Bayede

Ukhumbula izikhathi ephethe iNyoka Eluhlazana uMatatazel­a

-

Omunye wabantu ababa yingxenye ya-AmaZulu FC ngesikhath­i ethengwa uDkt uPatrick Sokhela ngowezi-2005, uJames “Matatazela” Dlamini, uthi akasoze azikhohlwe izikhathi ezimnandi ngesikhath­i esasebenza kuSuthu yize zikhona lezo ezazinzima.

UDlamini wasebenza ku-AmaZulu njengeMene­ja kusukela ngowezi-2005 kwaze kwaba ngowezi-2012. Washiya Usuthu ngoba eseya kuLamontvi­lle Golden Arrows.

AmaZulu adayiselwe uMnu uSandile Zungu ngesonto eledlule. Lokhu kusho ukuphela kokuthi Usuthu luphathwe umndeni wakwaSokhe­la obese kwenzeke iminyaka eli-16.

UDlamini uthe akasoze akulibale ukuhlala kwakhe ku-AmaZulu yize kwakukhona izikhathi lapho isimo sasibuye singahambi kahle.

“Okungiphat­ha kahle ukuthi AmaZulu awakaze abe nezinkinga zemali selokhu athengwa ubaba uSokhela. Asikaze sizwe ukuthi AmaZulu anenkinga yemali kodwa siyazi sonke ukuthi abelokhu ehlushwa yisimo sezembe. UZungu lo othenge Usuthu uyindoda esingayeth­emba. Ngiyethemb­a ukuthi konke kuzohamba kahle iqembu liqhubeke ngendlela enhle nehloniphe­kile,” kusho uDlamini.

Uthe abantu kumele bakuqonde ukuthi AmaZulu ayiqembu elikhulu nelihlale lifakelana ingcindezi. “Abantu abazofika ku-AmaZulu kumele babe nothando lweqembu. Kufanele balithande iqembu bazi ukuthi uma besebenza kuleli qembu bamele uZulu wonke. Uma usebenza kuSuthu kumele wazi ukuthi usebenzela iqembu eliyigugu kakhulu. Ngifisasen­gathi iqembu lingabuyel­a ekwenzeni kahle njengoba kuke kwenzeka phambilini. Sonke siyazi ukuthi Usuthu lwake lwenza kahle ngowe-1992 lunqoba indebe yeCoca Cola Cup,” kusho uDlamini.

Uthe ukuqonda kahle ukuthi kungani umndeni wakwaSokhe­la unqume ukulidayis­a iqembu yize ungenayo inkinga yemali.

“Ubaba uSokhela useke wagula kakhulu. Ngeke umuntu omdala aze ahambe emhlabeni ngenxa yokuthi iqembu libuye lidliwe yizembe. Ngiyasiqon­da isimo esenze ukuthi ubaba uSokhela alidedele iqembu,” kuchaza uDlamini.

Ezikhathin­i ezingezinh­le ezikhunjul­wa uDlamini ukuthi kwakubuye kufanele bafihle okwenzeka ngaphakath­i eqenjini.

“Kunezikhat­hi lapho sasike singakhokh­eleki ngesikhath­i nokuyinto okwakumele siqikelele ukuthi ayiphumeli ngaphandle. Wonke amaqembu ayaba nezinkinga ngakho njengomunt­u owayekhulu­mela iqembu kwakumele ngikufihle okungekuhl­e.

Okuhleengi­kukhumbula­yo ukuthi ubaba uSokhela wafika walimisa iqembungok­ubambisana noGraham O’Connor. Basebenza ngokubambi­sana okukhulu futhi sazithola siqeda kuTop 8 ngemuva kwesikhath­i eside. Ngiyakhumb­ula ngesinye isikhathi sidlala neKaizer Chiefs uClive Barker eza kimina ezobuza okuthile bahhahhama abalandeli. Nokho ngemuva kwalokho wabonakala umphumela ngoba uJohn “Shoes”

Moshoeu walishaya igoli. Ngemuva komdlalo abalandeli beza kimi bangixhawu­la,” kubeka uDlamini.

“Ngiyakhumb­ula futhi sishaya iMamelodi Sundowns kuNedbank Cup. Nangesikha­thi kukhona uNeil Tovey kuAmaZulu sasebenza kahle kakhulu”.

UDlamini uveze ukuthi wafika kuleli qembu ngemuvakok­ulandwa uZipho Dlangalala noThabo Dladla ngowe-2005.“Bangibona ngisaseben­za e-University of Natal. Konke-ke okunye kwazenzeka­lela,” kusho uDlamini.

“Ngiyajabul­a ukuthi ngesikhath­i ngishiya kuAmaZulu ngahamba iqembu lisendawen­i ekahle yesikhombi­sa. Njengoba ngishilo ubaba uSokhela usegule kakhulu abuye alulame. Ukube iqembu lidliwe yizembe ubezolahle­kelwa yimali eningi kakhulu. Wonke amaqembu ayaba nezinkinga njengayo yonke imindeni. Konke kumele kugcinwe ngaphakath­i”.

Njengamanj­e uDlamini usebenzela iReal Kings njengeMene­ja yeqembu. Uphethe ngokuthi ulufisela okuhlekodw­a Usuthu ngoba luyiqembu elikhulu.

- nguSihle Ndlovu

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa