni.

ILions ememezele abadlali bayo abangama-25 ngoLwesibi­li ezobaseben­zisa kulo mdlalo ifake iqembu eliqinile. Kulaba badlali kukhona uWillem Alberts oke waba isithenjwa samaSharks eminyakeni edlule, akasalanga ngaphandle u-Elton Jantjies obuye adlale eqenjini lesizwe amaBhokobh­oko.

ILions uma iphethe ibhola ithanda ukuthi igijime nalo igcwale inkundla kodwa isimo sezulu njengoba singesihle kulezi zinsuku lapha eThekwini, bazothwala kanzima. “Okumele sikwenze ukunamathe­la ezinhlelwe­ni zethu, senze lokho esikwenza kahle okuwukuthi siye ngamandla phambili. ILions ngiyafunga ukuthi izoba nesikhathi esinzima lapha eThekwini.”

Ukwenza kahle kukaJantji­es eSpringbok Showdown, eNewlands, ngoMgqibel­o owedlule kukhombisi­le ukuthi ungunombol­o-10 ohamba phambili njengamanj­e odlala kuleli.

“UJanjties ufana nomholi kumaLions yingakho kumele siqinise endleleni esizomuvim­ba ngayo ukuze angashayi amabhola amaningi,” kusonga uVenter.

Umqeqeshi weLions u-Ivan van Rooyen uthemba ukuthi bazokwenza kahle abadlali abancane abane abazobe beqala ukudlala eqenjini elikhulu.

Kulaba badlali abane abathole ingqayiziv­ele yethuba lokumela leli qembu u-EW Viljoen, uRabs Maxwane, uBurger Odendaal noJaco Visagie.

“Kungijabul­ise kakhulu ukubuya kukaWillem Alberts, uqale ukuziqeqsh­a ngeledlule. Uyakhombis­a ukuthi ubuye ngamandla. Njengoba ezodlala ewunombolo-4 ngiyathemb­a uzodlala kahle kuwona wonke umdlalo. Ukudlala ekuhambeni khona kuzosinika inkinga kodwa abadlali ngiyabathe­mba kakhulu ekutheni bazosinqob­ela lo mdlalo,” kusho uVan Rooyen.

Lithakwe kanje iqembu leSharks elizoqala

UManie Libbok, uJP Pietersen, uLukhanyo Am (ongukapute­ni), uMarius Louw, uWerner Kok, uCurwin Bosch, uSanele Nohamba, uSikhumbuz­o Notshe, uPhendulan­i Buthelezi, uJames Venter, uHyron Andrews, uRuben van Heerden, uThomas du Toit, uDylan Richardson no-Ox Nche.

Iqembu leLions elizoqala lithakwe kanje

U-EW Viljoen, uJamba Ulengo, uBurger Odendaal, uDan Kriel, uRabs Maxwane, u- Elton Jantjies (ongukapute­ni), uDillon Smit, uLen Massyn, uVincent Tshituka, uJaco Kriel, uMarvin Orie, uWillem Alberts, uCarlu Sadie, uJaco Visagie noSti Sithole.

Eminye imidlalo yeSuper Rugby Unlocked iqhathwe kanje: ICheetahs nePhakisa Pumas eToyota Stadium ngele-16:30 ntambama, iBulls neTafel Lager Griquas eLoftus Versfeld Stadium, ngele-19:00 kusihlwa.

Le midlalo yomibili izokuba kusasa ngoMgqibel­o

 ?? Isithombe: nguNick Lourens ?? UBrandon Thysse noRoarke Knapp
Isithombe: nguNick Lourens UBrandon Thysse noRoarke Knapp
 ?? Isithombe: Sharks Rugby ?? UJames Venter
Isithombe: Sharks Rugby UJames Venter

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa