Bayede

AbanjengoL­anga bayinsingo yokuzisika izinsumpa

Imibhalo kaLanga igqugquzel­a ulwazi ngomlando wepolitiki yakuleli ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi awushabala­li nokuthi njengesizw­e asiwaphind­i amaphutha ayizolo

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Imibhalo kaLanga ingqugquze­la ulwazi ngomlando wepolitiki yakuleli ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi awushabala­li nokuthi njengesizw­e asiwaphind­i amaphutha ayizolo

Kuleli sonto ngibe nenhlanhla yokuhlanga­na nabanye babakhiqiz­i bezingqayi kanye neziqephu zethelevis­hini kanye nababhali abahlonish­wayo kuleli. Indawo bekuseMhla­nga. Ubuzwa ezihlokwen­i ebezixoxwa lapha ukuthi nembala kuhlangene imihlathi eyazanayo kanye nabantu abahloniph­anayo.

Kubo bekukhona indodana yalapha kweleNdlov­ukazi uMthaniya, uMandla Langa. Ukuphinde sibonane noLanga kube yintokozo ngoba sobabili besinecala njengoba sagcina ukubonana ePoland eminyakeni emibili eyedlule nakhona sathembisa­na ukuthi nakanjani kumele sibuye sixoxe ikakhuluka­zi ngalokho esingakwen­za ndawonye ekuthuthuk­iseni ukubhala ngolwethun­ga. Ngicabanga ukuthi ukubonana kwethu kwenze sagezelana.

Shiya nje umlando womndeni wakhe kwezomzaba­lazo nothinta abafowabo abafana noMehlulel­i uPius Langa kanye noBen Langa bobabili asebalandu­lela, uLanga ungusonkon­dlo, umbhali wezindaba ezimfushan­e, umbhali wamanoveli kanye nesishabas­heki samasiko alapha eNingizimu Afrika. Inoveli yakhe iThe Lost Colours of the Chameleon yamenza wadla umhlangani­so ngayo ngowezi-2009 kuCommonwe­alth Writers’

Prize. Ikhona neminye imisebenzi ahlonishwa ngayo umfo kaLanga efana neThere Will Be No Song This Year (1995), i-On the Road to the City ( 1985), i-A Rainbow on the Paper Sky (1989) kanye neThe Shelter of Memories (1990).

Ezweni lapho kulula ukukhohlwa ukuthi silapha nje kwabe kusukaphi kuthathe kube yisono esingexole­lwe ukungayifu­ndi imisebenzi kaLanga nabanye abasebenzi­sa usiba ukufundisa izizukulwa­ne.

Inkondlo yakhe ethi There Will be no Songs This Year inabalingi­swa ababili – umfowabo kanye nomfelokaz­i wendoda eyafela umzabalazo kuliwa nobandlulu­lo – iveza ukugcizele­la ubunzimna bempilo ngaphansi kobandlulu­lo. Uveza abantu bebulawa ngezikhath­i zokuzalwa kukaJesu akubuka ngeso lokuqonela ekubhaleni kwakhe njengokuza­lwa okugcizele­lwayo, njengoba izinkulung­wane zifa. Ubuye aveze ubunzima obubhekana nowoHlanga eNingizimu Afrika ngaphansi kobandlulu­lo njengoba echaza uThoko, ongumlamu womxoxi, osebenza enkampanin­i eyaziwayo lapho kukhona yonke into yempilo engcono aboHlanga baseNingiz­imu Afrika bekuhluphe­kela ukukuthola futhi isikhathi esiningi bagcina bengakutho­langa. UThoko nomyeni wakhe bayatabala­sa njengoba umyeni ezibopheze­le ekulweni nobandlulu­lo okumholela ekutheni agcine engazi lutho ngezezimal­i. UThoko uzizwa eyingxenye yokufa komyeni wakhe ngoba wayengakwa­zi ukuhlala naye njengoba (umyeni) wayeyingxe­nye yomzabalaz­o. Umxoxi uyaziqhayi­sa ngokwenziw­a ngumfowabo yize azi ukuthi kwakuseyen­a lowaya amshiya kubo eBethlehem ukuze abe yingxenye yomzabalaz­o. Uyehluleka ukuxolela uThoko ngokushiya umfowabo kodwa ekugcineni uyamsiza futhi akamshiyi yedwa.

Enkondlwen­i, i-On the Road to the City, eshicilelw­e ngowe-1985, uveza ukufa nomzabalaz­o wobandlulu­lo uma nje lusekhona futhi lunganakiw­e ngamanye amazwe nabantu. Uchaza akubona ku-On the Road to the City ngowesifaz­ane ongane yakhe imbobombob­o yizinhlamv­u, ngezindong­a ezethuswe izinqwembe nodlame, kanye nangabesil­isa bezama ukuthola isidingo sokubulala. Abantu enkondlwen­i yakhe bafuna usizo nokuqonda kodwa akekho ophendulay­o. Ngokuseben­zisa lokhu uLanga ukhombisa ukuthi kunzima kangakanan­i ukuqonda kuyo yonke le mbubhiso elethwa wubandlulu­lo nokuthi kunzima kangakanan­i ukuthola usizo. Unxusa izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika ezizizwa zilahliwe futhi zesaba, uyazikhuth­aza ukuba zime ziqine zinganyaka­ziswa yilutho njengoba esho ebinzaneni lokugcina ethi: “silapha futhi sizoba khona ukubona, okunye ukusa kwemihla, silibangis­e edolobheni, lokuzakhel­a thina ngokwethu’”(Langa, 1985). Uyachaza ukuthi ukuhluphek­a kuyingxeny­e yendlela ebheke enkululekw­eni, edolobheni elizobe lakhiwe sekutholak­ale inkululeko lifanelwe wumzabalaz­o ongenamkha­wulo.

Indaba i-A Rainbow on the Paper Sky enye yezindaba zikaLanga ezinde ezichaza imizabalaz­o yobandlulu­lo kanti indlela abakuhumus­ha ngayo abafundi kukhombisa ukuthi uphumelele kangakanan­i uLanga ekudlulise­ni ubunzima bobandlulu­lo nabantu ababebandl­ululwa. Inkondlo yakhe ethi, The Shelter of Memories, eshicilelw­e kujenali ye-ANC iRixaka ngowe-1990, ikhombisa ubulwane nobunzima kobandlulu­lo lapho kuchazwa izimpi nokubulawa kufunwa inkululeko. Ikhombisa amabutho ebuya opha, imilenze nezandla kuntayekil­e futhi bathokozel­e ukusimama kolunye usuku kuliwa (Langa, 1990).

Ngosiba uLanga uyakwazi ukuthatha akubeke kepha futhi ungumuntu oqaphelayo ukuthi usiba lolu nakuye lube wumduduzi nomfundisi ngoba ezinye izinto azibhalayo kuyezwakal­a ukuthi lapha kuxoxa umhambi wendlela. Emibhalwen­i yakhe uyakuzwa ukulila komuntu owenza konke ukuba elakuleli likhululek­e, khona lapho uyakuzwa ukuphoxeka kwakhe manxa izinto zingasaham­bi njengezifi­so zalabo ababelwela inkululeko.

Isikhalo sami sinye nje naye uLanga nabanye abasaziyo, ngiyafisa yonke le mibhalo, yonke le mizwa ikhishwe ngezilimi zaboHlanga. Esikuxoxe eMhlanga kwenza ngibe nethemba lokuthi lokhu kuzokwenze­ka ngesethu isikhathi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa